Odokotela basabisa ngokuyisa uHulumeni enkantolo



UMhlongo yintatheli ebheke izindaba zohulumeni bendawo
Inhlangano yodokotela iSouth African Medical Association (SAMA) isisabise ngokuyisa uHulumeni enkantolo ngodaba lalabo abebefundela ubudokotela ukuthi bafakwe ezikhungweni zezempilo. Labodokotela kudinga ukuba bafakwe ezikhungweni zezempilo ukuze baphothule konke ukuqeqeshwa kwabo.
Iphini likasihlalo weSAMA uDkt uMvuyisi Mzukwa uthi odokotela lenhlangano ekhuluma ngabo bangama-288 abangafakiwe ezikhungweni zezempilo. “Into eyenzekayo ukuthi uma beqeda esikoleni odokotela kudinga ukuba bafakwe ezikhungweni zezempilo iminyaka emi-2 besuke besebenza sakufunda (internship) lapho besuke besebenza ngaphansi kukadokotela osekhulile uma bephuma bayosebenza ngabodwana lapho besuke benza umsebenzi womphakathi ikakhulukazi ezindaweni zase makhaya. Into eyenzekile uhulumeni kazwelonke uthi inkinga ikuhulumeni bezifundazwe kanjalo nowezifundazwe basitshela ukuthi banenkinga yezezimali,” kusho uDkt uMzukwa.
Uthe bayakhomba khombana abekho ababatshela iqiniso. Ephawula ukuthi lo mdanti uphazamise kanjani njengoba kudlange nokhuvethe ekumele engabe bayasiza kulezi zibhedlela uthe labo dokotela abangama-288 bangenza umehluko omkhulu kakhulu njengoba izwe lisenkingeni lize lilanda odokotela bangaphandle kepha kuhlulekwa ukuthatha izingane eziqeqeshwe kuleli, kunalokho kulandwa izingane zakwamanye amazwe zizo kondliwa eNingizimu Afrika, kepha lezingane ezifundiswe ngemali yabakhokhi bentela bahleli emakhaya babukele uhulumeni edonsa izinyawo.
Uthi inkinga ukuthi uHulumeni ulibazisa ikusasa lalezi zingane njengoba bengakwazi ngisho ukuyosebenza ezibhedlela ezizimele, ngoba kumele baqede i-Internship kanye nomsebenzi womphakathi ukuze babe ngodokotela ngokuphelele. Ephendula ukuthi ngabe abazange yini bakweseke ukulethwa kodokotela baseCuba uthe uHulumeni usengabachazela ukuthi kwenze muphi umehluko kuleli.
Kunezindaba ezizungezayo ikakhulukazi kwisifundazwe iGauteng ukuthi ngenxa yesimo esingesihle sekuthathwa nabahlengikazi abanga qeqeshelwe ukuyosebenza emagumbini abagula kakhulu (ICU) ngenxa yokuthi kuyashoda.
Ephawula ngalokhu uthe; “Iqiniso ukuthi abasebenzi bezempilo eNingizimu Afrika bayashoda, lokho sihlezi sikumemeza sisho nakuHulumeni ukuthi kuzosishaya kuphi ukwantuleka kwezisebenzi zezempilo, kodwa kuke kunakwe ezinye izinto ngaphezu komkhakha wezempilo ngoba kusuke kumele kusheshe kuqiniswe ukuze uma kufika izimo eziphuthumayo njengo Khuvethe kuzobe sekwaziwa ukuthi izisebenzi zikhona. Izisebenzi ezikhona zibuye zithathwe ziyosetshenziswa ekutheni ziyogoma, lokhu okwenza izisebenzi zisebenze ezindaweni ezihlukene ngesikhathi esisodwa lokhu okwenza baze bakhathale ngokomqondo bangakwazi nokuzinikela ngokufanele,” usho kanje.
Ephendula ukuthi ngabe sebekwazile yini ukuxoxisana noNgqongqoshe Wezempilo osabambile uMmamoloko Kubayi-Ngubane ngoba naye uveze ukuthi akaqondi ukuthi le nto yenzeke kanjani ngoba bekunabafundi abaziwayo ukuthi bazoqeda ukufunda futhi ngesikhathi esaziwayo abazobe bedinga ukufakwa ezibhedlela zika Hulumeni uthe; “Angazi iminyaka seyimingaki sizama ukuthi lolu hlelo lokufakwa kodokotela ezibhedlela luhambe ngendlela elula. Besilokhu sibalekelela kepha sesize sabona ukuthi banesikhathi sokudlala kakhulu, uNgqongqoshe osabambile ngicabanga ukuthi unamandla okwenza izinto zenzeke angikholwa ukuthi naye kufanele amangale njengathi. Yena kudinga abize abantu bamuchazele ukuthi kwenzakani, bese ebayalela ukuthi akwenzekeni. Angikholwa ukuthi usitshela iqiniso uma ethuka naye njengabantu baseNingizimu Afrika.”
Odabeni lwenkantolo, uthe babhalele uMnyango incwadi ebaphoqayo mhla zi-2 kuNtulikazi, basho ukuthi namhlanje (ngoLwesihlanu) uma bengabafaki odokotela uMnyango bazowusa enkantolo.