Now Reading
Izingqwele kwelombhoxo zidlala okokuqala emveni kokunqoba
Dark Light

Izingqwele kwelombhoxo zidlala okokuqala emveni kokunqoba

Umqeqeshi weqembu lesizwe amabhokobhoko uJacques Nienaber uthi mancane amathuba okuthi uCheslin Kolbe abonakale emdlalweni wabo wokuqala weTest ezokuba ngeSonto elizayo.

Iqembu lakuleli lizodlala okokuqala kusukela lanqoba iNdebe YoMhlaba ngonyaka wezi-2019, lizotholana neGeorgia emdlalweni yeTest emibili. Inhloso yale midlalo ukuzilungiselela ukudlala imidlalo yochungechunge yeBritish & Irish Lions. Umdlalo wokuqala uzokuba ngoLwesihlanu ozayo mhla zimbili kuNtulikazi eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli owesibili ube mhla ziyisi-9 e-Ellis Park Stadium.

UNienaber usho lezi zindaba kade enesithangami nabezindaba maphakathi nesonto, enikeza isibuyekezo sokuthi bazilungiselela kanjani umdlalo wamaTest neLelos (iGeorgia). Lo mqeqeshi kuzoba ngiTest yakhe yokuqala le ezokuba kusukeka aqokwa njengomqeqeshi wamaBhokobhoko. “Okuzokwenza ukuthi uKolbe engabonakalali emdlalweni weTest yokuqala ukuthi iqembu adlala kulo eFrance iToulouse lizobe lidlala umdlalo wamanqamu ngoLwesihlanu, bese kuthi ngeSonto beyajovelwa ukhuvethe. Ngamanye amazwi engatheleka kuleli ngoMsombuluko noma ngoLwesibili, angikholwa ukuthi ngabe siyabenza ubulungiswa uma sidlalise umuntu ojoyina iqembu sekusele izinsuku ezimbili nje kuphela ngaphambi komdlalo. Siyawazi amagalelo akhe uKolbe kodwa sizosebenzisa abanye abadlali yena useyoze adlale emdlalweni weTest wesibili,” kusho uNienaber.

UKolbe eqenjini lakhe iTolouse udlala nomdlali walapha eNingizimu Afrika uRynhardt Elstadt, bazotholana phezulu neLa Rochelle emdlalweni weChampions Cup. Lo mdlalo uzobanjelwa eStade de France, ngele-20:45 kusihlwa.

AmaBhokobhoko neGeorgia bazotholana okwesibili emlandweni, okokuqala kwakuwumqhudelwano weNdebe YoMhlaba eyabe ise-Australia ngonyaka wezi-2003. Lowo mdlalo wanqotshwa ezikaNienaber ngamaphuzu angama-46 kwali-19. “Kumdlalo weTest yokuqala uzoba nzima kakhulu abadlali kade bagcina ukudlala ndawonye njengoba sekuphele isikhathi esingaphezulu konyaka nje iqembu lesizwe lagcina ukudlala. Siyakuqonda ukuthi sizoba namaphutha amaningi, lokho kulungile vele inhloso kuzobe ukubajwayeza ukudlala ndawonye. Emdlaweni wesibili ngiyazi ukuthi sizonqoba kakula ngoba kuzobe kukhona ukuthi sidlalile ndawonye,” kusho uNienaber.

See Also

Umdlali oyiHooker yamaBhokobhoko uMalcom Marx kuzoba nzima kumdlali ozothola ithuba lokuqala umdlalo njengoba ibanga nabadlali abasefomini nje. Endaweni yakhe uMarx ubanga noBongi Mbonambi owanqoba iNdebe YoMhlaba nosanda kusayiniswa iShaks, uScara Ntubeni noJoseph Dweba obizwe kwelesizwe okokuqala. “Sekuphele iminyaka cishe emibili sagcina ukuba ndawonye wonke umdlali uzobe elwela ukuthola ithuba lokudlala, ngeke kube khona umuntu onendawo yakhe kuzobe kudlala abadlali okufanele ukuthi bedlale. Ingakho nje nami kumele ngisebenze kanzima, abantu engibanga nabo benza kahle kakhulu kakhulukazi uMbonambi amava akhe aziwayo. Konke kodwa kulele kubaqeqeshi ukuthi bafaka bani kubadlali abali-15 abaqalayo,” kusho uMarx
Kuzo ezithinta ibhola lo mbhoxo kuleli, uyaqhubeka kule mpelasonto umqhudelwano iCurrie Cup.

Mibili imidlalo kule mpelasonto, umdlalo ozoba namhlanje uzoba phakathi kweBlue Bulls nePumas. Lo mdlalo uzobanjelwa eLoftus Versfeld ngele-19:00 kusihlwa. Emdlalweni wesibili uzokuba ngeSonto lapho kuzotholana phezulu neGriquas neFree State Cheetahs, lo mdlalo uzobanjelwa eTafel Lager Park ngele-13:00 emini.

Scroll To Top