Uhlela ukukhuza ibuya owake waba nguMengameli e-Iran



UShozi yisifundiswa nombhali wezindaba zesimomazwe, wenza iqhuzu lePHD.
NgoLwesithathu, owake waba nguMengameli e-Iran uMahmoud Ahmadinejad (osesithombeni), ubhalisele ukungenela ukhetho lukazwelonke oluzoba ngoNhlangulana. NgokoMthethosisekelo wakuleli lizwe, owake waba nguMengameli uyakwazi ukuthi aphinde abuye inqobo nje uma amahlandla engalandelani. Lokhu kuchaza ukuthi njengoba u-Ahmadinejad waba nguMengameli amahlandla amabili phakathi kukaNcwaba kowezi-2005 noNcwaba wezi-2013 usengakwazi ukungenela ukhetho lwalo nyaka njengoba lokhu kuzobe kusho ukuthi akabuyeli ihlandla lesithathu kodwa useqala phansi. U-Ahmadinejad waziwa kakhulu ngokuqhamuka nohlelo lokusebenzisa ubuchwepheshe benuzi ukuphehla ugesi nokwakha izikhali zembubhiso. Lolu hlelo lwalandelwa uxhaxha lonswinyomnotho olusuka kumbimbi lwe-United States of America (USA), i-Israel neSaudi Arabia.
Ngokwejwayelekile kupolitiki yase-Iran, ofuna ukunqoba ukhetho ukhuleka kumholi ophezulu kuleli lizwe u-Ayatollah Ali Khamenei njengoba kungakaze kwenzeke ukuthi kunqobe ukhetho ongavunwa nguye. Ngowezi-2005 u-Ahmadinejad wangena kwesobuMengameli ngokuvunwa yilo mholi kodwa ephuma ngowezi-2013 kwase kukhona ukungahoshelani.
Emuva kokuphoqwa uMthethosisekelo ukuthi angangeneli ihlandla lesithathu okhethweni lwangowezi-2013, kolwangowezi-2017 lo mholi wazama ukukhuza ibuya. Lo mzamo wabhuntshiswa ukuthi waziba umyalelo kaKhamenei wokuthi angalungeneli ukhetho nokwenza akuveze obala ukuthi akameseki. Okubangela ukuthi angahoshelani lo mholi noKhamenei ukuthi akavumi ukwakha ubudlelwano ne-USA. Kusukela ngowe-1979 i-USA ne-Iran bengahoshelani.
Imbangela yalokhu kwaba ukuketulwa kombuso wentandokazi ye-USA e-Iran iNkosi uMohammad Reza Pahlavi iketulwa imibhikisho eyayiholwa nguRuhollah Khomeini. Akwenza uKhomeini ukuthi ashintshe uMthethosisekelo wase-Iran ungabe usalandeli ezinyathelweni ze-USA kodwa ulandele izimiso zenkolo yobuSulumane. Ngaphezu kwalokhu uKhomeini wakubeka kwacaca ukuthi weseka abantu basePalestine abahlwithwa i-Israel umhlaba wabo okwabe sebesala neziqeshana ezigqagqene iGaza neWest Bank. Lokhu kwaholela kumbimbi lwe-Israel, i-USA, i-Iraq kanye neSaudi Arabia lokunswinya i-Iran ngayo yonke indlela ukuthi ihlukane nakho konke esizibophezele kukho. U-Ahmadinejad wangena kwesobuMengameli njengomuntu ongazukuthobela izimfuno nemibandela yezitha kodwa njengozokhombisa izitha ukuthi i-Iran ayivalelwa ehontshi. U-Ali Khameini, owathatha izintambo kulandela ukufa kukaRuhollah Khomeini, wayemuvuna u-Ahmadinejad kuzona zonke izinhlelo ayenazo zokuziphendulela ezitheni kodwa ngowezi-2013 wayesewushintshile umqondo. Ngalesi sikhathi i-USA yayinxenxa i-Iran ukuthi ibe yingxenye yeJoint Comprehensive Plan of Action (JCPOA) okuyisivumelwano esiyisibopho ku-Iran ukuthi uhlelo lwayo lobuchwepheshe benuzi lube ngaphansi kweso le-United Nations (UN) futhi lungadluleli ekwakhiweni kwezikhali zokubhubhisa, siphinde sibophe i-USA ukuthi ihoxise zonke izinhlelo zonswinyomnotho ezibhekiswe e-Iran. U-Ahmadinejad wayengafuni ukubophezela i-Iran kulesi sivumelwano okwabe sekumqhatha nabantu base-Iran kwabangela nokuthi uKhamenei eseke uHassan Rouhani ukuthi athathe izintambo zombuso. I-Iran yaba yingxenye yeJCPOA ngowezi-2015 kodwa kwathi ngowezi-2017 ngaphansi kobuholi bukaDonald Trump i-USA yahoxa kulesi sivumelwano okuze kube imanje ayikabuyeli.
