Now Reading
Ithala negalelo lokuthuthukisa ezokuthutha emakhaya
Dark Light

Ithala negalelo lokuthuthukisa ezokuthutha emakhaya

Njengengxenye yokufukula nokuthuthukisa osomabhizinisi boHlanga ezindaweni zasemakhaya KwaZulu-Natal, Ithala seliphumelele ukuqala ukuguqula isithombe somkhakha wezokuthuthwa kwabantu enhla nesifundazwe.

Lokhu kwenzeka emuva kokuthi Ithala labolekisa ngesamba sezigidi ezili-R15 kumfelandawonye ozibiza ngeleMlalazi Bus Services ukuze ikwazi ukuthenga amabhasi ayisi-8 okuthutha abantu ezindaweni zasemakhaya enhla nesifundazwe.

UMlalazi Bus Service unamalunga angama-75 kanti wasungulwa ngowezi-2011.
Kuthe emveni kokuqeda ukukhokha isikweletu se-Ithala, lo mfelandawonye wabe usinikwa esinye sezigidi enzi-R3.5 ukuze bazakhele idepho eMtshezi. Sebeyakhile. Lo mfelandawonye usuqashe izisebenzi ezingama-40 eziyintsha kanti iningi lazo linesipiliyoni seminyaka elishumi lisebenza emkhakheni wamabhasi namatekisi.

OyiSikhulu Esiphezulu seThala uNks uPearl Bengu uthi Ithala lizimisele ukuxhasa osomabhizinisi abasafufusa kulo mkhakha wezokuthutha abantu, ikakhulukazi abamnyama basemakhaya njengoba sebekwenzile ukuthi lo mfelandawonye ungene kwezokuthutha. Uthi futhi unethemba lokuthi le mifelandawonye izodlondlobala kulo mkhakha angaze agcina eseba ngisho nezitimela zawo esikhathini esizayo.

See Also

Kusenjalo buqamama sekukhona enye idepho yawo futhi umfelandawonye ozibiza ngeleMthonjaneni Bus Services, nayo esingene shi kulo mkhakha ngenhloso yokuphendula isimo lapho ezokuthuthwa kwabantu kule ndawo kusaqhoqhobelwe ngabamhlophe nabomdabu baseNdiya. Lo mfelandawonye unamalungu angama-36 nawo uxhaswe Ithala ngesamba esizigidi ezingama-R26 kanti usuqashe izisebenzi ezigama-37. Kulonyaka Ithala ligubha iminyaka evile kwengama-60 lisemkhankasweni wokufukula osomabhizinisi abasafufusa ngezinhlelo ezahlukahlukene zokuxhasa.

Scroll To Top