Now Reading
UMnyango uyazihlangula ngezisebenzi eziqashwe yisigungu esikoleni iBotate
Dark Light

UMnyango uyazihlangula ngezisebenzi eziqashwe yisigungu esikoleni iBotate

Kusuka ngoNhlolanja elaboHlanga lilandela udaba lwezisebenzi zasesikoleni samabanga aphansi iBotate kwaNdengezi eziqashwe isigungu sesikole ezikhala ngokungaholelwa ngesikhathi. 

Lezi zisebenzi kubalwa kuzo abahlanza isikole  nonogada. 

Unogada uMnu uMduduzi Buthelezi phambilini watshela leli phephandaba ukuthi ngendlela okumuhlukumeza ngayo  ukungaholelwa ngesikhathi usezimisele ukuthi kwazi umhlaba wonke. Waphinda wasola uthishanhloko ngokumujaha ngesibhamu. 

Okwakamuva uthi ngoLwesithathu uhlaselwe ngamadoda amabili esesikoleni. 

“Bathe ngiyahlupha futhi angilaleli. Bathe bangabavikeli, baphuma ngaphansi kweNkosi uShozi babhekelele ezokuphepha. Ngathi udaba alungaqedwa esangweni kepha abangene esikoleni baye kokhuluma nesekela likathishanhloko ngoba yena (uthishanhloko) akekho. Emhlanganweni basho ukuthi ngiyahlupha angifuni ukusebenza,” kusho uButhelezi elandisa intatheli.  

Uqhube wathi: “Ngenkathi libuza isekela likathishanhloko ukuthi yini iNkosi ibathume lapha, baphika bathi bathunywe uthishanhloko uMnu uPhumlani Ngubo.” 

Uthe isekela likathishanhloko labe selibahlanganisa nesigungu okuyiso esiqashe lesi sisebenzi imnyaka eyisi-7. 

“Ngenkathi bengicela ukuba ngiphume kulowo mhlangano nganikela kuSihlalo weCommunity Policing Forum (CPF) ngamtshela udaba wathi kumele alusukumele ngoba uthishanhloko uke wangijaha ngesibhamu yonke le nto bebekade bengayinakile, wathembisa ukuthi uzolwa, ngibuyele esikoleni ngoba usihlalo akekho kude kakhulu nesikole. Ngenkathi ngisendleleni kungene ucingo olufihliwe imniningwane lungibuza ukuthi sengikuphi ngoba abasangiboni. Angibatshelanga ukuthi ngikuSihlalo weCPF kepha ngithi ngisemaphoyiseni ngiyobika udaba lokuthi kunabavikeli abathi bazongikhipha,” usho kanje. 

Uqhube wathi wayalela lezi zinsizwa ukuthi zimlinde esikoleni uza namaphoyisa ukuze kuxazululwe udaba khona uthishanhloko ezolandela imigudu efanele. 

UButhelezi uthi ubezibuza ukuthi inombolo yocingo lwakhe bayithathaphi. 

“Owayekhona ngenkathi ngethula udaba kuSihlalo weCPF uthe uyabazi ubabonile bengena emotweni kathishanhloko. Kusho ukuthi wabashiya eduze kwesikole. Inkinga uthishanhloko usehlulekile ukungixosha. Emhlanganweni obumhla zingama-28 ngenyanga eyedlule bekukhona inyunyana iSadtu, ikhansela lendawo, iCPF kanye nesigungu kwavela ukuthi mhla ziyisi-5 kuMfumfu nyakenye kwathiwa kumele ngisebenze emini ngoba angiphephile, nesigungu sesikole sangifakazela,” usho kanje.

See Also

Uthe nakuba uyasebenza usethembe ubukhona bukaNkulunkulu kodwa ukube kuya ngaye ngabe kudala ashiya.

“Zonke lezi zinto ziqale ekutheni singaholi. Uyavuma (uthishanhloko) ezinhlakeni ukuthi uyazikweleta izisebenzi asho nokuthi uzoyikhokha nini imali. Kuyimanje ngifuna ukuya enkantolo yezisebenzi ngoba ngihola i-R1 950 osekuyiminyaka emine, okuyimali engaphansi kakhulu emholweni ovumelekile lapha eNingizimu Afrika. Okuyinkinga sihola esandleni engathi sisebenza epulazini,” kusho uButhelezi.

Okhulumela uMnyango Wezemfundo KwaZulu-Natal uMnu uKwazi Mthethwa, ephendula ngezingqinamba ezibhekene nalezi zisebenzi, uthe: “Inkinga ngalezi zisebenzi ukuthi ziqashwe isigungu sesikole, kumele kuphendule sona ngoba ziqashwe yiso.” 

Libuza elaboHlanga ukuthi kwenziwa njani uma kunale nkinga njengoba nomunye oyilungu lesigungu sesikole aphinde abe isisebenzi esikoleni eyingxenye yalezi zisebenzi, uthe: “Isona isigungu okumele siphendule. Uma sona siqasha abantu kumele sibe nezimpendulo. Uthisha akanayo imali yokuholela abantu. Isibonelo, onogada abanye baqashwa uMnyango abanye isigungu sesikole. Uma uMnyango uqasha ingoba usuke unemali yokukhokhela obaqashile, kanjalo nesigungu sesikole siqasha ngoba sizokwazi ukubakhokhela esibaqashile. Imali yokukhokhela abantu abaqashwe isigungu sesikole ayihlali kuthishanhloko.” 

Imizamo yokuthola uSihlalo weCPF ukuqinisekisa okushiwo uButhelezi ibhuntshile kanti phambilini uthishanhloko wakulesi sikole ethintwa yileli phephandaba washona ezintangeni wathi akabuye athintwe ngoba usashayela emveni kwalokho akaphindanga watholakala.

Scroll To Top