Now Reading
UMengameli waseTanzania uqinisa izindlela zokuziphatha ngokhuvethe
Dark Light

UMengameli waseTanzania uqinisa izindlela zokuziphatha ngokhuvethe

UMengameli waseTanzania uSamia Suluhu Hassan unxuse umphakathi ngoLwesihlanu olwedlule  ukuthi ungaluzibi igagasi lesithathu lokhuvethe, ngemuva kokuthi owayemandulele, uJohn Magufuli ongasekho, ethuse umhlaba ngendlela yakhe yokungabaza ngalolu bhubhane. 

Selokhu uHassan angena esikhundleni ngemuva kokushona kukaMagufuli ngenyanga uNdasa, uHulumeni uguqule indlela obubukela phansi lolu bhubhane oluhlasele umhlaba wonke, lapho umemezele ukuqhelelana kwabantu nokuphakamisa ukuthi abantu ukuthi bagqoke izifonyo uma besezindaweni zomphakathi.

Okwamanje alukho uhlelo lokugomela ukhuvethe  eTanzania, kepha izwe lifake isicelo sokujoyina isikhungo esabelana ngokugomela iCOVAX futhi izikhulu lapho zisebenzisana nabalingani bezempilo ukwenza uhlelo lokusatshalaliswa, kusho iWorld Health Organisation (WHO) ekuqaleni kwale nyanga. 

UHulumeni uphinde wacela i-International Monetary Fund ukuthi uyiboleke imali eyizigidi ezingama-$571 ukuyisiza ukubhekana nezinselelo ezibangelwe ukhuvethe . “Njengoba nazi ukuthi umhlaba ubhekene nengwadla yegagasi lesithathu yomqedazwe wokhuvethe,” kusho uHassan enkulumweni yakhe ayenze noSobaba bamaKhatholika eDar es Salaam.

“Sivela egagasini lokuqala futhi neTanzania yathinteka,” engeza. “Igagasi lesibili lafika lehla manje kukhona igagasi lesithathu. Kunezimpawu zegagasi lesithathu ezweni lethu. Sineziguli ezitholakale zinokhuvethe eziye zabonakala kuleli gagasi lesithathu eselisihlasele. ”

Ngaphambi kokushona kwakhe ngenyanga uNdasa ebulawa yisifo senhliziyo esasimhluphe isikhathi eside, uMagufuli  wasichitha isisongo sokhuvethe, wasikisela ukuthi iTanzania yayingenalo leli gciwane futhi wabiza imijovo yokugomela ukhuvethe  njengozungu lwaseNtshonalanga. 

See Also

Ngaphansi kokubusa kwakhe leli lizwe, elinabantu abayizigidi ezingama-58 layeka ukubika amacala noma izibalo zabantu abatheleleke ngokhuvethe kanye nababulewe ngukhuvethe ngenyanga kaNhlaba nyakenye. UHassan uthe ngoLwesihlanu ngesikhathi evakashele esibhedlela iDar es Salaam muva nje utshelwe ngudokotela ngeziguli ezisenkingeni yokuphefumula ngenxa yalo ukhuvethe .

“Ngimcelile ukuthi akhulume iqiniso – ngambuza ukuthi kungabe laba abanenkinga kungenxa yokhuvethe yini?’ Wathi, ‘Yebo, ukhuvethe ,’” etshela isixuku sabaholi bezenkolo. “Lolu bhubhane selukhona futhi akufanele siluzibe,” kusho yena uMengameli.

Scroll To Top