Now Reading
UHulumeni ubukeka egudluka esinqumweni sakhe samaholo ezisebenzi zakhe
Dark Light

UHulumeni ubukeka egudluka esinqumweni sakhe samaholo ezisebenzi zakhe

Kufufusa isiteleka sezisebenzi zikaHulumeni ngenxa yesinqumo esamenyezelwa uHulumeni sokungazikhuphuleli amaholo. 

UHulumeni usunxuse ukuba unikwe ithuba lokubheka ukuthi ungakwazi yini ukubeka okuthile etafuleni. Lesi sinyathelo sibonwa njengegxathu lokugcina lokuthi uHulumeni usuyagudluka kulokhu owawukushilo phambilini kokuthi ngeke uwenyuse amaholo.

Emva kwezinsuku ezintathu zezingxoxo ngaphansi komxazululi ozimele kanye nongoti benhlangano yezisebenzi emhlabeni I-International Labour Organisation (ILO), sekube nenqubekela phamabili ekugcineni. Umdidiyeli wezinyunyana zezisebenzi zikaHulumeni ezingaphansi kweCongress of South African Trade Union (Cosatu) uMnu uMugwene Maluleke, uthe kuyabathokozisa ukuthi uHulumeni useyaguquka esinqumweni sawo sokuthi ngeke usayinyusa imiholo. 

“Angifuni ukubala amachwane inkukhu ingakachamiseli, sifuna ukubona umqashi ebeka okuthize etafuleni bese siyabona ukuthi kungenzeka ukuthi bayanyusa bese siyaxoxisana naye,” kusho uMaluleke.

NgoLwesibili abalamuli abazimele bacele ukunikezwa isikhathi esithe xaxa njengoba uHulumeni ubheka ukwenza isiphakamiso samaholo esisha.

Nokho lesi sinqumo sikaHulumeni sokuyoxoxa sifike emva kwendaba lapho enye yezinyunyana ezinkulu iPublic Servant Association engaphansi komfelandawonye iFederation of Union of South Africa (FEDUSA) isizishiye phansi izingxoxo yanikela kwaCCMA. 

UMengameli wale nyunyana uDkt uLufuno Mulawutsi uthe: “Manje ngeke sisazibandakanya nezigxoxo ezisichithela isikhathi njengoba ubona noNgqongqoshe akazimisele ukuxazulula le nkinga, unempakamo. Ukucela nje ukuba izakhamuzi zibeke uvo lwazo kuyinhlamba embonini kaHulumeni.” 

Uqhube wathi: “Ezinye izinyunyana zisolilandela ngoba ayikho into abazoyizuza kulezi zingxoxo zabo. Khumbula ukuthi umqashi unikezwe izinsuku ezintathu kodwa kungenzeki lutho. Ngizwile ukuthi izinyunyana zizophinde zihlangane ngempelasonto lokhu kusho ukuthi emva kwempelasonto kuzobe kungenalutho, lokhu kuzobacasula babe kanye nathi.”

Ukungenelela kweCCMA kuthatha inyanga eyodwa emva kwalokho uma kungenasivumelwano ibe isikhipha isitifiketi esinika inyunyana igunya lokungena esitelekeni esisemthethweni. 

Ohola izingxoxo ngaphansi kweCosatu uMnu uMugwema Maluleke, edweba isithombe uthe manje baholwa umgqugquzeli ozimele njengoba besasesigabeni sokungavumelani. 

Uthe ukuze kuxazululeke lezi zinkinga ezikhona iCCMA kumele iqoke umgqugquzeli ozimele ukuze ahlanganise izisebenzi zikaHulumeni nomqashi. 

Uthe kusukela ngoLwesihlanu olwedlule akukakabi bikho okuphathekayo njengoba uHulumeni usathi uzobheka ukuthi utholani ohlangothini lwawo njengomqashi, njengoba bona njengezisebenzi sebekwazile ukuveza abakufunayo okungamaphesenti ayisi-7. 

UMaluleke uthe emva kwezinsuku ezili-10 uma kungenzeki lutho bazobe sebengena emgwaqeni. 

See Also

Ephawula ukuthi njengoba kade benenhlansi yethemba ibivelaphi uthe: “Ngesikhathi umgqugquzeli azisa umqashi ukuthi kubaluleke kangakanani ukuthi abeke okuthile etafuleni. Siyazi ukuthi umgqugquzeli uyasebenza ukhuluma noHulumeni okuwumqashi wethu futhi siyazi basazoqubeka bakhulume naye, yena okudinga ukuba aye kuKhabhinethi nje bese beyoguqula imiqondo yabo. Kufanele bakwazi ukuthi izisebenzi zikaHulumeni izisebenzi ezibaluleke kakhulu kuzakhamuzi zaseNingizimu Afrika. Ithemba lethu sesilibeke kumgqugquzeli ozimele.” 

Ephawula ukuthi njengoba uNgqongqoshe Womnyango Wezisebenzi ZikaHulumeni uSenzo Mchunu aveza ukuthi kubi ephaketheni likaHulumeni ngokwezezimali, uthe: “Ezingxoxweni ezikhona siyawutshela uHulumeni ukuthi imali ungayithatha kuphi. Bona kumele baqede imkhonyovu le ekhona bese bekwazi ukukhokhela izisebenzi.” 

Uqhube wathi umqashi kumele ayeke ukubukela kwamanye amazwe bese ephinda eba neminye yemigomo. 

Uthe okumqoka kuHulumeni njengamanje ukuba uvikele izisebenzi zawo okungabantu abahambisa izinsiza emphakathini. 

“Siyawazisa ukuthi imali ungayithatha kuphi, kodwa okungamele ukwenze ukuthi uthathe imali yezisebenzi ngoba lokho kuzobonisa ukuthi umqashi akakwazi ukuhlonipha izivumelwano esibe nazo.” 

Ephendula ukuthi ngabe njengezinyunyana zezisebenzi basakhuluma ngazwilinye yini uthe: “Izinyunyana zezisebenzi zisakhuluma ngazwilinye ngoba sonke sikhona kulezi zingxoxo futhi abekho abangasiyona ingxenye yazo. Ngoba ukwehlukana kwethu kuzojabula umqashi ngakho ngeke sikwenze lokho, sizobambisana kahle siyizisebenzi.”

Scroll To Top