Now Reading
Namuhla uyaphela umzuliswano wokuqala
Dark Light

Namuhla uyaphela umzuliswano wokuqala

Namuhla (ngoLwesihlanu) iNkantolo Enkulu eMgungundlovu izokhipha isinqumo odabeni olithinta uhlaka loBukhosi bukaZulu, i-Ingonyama Trust emelwe yi-Ingonyama Trust Board. Lapha iBhodi labe limangalelwe yinhlangano engekho ngaphansi kukaHulumeni nethi imele ukuvikela uMthethosisekelo wezwe, iCouncil for the Advancement of the South African Constitution (Casac).

Enye yezinhlangano ehambisana neCASAC eNkantolo iRural Women’s Movement (RWM) ethi ilwela abesifazane basemakhaya. Lezi zinhlangano zifuna iNkantolo iphoqe i-Ingonyama Trust ukuthi ingenzi abantu iziqashi kodwa babe ngabanikazi bomhlaba. Kukhona namalungu omphakathi abeyingxenye yabamangali abenze izitatimende ezifungelwe ekhahlela i-Ingonyama Trust. Lokhu bakwenza bengabodwana njengoba beyingxenye yalesi simangalo.
Bafuna kushicilelwe emaphepheni nasemisakazweni yesiZulu, i-Ingonyama Trust iziqhelelanise nokukhokhisa abantu intela yomhlaba. Inqunyelwe ugwayi katiki wokuthi lokhu kufanele kwenziwe kabili ngesonto emisakazweni sasemaphepheni, esikhathini esiyizinyanga ezimbili. Bathi isimemezelo sifakwe naseHhovisi le-Ingonyama Trust sigqame, sihlale izinsuku ezinhlanu.
Ngokwabo kufanele sisatshalaliswe nasemasontweni, ezinkantolo zaMakhosi, nasezinhlanganweni zomphakathi eKZN ezaziwa yiBhodi noma ezikhethwe ngabammeli babamangali. Bathi iBhodi lenze umbiko ngencwadi efungelwe ichazela iNkantolo ukuthi liyifezile yonke imigomo ebekwe yiNkantolo esinqumeni sayo.
Liphinde linikeze bonke abafake izicelo zokuhlaliswa amaPTO, liphinde licime zonke izivumelwano zokuthenga sakuqasha elike lazenza, libonisane noNgqongqoshe kaZwelonke noMphathiswa wesifundazwe. Liphinde libonisane noNgqongqoshe kaZwelonke nowesifundazwe mayelana nezinyathelo zokwamukelwa kwezimvume zokuhlala amaPTO uma evuselelwa.

Ebese libuyisela izimali kubo bonke abese bekhokhe izimali zamalizi. I-Ingonyama Trust yaziphendulela ngokuthi okwakumele babe ngabamangalelwa kodwa bashiywa ngaphandle:
NguNgqongqoshe Wezolimo kaHulumeni waKwaZulu-Natal ngenxa yokuthi isishicilelo sezomthetho olawula ezomhlaba owaphasiswa uHulumeni waKwaZulu-Natal, wachibiyela wedlulisela amandla okunikezelwa kwamaPTO kuNgqongqoshe wesifundazwe. IBhodi likubona lokhu njengesenzo esiphambene nomthetho.

UMkhandlu waMakhosi kanye naMakhosi iziqu zawo ngenxa yokuthi abhekelele ukwabiwa kwemihlaba futhi anikeza i-ITB amandla athe xaxa mayelana nokwabiwa komhlaba.

IziNdlu zezifunda zoBuholi boMdabu ngenxa yokuthi isishicilelo sezomthetho olawula ezomhlaba owaphasiswa nguHulumeni waKwaZulu-Natal, sinikeza amandla athile uNdunankulu mayelana nezomhlaba. Ukwehluleka kwabamangali ukulandela inqubo esemthethweni. ISigaba 49 soBuholi boMdabu nokuphatha eKZN (KwaZulu-Natal Leadership and Governance Act 2005), kanye neSigaba 21 soMthetho woBuholi boMdabu ochitshiyelwe (Traditional Leadership and Government Act 2003 as amended). Yomibili le mithetho icacisa ngezindlela zokuxazulula lapho kungekho ukubona ngaso linye mayelana nemithetho yomdabu. Ihambisana nemitheshwana ngaphansi kwesigaba ngaphansi koMthetho Wezokuphatha (ITB Administration/Regulations 25). Le mitheshwana ilawula ukuthi ngaphambi kokuthi kungenwe ezinkantolo kumele udaba luyiswe kubaxazululi kuqala.

Khona lapho iBhodi lathi emaphepheni alo abamangali basheshe bendlala intombi ingakafiki, isimangalo asinaso isisekelo esibambekayo nesimiselwe emthethweni.
“Nakuba ummangali wokuqala enabe kakhulu ngamalungelo abantu ngamaPTO ayahlukunyezwa kodwa ahlulekile ukukhombisa ngisho noyedwa walaba bantu onesikhalo sabo ngokwencwadi efungelwe.
“Ofake incwadi efungelwe uMnu uNaidoo ohlala eKapa ubufakazi bakhe obusekelwe yincwadi efungelwe kaSolwazi uThandabantu Nhlapho. Ingqikithi yayo ithi uyinjulabuchopho yezomthetho wesintu nesizwe saKwaZulu. Kwabafake isicelo sasenkantolo akukho noyedwa othi wafaka isicelo sePTO kodwa sanqatshwa. Kunalokho kwaphoqeleka ukuthi athathe ilizi”, kusho amaphepha esethulo seBhodi.

See Also

IBhodi leNgonyama liphinde lithi abafaki besicelo eNkantolo bageje umgodi, kwazise noma kungathiwa amaPTO awuhlelo olungcono kodwa iBhodi alikaze libe negunya lokukhipha amaPTO. Lithi uhlelo lwamalizi luwuhlelo lwezivumelwano ngaphandle kokusebenzisa impoqo.
“Phela lowo ophoqiwe ukusayina isivumelwano kumele ethule ubufakazi obuqondile enkantolo ukuze inkantolo isithole isivumelwano siyilokhu akushoyo. Uma kunjalo lokho kusuke kuthinta lowo ofake isicelo kuphela akakwazi ukukhulunyelwa ngabanye abantu abangeyona ingxenye yecala. Umsusa wohlelo lwamaPTO kwakungumthetho wokubandlulula ngokwebala futhi ucindezela aboHlanga ukuthi bangakwazi ukuthuthuka. AmaPTO alawulwa imithetho eyahlukene nezizathu ezahlukene kodwa abamangali bathi akusetshenziswe uMthetho owodwa owaphasiswa nguHulumeni waKwaZulu. Nakuba uHulumeni waKwaZulu wawungakabi bikho ngesikhathi lo mthetho uphasiswa.”

Lesi siphakamiso ngokweBhodi sibukela phansi uMthethosisekelo wezwe othi akumele kube khona obandlululwa ngokwebala nangezinye izizathu. Amalungelo anikezwa amaPTO antekenteke kunalawo aqukethwe ngamalizi noma amatayitela abizwa ngamaDeed of Grant, futhi amalungelo amaPTO asuke enikwe umuntu siqu sakhe ngakho-ke awafani namalungelo. Ngaleyo ndlela amalungelo amaPTO awakwazi ukuba yisabelo-fa.

Lesi sinqumo noma ngabe sivuma bani kulindeleke ukuba sibeke injololozela odabeni lokubuswa ngokomdabu kanye nenqubo yedemokhrasi.

Scroll To Top