Now Reading
Ikhono likhona KwaZulu-Natal kunobhutshzwayo
Dark Light

Ikhono likhona KwaZulu-Natal kunobhutshzwayo

Isifundazwe iKwaZulu-Natal singesibalwa njengesihamba phambili ngokuba nabadlali bakanobhutshuzwayo abanekhono. Le nkulumo engenhla ihlezi isusa okukhulu ukukhuluma ngoba abaningi abakwezinye izifundazwe bavele babuze ukuthi uma kunjalo kungani amaqembu akulesi sifundazwe engenzi kahle kuligi enkulu kuleli iDStv Premiership? Lo mbuzo kule sizini ngicabanga ukuthi uphendulekile ukuthi kungani isifundazwe iKwaZulu-Natal ibalwe njengesifundazwe esihamba phambili ekukhiqizeni abadlali, hhayi abadlali nje kodwa abanekhono.

Lokho ngikushiswo wukuthi amaqembu akulesi sifundazwe adlala ngaphansi kwePremier Soccer League (PSL) abe nesizini enhle kakhulu. Uma ngikhuluma ngamaqembu akuPSL ngisho adlala kuDStv Premiership nakuGladAfrica Championship.

KuDStv Premiership, iqembu elikhulu okanye elidala kulesi sifundazwe AmaZulu FC lisethubeni lokuqeda isizini lisendaweni yesibili kulogi. Abadlali baleli qembu basethubeni lokuthi baqokelwe emiklomelweni eyahlukahlukene kanti nomqeqeshi walo uBenni McCarthy, naye kungenzeka aqokwe kubabaqeshi bonyaka.

ILamontville Golden Arrows nayo isethubeni lokuthi imele iNingizimu Afrika kuCaf Confederation Cup uma ingagcina ingasukanga endaweni yesithathu kulogi. Umdlali wayo nongukaputeni wayo uNkosinathi Sibisi uqokiwe eqenjini lesizwe iBafana Bafana elizodlala neqembu lase-Angola ngoNhlangulana, noMandla Ncikazi naye oqeqesha leli qembu angabalwa kubabaqeqeshi abenze kahle.

Iqembu laseMgungundlovu iMaritzburg United yize lingabalwa namaqembu ayisi-8 aphezulu kulogi kodwa nakanjani ngesizini ezayo lizobe lidlala kulesi sigaba. Ngibongele umdlali wayo oneminyaka yobudala engama-20 uBongokuhle Hlongwane ngokuthi abizwe eqenjini lesizwe iBafana Bafana.

Emidlalweni eli-18 lo mdlali ushaye amagoli amathathu. Engicabanga ukuthi abathandi bakanobhutshuzwayo basesifundazweni iKwaZulu-Natal kanye noMnyango Wezemidlalo kuso lesi sifundazwe bayaziqhenya ngokwenza kahle kwamaqembu agijima kuGladAfrica
Championship okuyiRoyal AM neRichards Bay FC. IRoyal AM iqede kulogi iphezulu, okusho ukuthi siyanda isibalo samaqembu aKwaZulu-Natal azodlala kuDStv Premiership. Umphathi wali qembu u-Andile Mpisane uzozifaka emlandweni wokuthi abe ngumuntu omncane ngokweminyaka ukuthi aphathe iqembu elidlala esigabeni seligi enkulu lapha eNingizimu Afrika.

See Also

IRichards Bay FC yona isonge isizini isendaweni yesithathu kulogi, okusho ukuthi izodlala imidlalo yokuhlungela ukungena kuDStv Premiership. Uma kungagcina ngokuthi womabili la maqembu angene kuDStv Premiership, ngesizini ezayo izobe iyinala imidlalo kulesi sifundazwe ngoba kobe kusho ukuthi sizoba namaqembu amahlanu. Lokhu kumina kusho izinto ezimbili, okokuqala uma uHulumeni ungavumela abalandeli ezinkundleni kuyobe kusho ukuthi abadayisa ezinkundleni bazovulekelwa amathuba amaningi okwenza imali. Lokhu kukodwa kuzokhulisa umnotho wakulesi sifundazwe, njengoba kuzoza amaqembu amaningi ezodlala imidlalo okungaba eyeligi noma eyemikhumulajezi. Okwesibili, amaqembu amaningi akhala ngokuthi kuyagqilaza ukuhambela izifundazwe ezahlukahlukene esikhathi esincane, kakhulukazi ukuya eThohoyandou. Manje lokhu kunginika ithemba uma lawa maqembu engagcina edlala kulesi sigaba lokuthi asezokwazi ukuthi uma edlala ekuhambeni ahambele
izifundazwe ezimbalwa kodwa iqembu lilodwa lazi ukuthi lizodlala imidlalo yalo eyisi-8 uma sekubalwa imilenze emibili KwaZulu-Natal. Lokho ngikubona kuzokwenza amaqembu akulesi
sifundazwe enze kahle nangesizini ezayo njengoba enzile kule engakapheli.

No-Uthongathi FC oludlala kuGladAfrica Championship luzoqhubeka lugijime kule ligi. AmaZulu FC Reserve agijima kuDStv Diski Challenge asethubeni lokudla umhlanganiso kule ligi njengoba ezodlala umdlalo wamanqamu neMamelodi Sundowns Reserve. Leli qembu elicijwa
uNini Vilakazi lidlale kahle kakhulu ngeledlule lihlula iKaizer Chiefs Reserve ebithathwa njengezimfi vilithi.

Scroll To Top