Isililo selaboHlanga: Abanjengomfo kaBhengu kabafi



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Uyini umuntu? Lona ngumbuzo osuphithanise abantu abaningi ngoba usuke ufuna ujule kusuka ekuqhamukeni (ekuzalweni) kwakhe kuze kube uyasuswa emehlweni ethu. Nakhona kulokhu kithi benyama okungathiwa yisiphetho, ekujuleni uyabona ukuthi empeleni yisiqalo esisha nesimqoka. Uma sithola ngoSolwazi uNxumalo ngezindaba ezibuhlungu zokusuka kukaMnu uMfuniselwa John Bhengu kwabenyama eseya kwelamathonga kufike lo mbuzo ongenhla – othi kanti uyini umuntu?
Ukuqala ukuxhumana noNgcolosi kube ngenxa kaSolwazi uNxumalo. Lesi kwabe kuyisikhathi lapho sasiqala ukushicilela ElaboHlanga. Ngaleso sikhathi sasithungatha ababhali boHlanga besizukulwane nohlobo oluthize. Sasingafuni izintatheli kepha sasifuna ababhali noma abacwaningi. Amadoda okwaboniswana nawo ukuthi akasikakise laba abafunwayo kwaba nguye uNxumalo kanye noDkt uMpumelelo Mbatha. USolwazi uNxumalo ngaleso sikhathi owayematasa nephephandaba lakhe Inkazimulo wathi kimi: “Mhlobo wami lo msebenzi ophezu kwawo ujulile, futhi njengoba uthi kawufuniswe abantu bohlobo oluphambili usho ngakhona. Yikho nje nami ngiphakamisa nangu uBhengu.” Okwalandela lapho sekungumlando. Ngaphambi kokuba aqale uNgcolosi saba nomhlangano lapho kwafuneka sibekelane okuyizifiso zethu njengephephandaba kanjalo nalokhu yena njengombhali afisa ukukwenza. Umhlangano okwabe kumele ube yihora wagcina usuyingxenye yosuku ngoba safike sobabili sathola ukuthi sithanda ababhali nezincithabuchopho ezifanayo nxa kufika emlandweni we-Afrika. Lokhu kwenza kwaba lula ukuhlela izihloko kanye nokuhluza imibhalo yakhe.
UBhengu kwelaboHlanga ubebhala ngento abeyithanda i-Afrika nomlando wayo ojulile. Kusuka ekuxhumaneni kwenkolo yobuKhrestu nenkolosiko yaboHlanga, ubuhlakani baboHlanga endulo nanamuhla aze abhale sakuxwayisa ngengozi esibehekene nayo ngokulahla ubu-Afrika uma senza inqubomgomo kaHulumeni. Ibima le nsizwa kulokhu ekholelwa kukho ngoba bekwala abanye bethi bayayigagazisa bese ibeka ubufakazi bese kuthula kuthi nya. Ibikholelwa ocwaningweni olunzulu futhi ibathanda abafundi ngoba yake yathi ukunyamalala yabuya isingena nezicabha ithi “Yeyi mfanakithi, ngiyafa abafundi belaboHlanga. Bayangithethisa ukuthi ngabafaka into ephilisayo ngase ngiyabaleka. Cha ngibuyile manje bengisenza ucwaningo, manje asiqhubeke.”
Umbhalo wakhe wokugcina awuthumele kimi usishiye nombuzo omqoka lapho ethi; ‘Empeleni sigubhani e-Afrika ubuntu nobu-Afrika kuphelile? Ubebuza lokhu nje uMepho ngakho belu ngoba izwekazi lonke belithi ligubha uSuku Lwe-Afrika oluba minyaka yonke ngomhla zingama-25 kuNhlaba. Emushweni wokugcina engosini yakhe nokungamazwi akhe okugcina kithi uthe: “Okudingeka sikwenze ukuthandaza kuMvelingqangi nasemathongweni ukuthi basisize basihlenge kukho konke lokhu okubi okwenzeka ezweni lethu elingenabo ubuntu”.
Akuphelanga mahora mangaki esho njalo yaqoqa yabe isihamba insizwa. Kuthi angithi ibonile ukuthi ngeke sisheshe sikuqonde lokhu ekushoyo yabe isithi kayizijube yona mathupha yabe isiwela iya kwelaMathonga nayilapho lesi sicelo izosethula yona sedlulele nakuMvelinqangi.
Lokhu kungibuyisela embuzweni othi uyini umuntu. UBhengu ufike phakathi kwethu wasifundisa okukhulu ngathi. Wasilaya ngolwazi obelucashile kwabaningi ngabo nangemvelaphi yabo. Wasithungela obekudatshulwe kwahlukaniswa ngabomu, okuwukuxhumana kwethu boHlanga nezinye izinkolo, waveza amaqiniso okuthi thina boHlanga sinosikonkolo olungaphambene nobukhulu boMvelinqangi. Iqiniso lokuthi nathi saba nomnikelo ekuqalweni kwempucuko yesintu. Ukuthi silapha eNingizimu nje kepha singabezwekazi lonke, singama-Afrika.
Yikho njengephephandaba sithi kubuhlungu kunjalo ukuthi ngeke sisambona uMepho kepha siyala ukuthi kuphelile. Sala ngisho nokuthi kaphumule ngoxoxlo ngoba siyazi ukuthi abanjengaye abamqondo ujulile nabanothando labakwabo kabafi, kunalokho baba ngamaxusa aboHlanga kuZinyandezulu nakuMvelingqangi. Ngokuqonda lokhu egameni labaphilayo nabasazozalwa, siyabonga ndoda yamadoda, siwutho ngawe, ngeke sikudumaze.