Now Reading
INgonyama mayibeke izidingo zesizwe phambili
Dark Light

INgonyama mayibeke izidingo zesizwe phambili

Ukungena eSihlalweni soBukhosi bukaZulu kukaMisuzulu kaZwelithini kumele kubuyise ithemba esizweni sonke sikaPhunga noMageba. Mawusibheka iSILO saKwaKhangelamankengane uyasibona ukuthi singabalwa nabantu abasebasha nesingathi babukeka benomdlandla. Ungathi mawusibheka bese ufikelwa umuzwa wokuthi siyaziqonda ngokugcwele izinkinga ezibhekene nesizwe sikayise uBhejane.

OkaNdaba ungena kulesi sikhundla nje isizwe esabunjwa ukhokho wakhe uShaka kaSenzangakhona ngowe-1816 sibhekene nezingqinamba ezisabekayo.
Ububha nezifo kusho ukusiqeda isizwe seNdlovukazi uMthaniya. INgonyama izothatha uBukhosi esikhathini lapho ububhane ukhuvethe ludla lubi ezweni. Ngokombiko weNational Insitute for Communicable Diseases isifundazwe sakithi iKwaZulu-Natal sinabantu abazi-4 221 abahaqwe ukhuvethe kanti asebedlule emhlabeni bazi-10 408. Ongoti bezempilo babheke ukuthi zenyuke lezi zibalo njengoba uMengameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa ememezele ngeSonto eledlule ukuthi kuza isiqubu sesithathu njengoba izwe lingena kubusika.


Ikho kanye lokhu okuholele ekutheni izwe libuyiselwe ezingeni lesibili lokuvalwa kwezwe okunemigomo ethile. Into engeke sayingabaza ukuthi lesifo sikhinyabeze kakhulu aboHlanga. Ukulahlekelwa imisebenzi, ukuncishiselwa izikhathi zokusebenza kanye nokudonsa nzima ngenxa yale simo kuthinte aboMdabu kakhulu akade bevele bedonsa nzima. Siloba nje lapha akukudala inhlangano esakaza ngomoya kuleli iSouth African Broadcasting Corporation (SABC) idilize izisebenzi ezicela ezi-600. Singabala nezinye izinkampani ezenganyelwe uHulumeni ezikhungethwe ezazo izinkinga njengeSouth African Airways, i-Eskom, iSA Post Office nezinye. Izona zonke lezi zinto iNgonyama ezozithela phezu kwazo.

Uma ngabe ubheka isibalo esikhulu samaZulu uyathola ukuthi sifudukele kwezinye izifundazwe ikakhulu eGauteng lapho sizama khona impilo. Ukuhambela nje amahositela aseGoli nezindawo zasemalokishini anjengoSoweto, iThokoza, i-Alexander noTembisa kukunika isithombe esigcwele ngokugcwala kwamaZulu kulezi zindawo. Lokhu kudalwe ukuthi amathuba emisebenzi ayantuleka esifundazweni sakithi. Noma kuthiwa abantu abekho kwezinye izifundazwe kodwa uyathola ukuthi iningi labo lizinze emadolobheni amakhulu ukuyofuna amadlelo aluhlaza.

Konke lokhu esikhuluma ngakho lapha ngenhla kuholele ekutheni isizwe samaZulu sibe nhlakanhlaka. Abantwana abakhuli kahle ngemfudumalo yabazali njengoba obaba bechitha isikhathi esiningi ematohweni emadolobheni amakhulu. Yingakho kuzoba semqoka kakhulu ukuthi ngisho abantu abazoqokelwa ukweluleka Isilo kube ngaba nothando ngalesi sizwe seLembe. Kufuneka kube abantu abanobuhlakani nobuchule obuyisimanga abazosondelana nokaNdaba. Isizwe sethu sikhalela ubuholi obuqotho obuzobeka phambili izidingo sazo ngaso sonke isikhathi.

Awukwazi-ke nokho ukukwenza lokho ungaqondi ngokujulile ukuthi isizwe sifuna ini. Into okumele ibe seqhulwini ukulwa nobubha ne ndlala esizweni. Lokhu iSILO singakwenza ngokuthi sibe nezinhlelo esingazisungula noma sisebenzele phezu kwalezi ezashiywa iMbube. Ngikholwa ukuthi ezolimo kumele zihambe phambili.

