Sesivaliwe isahluko samacala empi yaseBosnia
UShozi yisifundiswa nombhali wezindaba zesimomazwe, wenza iqhuzu lePHD.
Liphinde lamlahla olwamacala empi uRatko Mladic. UMladic wayengumholi wamasosha eBalkan ngesikhathi kuqubuka impi yobuhlanga phakathi kowe-1992 nowe-1995 eBosnia eyayisandakuzimela emuva kwempi eyahlukanisa iYugoslavia.
NgoLwesibili imehlulile impi yakhe nengalo yomthetho njengoba abehluleli benkantolo yamacala obugebengu yamazwe omhlaba engaphansi kwe-United Nations (UN) imphikisile emizwamweni yakhe yokubuyekezwa kwesinqumo sayo sangowezi-2017 esamthola enecala lokuqothula ngokobuhlanga empini yaphinde yamugweba udilika jele. Lowo owayengumphathi wezepolitiki aphinde abe nguMengameli wesizwe samaSerb eBosnia uRadovan Karadzic usevele udonsa isigwebo sikadilikajele ngemuva kokulahlwa ngamacala afanayo.
OwayenguMengameli waseYugoslavia uSlobodan Milosevic owayesolwa ngokudala izingxabano zobuhlanga ezahlukanisa iBalkans ngeminyaka yowe-1990 wafela esitokisini se-UN ngowezi-2006 ngaphambi kokuba abehluleli ecaleni lakhe bakwazi ukuthola izinqumo.
USerge Brammertz ongumshushisi owaletha uKaradzic noMladic enkantolo uthe ngoMladic uphakathi kwezigebengu ezaziwa kakhulu empini emlandweni wanamuhla ezisebenzisa kabi isikhundla sazo samandla ukwenza ubugebengu okubandakanya ukubulawa kwabantu.
Uqhubeke wathi uMladic kufanele agxekwe yizo zonke iziphathimandla ezibhekele indawo ezweni elaliyiYugoslavia nasemhlabeni jikelele. UMengameli wase-United States of America (USA) uJoseph Biden uthe lesi sinqumo siyingqophamlando sikhombisa ukuthi labo abenza ubugebengu obunyantisayo bazobekwa icala siphinde siqinise ukuzimisela kwawomhlaba ukusebenzisana ngokuhlanganyela ukuvimbela isihluku esizayo singenzeki noma kuphi emhlabeni.
Inkantolo iphinde yasichitha isicelo sabameli sokusulwa kwamacala kaMladic afaka ukuqothwa kohlanga okuhlobene nokuqedwa kobuzwe ekuqaleni kwempi. Njengomkhuzi weBosnia Serb Army uMladic wayehlasela ngamabutho ahola izenzo zonya ezisukela emikhankasweni yokuqothwa kohlanga kuya ekuvinjezelweni kweSarajevo kanye nomvuthwandaba wempi owachitha igazi ekubulaweni kwabantu eSrebrenica ngowe-1995.
ESarajevo kwaqhuma ihlombe phakathi kwalabo ababebukele. IMeya uBenjamina Karic walubiza ngokuthi usuku lwezobulungiswa lweSarajevo iBosnia kanye nezisulu ezingenacala zempi.
Umlando onobuthi kaMladic uyaqhubeka nokuhlukanisa iBosnia futhi ithunzi lakhe elimnyama selisabalele ngaphesheya kweBalkan. KumaSerbia eBosnia uyiqhawe lempi elalilwela ukuvikela abantu balo. KumaBosniaks ikakhulukazi amaSulumane uzohlala eyisikhohlakali esibhekele ukuhlupheka nokulahlekelwa kwabo ngesikhathi sempi.
Umholi waseBosnia wesizwe samaSerb uMilorad Dodik ukhiphe inkulumo ethi isinqumo senkantolo ngoMladic siholwa ipolitiki futhi kuhloswe ngaso ukuhlangambala isizwe samaSerb njengo sesivusa iminjunju emuva kweminyaka engaka kwaphela impi. UMladic wabekwa icala okokuqala ngoNtulikazi kowe-1995. Ngemuva kokuphela kwempi eBosnia wacasha kodwa ekugcineni waboshwa ngowezi-2011 wabe esenikezelwa ku-International Criminal Tribunal yezwe elaliyiYugoslavia nguHulumeni owawusabusa ngaleso sikhathi owawusekela izwe laseSerbia.
NgokukaKathryne Bomberger ongumqondisi jikelele we-International Commission on Missing Persons owasiza ukuthola nokuhlonza izisulu zonya eBosnia uthi lesi sinqumo kumele samukelwa njengesiqinisekiso sokubusa komthetho.
Umqondisi we-Amnesty International wase-Europe uNils Muižniek uthe lesi sinqumo sithumela umyalezo onamandla emhlabeni jikelele wokuthi ukujeziswa ngeke kukwazi ukubalekelwa. Ukuthandwa kukaMladic noKaradzic kusabalele nangaphesheya kweBalkan. Baye bahlonishwa nangamanye amazwe. Inkantolo ye-UN eyaqala ukubeka uMladic icala isivele yavala iminyango yayo ngokubuyekezwa kwalesisinqumo.
UMladic ubefuna kubuyekezwe ukuboshwa kwakhe nje yingoba ethi icala lakhe lasi lasingathwa ngokungafanele i-International Residual Mechanism for Criminal Tribunals ye-UN njengoba ivele lenkantolo ilapho akangafunwa khona.