Umnotho wasemapulazini ungakhinyabezwa ukungaphephi



UNyuswa ungungoti kwezokuxhumana kukahulumeni nombhali. Ubengumfundisi wezokuxhumana nobuntatheli kwangqondonkulu.
Umsebenzi wezolimo muhle, kodwa unezinkinga eziningi. Enye yezingqinamba zalo msebenzi ukuphepha kwabalimi, abasebenzi kanye nemindeni yabo. Umlando wokungaphephi kwabasemapulazini mude. Usukela lapho abasebenzi bebezithola bengabagilwa ngenxa yemphatho embi eqhamuka kubalimi abamhlophe abaqhuba ubandlululo. Ziningi izigameko lapho aboHlanga belahlekelwa khona yimiphefumulo, imfuyo noma amalunga omzimba ngenxa yokuhlukunyezwa abalimi abamhlophe.
Le nkinga yokungaphephi iphinde ibhekane nabalimi lapho begetshengwa khona babululawe, bathathelwe impahla noma izikhali ezifana nezibhamu. Le nkinga isidale ukubhekana ngeziqu zamehlo phakathi kwabalimi nabasebenzi kanye nemiphakathi eyakhelene namapulazi. Ezinye zezisusa zodungunyane phakathi kwale mihlathi kuba yizinto ezifana nokuzingela kwamalungu omphakathi ngokungemthetho baze beqele nasemapulazini. Lokhu akuholeli kuphela ekuthini kubangwe izinyamazane nelungelo lokuzingela. Kepha kuphinde kubangwe nokuthi abazingeli uma bedukelwe yinyamazane ehlathini bayikhipha ngomlilo ogcina usudala umonakalo omningi epulazini. Kaningi uma usomapulazi enza izaba zokuvimbela ukuzingela epulazini, njengokudubula izinja kuyaye kugcine sekuchitheka igazi noma kushiswe izitshalo njengoba abazingeli bethenga izinja zokuzingela ngezimali ezishisiwe.
Eminyakeni embalwa eyedlule umphakathi waseShowe washisa umoba nemishini yokusebenza emva kokuthi onogada bedubule babulala ilunga lomphakathi elatholakala lidoba izinhlanzi epulazini ngaphandle kwemvume.
Ngowezi-2007 kwabulawa imenenja yepulazi endaweni yaseMelmoth ngenxa yengxabano nomphakathi owakhele ipulazi. Esinye isigameko esigqamise inkinga yezokuphepha yileso sokubulawa ngesihluku kukaBrendin Horner eFree State. Emva kokuboshwa kwabasolwa abamhlophe bahlasela isizinda samaphoyisa lapho bafike bashisa nezimoto zamaphoyisa. Lesi sigameko sokubulawa kukaHorner sisuse olukhulu udungunyane kwacaca ukuthi ubudlelwano baboHlanga nabadeshi bonakala kakhulu kunakuqala. Imihlathi eyalanayo yahlanganela edolobheni iSenekal lapho kwakuyovela khona abasolwa. I-Economic Freedom Fighters yagqugquzela aboHlanga ukuthi bayovikela abasolwa. Kwadingeka ukuthi abomthetho bagoqe imikhono ukugcina ukuthula kuleya ndawo.
Okunye okuphazamisa ukuthula nokuphepha emapulazini kuba yinkolelo yemiphakathi eyakhele amapulazi esuke ikhumbula ukuthi yayakhe kulezi zindawo yasuswa, noma kwesinye isikhathi kusuke kunombango ongemuhle phakathi efaka umlimi nezizukulwane ezedlule zakule miphakathi.

Endaweni yaseMangethe eduze naseMandeni, amapulazi amaningi abanikazi bawo abangamaKhaladi agcina engasasebenzi izindawo zawela kwaboHlanga abangomakhelwane. Imizamo eminingi yokulamula ingxabano yaphelela ezeni njengoba aboHlanga babethi la mapulazi asendaweni yobabamkhulu babo kanti osomapulazi nabo babengazibekile phansi bebakhumbuza ukuthi bona bayinzalo kaDunn, okubenza babe yimisinsi yokuzimilela.
Ngesikhathi lapho kufanele ngabe kubungazwa intsha futhi igqugquzelwe ukuzibandakanya nemboni ebaluleke njengezolimo, kwehle isigameko sokuhlaselwa komlimi osemusha enhla nesifundazwe saKwaZulu Natal. Kuleli sonto, lo mlimi otshale umoba, uMongezi Ntuli, usinde ehlaselwa ngabantu abane abebehlomile.
Kuhlukana imibono kakhulu ngokuthi isixazululo singaba yini. Ngesikhathi izinhlangano zabalimi ezinamalunga amaningi angabadeshi, njenge-AgriSA, zifisa kubuyelwe emaqhingaswini afana namabutho ekwakuthiwa ngamaCommando, uHulumeni nezinye izinhlaka zithi inkinga akukhona nje ukubulawa nokungaphephi komlimi. Laba babona inkinga imayelana nokuphepha ezindaweni zasemakhaya. Yingakho kuRural Safety Strategy leli qhingasu lesekelwe enkolelweni yokuthi yonke imiphakathi esemakhaya kufanele isebenzisane ukuqinisekisa ukuphepha kawonke wonke. Lapha kusetshenzwa ngendlela edidiyelwe ebandakanya ukusheshe kusukunywe uma kunesigameko emapulazini, noma ngabe kuthinkeke usomapulazi, umsebenzi noma ilunga lomphakathi.