Okwenzeka ePalestine kuyisibuko sesimomazwe


Njalo uma kufa abantu i-United Nations yembuleka izinqe, ilokhu isho izimemezelo
Imibiko evela eGaza kayimihle. Izithombe ezithunyelwayo ngezembubhiso eyenzeka kuleya ndawo. Isibalo sabafayo siyanda, izwe liwumlotha. Konke lokhu akuzenzekeli kepha kwenziwa ngabantu. Inqaba wukuthi bona lisha nje baphephile. Akekho ongakwazi ukuhlupheka kwabantu baseGaza kusuka ekusweleni uhlelo lwezempilo, ezokuphepha nokuvikeleka kanye namandla omnotho nokuthatha izinqumo ngempilo nekusasa labo.
Izinqumo zithathwa izihonga kwabakwabo basePalistine noma zithathwe ngabezempi kwa-Israeli. Uma nje zombili lezi zinhlangothi zifuna okuthile zishisa izwe bese ziyobhaca. Abathinteki kuyaphi abahlohli bale mpi, bavikelekile.
Kepha abantu abalichilo ngomengameli nababusi bamazwe abenza sengathi kabazi ukuthi inkinga ikuphi nokuthi idalwa ngobani. Laba baholi nababusi bacashe nge-United Nations (UN). Njengoba kuhlala kwenzeka i-UN izolokhu isho izimemezelo zokuthi ‘akubekwe phansi imigawulo’ into ehlala ishiwo. Ngeke nje kujeze muntu ngalokhu okwenzakaloyo. Ubani nje kulaba baholi bamazwe ongathi yi-USA okumele ijeze esho ngoba belu abakwa-Israeli banezikhali ezesabekayo nje bazicisha e-USA ekhipha izigidigidi njalo ngonyaka ukuze amaJuda abe nesifuba sempi esinamandla.
Ubani ongatshela izihonga zasePalestine ukuthi aziyeke ukuhlokoza izinyosi okuthi uma sezithukuthele zidle abantu? Ingani abanye balaba abakhonga impi abekho ngisho eGaza basekubhaceni kwamanye amazwe lapho bevikeleke khona.
Yikho sithi ake kuyekwe ubuxoki. Abaholi kabaphumele obala azikwazi zombili izinhlangothi ukungabi naphutha ekubeni befa abantu nhlangothi zombili. Okubuhlungu kufa izingane nezinsana, abafazi nabantu abasha. Leya ndawo kudela owaziyo ukuthi isimomqondo sezingane zakhona ngesinjani njengoba ezinye zizalelwe hhayi kuphela endlaleni kepha nakuyo impi le engcina sezifele kuyo. Kuwumsebenzi wethu sonke ukuthi senze okuthile ngoba akekho okumele afe, akekho okumele aphile ngokusaba uma sivuma ukuthi sonke singabantu.