Usuthu luvula amaphiko nezandla kwabasathuthuka kunobhutshuzwayo



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Iqembu lasesifundazweni iKwaZulu-Natal AmaZulu FC, lingelinye lalawo enza kahle kuligi iDStv Premiership njengoba lihlezi endaweni yesibili kulogi.
Ukwenza kwaleli qembu kahle akugcini enkundleni nje kuphela kodwa nangaphandle lenza okufanayo. Emasontweni amabili edlule Usuthu luqale umkhankaso wokuthuthukisa abaqeqeshi nabadlali abasebancane.
AmaZulu FC enza lokhu nje abambisene nenkampani yemishini emikhulu yokwakha iBELL.
Mhla ziyisi-8 kwephezulu bahambela indawo yakwaMaphumulo nalapho baba nohlelo eSabuyaze Sports Ground lokuqeqesha intsha elinganiselwa kwengama-80 okuhlanganisa abafana namantombazane abadlala unobhutshuzwayo kanye nabaqeqeshi abangama-25.
Ngeledlule bahambele izindawo ezimbili iSoweto ne-Alexandra. ESoweto baye eJoburg White City Jabavu Stadium naseJoburg Three Square Sports Ground ese-Alexandra. Kulezi zindawo baqeqeshe intsha elinganiselwa kweli-100, okuhlanganisa bobubili ubulili.
Lapha bekukhona izinkakha kunobhutshuzwayo uNaughty Mokoena, uGeelbooi “Goma-Goma” Masango nowake wadlalela iqembu lesizwe futhi waduma kuMoroka Swallows uMaimane Phiri. ElaboHlanga likhulume noRonnie Moroka ophethe abaqeqeshi bezinkulisa kuSuthu lamubuza ngenhloso yalo mshikashika wabo.
“Ngaphandle kokuthi sakha igama leqembu AmaZulu FC kodwa okukhulu ukuthi sidlulisele ulwazi esinalo kubantu okunzima ukuthi baluthole. Okunye ukubheka ikhono entsheni esezindaweni eziqhelelene neqembu,” usho kanje.
Uphinde wabalula ukuthi lokhu bebekwenza eminyakeni edlule, nalapho babehambela izikole nezindawo zasemalokishi okubalwa iHammarsdale, uMlaza neNanda.
Ebuzwa ukuthi kungani behambele eGoli kodwa iqembu kube kungelaKwaZulu-Natal, uthe: “Sikhombisa abantu ukuthi njengoba singa-AmaZulu nje asibona abaKwaZulu-Natal kuphela kodwa yonke iNingizimu Afrika. Njengoba siqale eGoli nje sisazozihambela ezinye izifundazwe ukuqhubeka njalo sisabalalisa ulwazi lwethu.”
UMoroka mudala kakhulu kunobhutshuzwayo njengoba wake waba isekela mqeqeshi leJomo Cosmos ngesizini yangowezi-2000/01, waba isekela mqeqeshi lawo-AmaZulu FC ngesizini yangowezi-2010/1 waphinde wabamba nakuThanda Royal Zulu ngesizini yangowezi-2013/14.
“Kuyangijabulisa ukuthi izinkulisa zeqembu zenza kahle kuze kufike eqenjini elikhulu elihlezi endaweni yesibili kulogi. Umsebenzi ka-Ayanda Mkhize ohlola ikhono labadlali ezindaweni kakhulukazi zasemakhaya uyancomeka kakhulu,” usho kanje.
Kule mpelasonto AmaZulu FC ehambisana nabakwaBELL bazohambela eMtubatuba kwaMsane Sports Ground kusasa ngoMgqibelo, kuthi ngeSonto babe seNgwavuma eMillions Sports Ground.