Isifundazwe sakithi sinothe kakhulu ngokuba nomhlaba ovundile kanti futhi nezakhamuzi zaso zikukhonzile ukusebenza umhlabathi. Ezikudingayo ukwesekwa. Ngokwezibalo zeCensus 2011 imizi ezibandakanya nokulima esifundazweni ibalelwa ezi-717 006. Lesi sibalo sizidlula zonke ezinye izifundazwe eNingizimu Afrika. Lokhu kusivezela ngokugcwele ukuthi ukulima into esegazini yabantu baKwaZulu Natal.

Hamba nje uye eMsinga, maphakathi nesifundazwe endaweni yasoThukela namaphethelo. Uyofika ubheme ukholwe indlela abantu bakule ndawo abazimisele ngayo ngezolimo.
Esikhathini esiningi laba bantu okungomame abenza lokhu ngaphandle koxhaso lukaHulumeni. Ngingasho ngingananazi ukuthi ezolimo ziwumgogodla wakuleya ndawo. Sisekuso isihloko sezolimo singasho sithi imfuyo enye indawo okaNdaba okumele aqinise kuyo esebenzisana nezinhlaka zikaHulumeni kanye nabalimi asebemnkantshubomvu kulo mkhakha.
Sekukudala kukhulunywa ngendaba yokubuyiselwa komhlaba kwaboHlanga. Akumele lena engabe ingxoxo ephelela kosombusazwe. Kungakhuthaza kakhulu ukubona Isilo uMisuzulu kaZwelithini kuba udaba alusukumelayo lolu. Makukhulunywa ngomhlaba akukhulunywa nje ngomhlabathi olinywayo. Sikhuluma ngokubuyiswa kwezwe lo khokho elathathwa ngendluzula izigelekeqe zabahlwithimhlaba.

See Also

Njengoba kusenziwa izinhlelo zokugcotshwa ngokusemthethweni kweSILO kungakuhle ukuthi iNgonyama isebenzise leli thuba ukudla amathambo engqondo ngezinto efuna ukuzenzela isizwe njengoba izothatha izintambo. Kuzamele okaNdaba ababheke ngeso lokhozi osomathuba abawosombusazwe abazofuna ukuzikhuhla kuye njengoba izwe libheke koHulumeni Basekhaya ngoMfumfu.

Bazozisondeza kuye ngoba befuna ukufeza izinhloso zabo. Kuncane kakhulu okwaziwa ngeNkosi uMisuzulu kaZwelithini. Siyadinga siyisizwe ukuthi maselivelile ithuba ake akhulume nathi asenekele izinhlelo zakhe zokuthi njengoba nje engena kulesi Sihlalo uzosithuthukisa kanjani lesi sizwe esidume umhlaba wonke ngobuqhawe baso. Umthetho waKwaZulu-Natal olawula izindaba zobuholi boMdabu kanye nokuphatha ukubeka kucace ukuthi iSILO siyabusa esifundazweni. Sidinga ukubona iNkosi yethu isebenzisa la mandla negunya elinikeziwe.
Masikhumbula amagalelo kayise uBhejane sifikelwa ukuzigqaja ngesintu sakithi. Ngonyaka we-1984 wavuselela uMkhosi WoMhlanga okhuthaza ukuziphatha kahle ezimbalini zesizwe zize zingene emendweni.

Kuthe ngowezi-2009 wabuyisa isiko lokusoka kwabesilisa elalivalwe iLembe emandulo. UMdlokombane wakwenza lokhu ukulwa nobhubhane iHIV/Aids olwase lushiye luvale ngehlahla esizweni. Bangaphezu kwesigidi abesilisa asebesokiwe esifundazweni. Sizokhumbula futhi ukuthi uHlanga Lomhlabathi luhambe phambili ekuhleleni imibungazo enjengoMkhosi weLembe. Ngazo zonke lezi zinhlelo iZulu Eliphezulu beliqhakambisa ukuzigqaja kwamaZulu ngemvelaphi yawo.

Ukumisa uZulu akuzuncika kuphela ekubeni okaNdaba agqugquzele ubumbano esizweni. Kuzoncika kakhulu ekutheni iNgonyama iyasinika yini ubuholi obuqotho obuzobeka phambili izidingo nezidingo zesizwe samaZulu.

Scroll To Top