Kumanje i-USA ne-Iran isezingxoxweni zokuvuselela lesi sivumelwano kanti konke lokhu kwenzeka nje ngoNhlangulana kunokhetho e-Iran. Inkulu ingcindezi kuMengameli uRouhani ukuthi i-Iran ne-USA babuyele kulesi sivumelwano ngaphambi kokhetho ukuze iqembu lakhe iModeration and Development Party izoba semathubeni angcono okunqoba.
I-Iran ivule ukukubhalisela ukungenela ukhetho ngoLwesibili kanti u-Ahmadinejad ulingenela nje ubephelezelwa ababhikishi abasola ubuholi obusesihlalweni ngokuzifaka kunoxhaka we-USA ngokuzibandakanya neJCPOA. Ngokuka-Ahmadinejad lesi sivumelwano sibeka i-Iran emuseni we-USA. UMengameli uRouhani wayebukwa njengomuntu ozoxazulula izinkinga ezibhebhethekiswe u-Ahmadinejad ngokuthi asondeze i-Iran kumazwe asentshonalanga aphinde akhulule leli lizwe kuzona zonke izinhlelo zonswinyomnotho.
Nakuba kwaqale kwahamba kahle kuRouhani kodwa ngowezi-2017 konke lokhu kwashintsha okwabe sekuchaza ukuthi sekuhamba ngawo amazwi ka-Ahmadinejad ekutheni i-USA ayithembekile futhi ayisoze yazibophezela kusinqumo esingavuni i-Israel. UNdunankulu we-Israel akaze avumelana neJCPOA okwamenza waze wabiza uMengameli we-USA owayisayinda uBarack Obama njengoMengameli ongayifuni i-Israel kanye namaJuda.
Ukuhoxa kwe-USA ngowezi-2017 kwamenza wangenela ukhetho u-Ahmadinejad kodwa abantu base-Iran bakhombisa ukungamamukeli. Okunakekayo kulokhu ukuthi uKhamenei akakugxeki ukungenela kuka-Ahmadinejad njengoba enza ngowezi-2017. Lokhu kubhebhethekisa izinsolo zokuthi unokuzisola ngokukhaphela u-Ahmadinejad okhethweni olwedlule njengoba nolwimi lwabo seluzwakala lukhuluma okufanayo. Ebuzwa ukuthi kuthini ukuphawula kwakhe ngokubhalisela ukhetho kuka-Ahmadinejad uKhamenei, uthe akazukusho lutho ngamuntu kulolu khetho. Kwabentulayo nasebekhulile, u-Ahmadinejad useyintandokazi njengoba ekhunjulwa ngohlelo lwakhe lokwakha izindlu, izikhungo zemfundo kanye nokuqhakambisa izifundo zezesayensi nobuchwepheshe.
Omunye osekubhaliselile ukungenela ukhetho nguRostam Ghasemi owayenguNgqongqoshe Womnyango kawoyela ngaphansi kuka-Ahmadinejad. Kukhona ukukhuluma okuthi uNgqongqoshe Wezangaphandle uMohammad Javad Zarif, naye uzolungenela lolu khetho nakuba enyamanambana kulezi zinsuku emuva kokuputshuka kwenkulumo eqoshiwe egxeka uHulumeni ngokuvuna izinhlelo zokusebenzisa indluzula osengumufi uJenene uQasem Soleimani ekuxazululeni izinkinga kunezakhe ezivuna ukuxoxisana. NgeSonto luyasongwa lolu hlelo lukubhalisela ukungenela ukhetho.