Kubalulekile ukuthi awakuleli anqobe kuCAF ngale mpelasonto



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Amaqembu amakhulu alapha eNingizimu Afrika azobe ezimisele ngokuthi nakanjani anqobe emidlalweni yawo yase-Afrika azoyidlala kule mpelasonto.
IMamelodi Sundowns neKazier Chiefs babadla kuCaf Champions League kanti i-Orlando Pirates yona ikuCaf Confederations Cup.
Umdlalo ozobe ubhekwe kakhulu oweSundowns ne-Al Ahly yase-Egypt ngoba uPitso “Jingles” Mosimane oqeqesha i-Al ahly uzobe eqala ukubhekana neSundowns kusukela ayishiya ngesizini edlule.
Umlenze wokuqala walo mdlalo wamaquarter-final, uzobanjelwa e-Egypt kusasa ngoMgqibelo.
ISundowns ifulathele elakuleli ngoLwesibili ukuyozilungiselela lo mdlalo ozoshuba.
Umdlali oyisithenjwa seSundowns uGistino Sirino uthe, lo mdlalo ufana nowamanqamu ngoba i-Al Ahly iyiqembu elinomlando kakhulu.
IChiefs engenzi kahle kuDStv Premiership izotholana phezulu neqembu laseTanzania iSimba SC, lo mdlalo nawo ozokuba kusasa eFNB Stadium, eSoweto. Uzoqala ngelesi-6 kusihlwa.
Umgadli weSimba SC nophinde abe ngukaputeni uJohn Bocco, uthe abafikanga kulesi sigaba ngenhlanhla yingakho bezithemba kakhulu ukuthi bangadlulela esigabeni esilandelayo. Uthe bayabona ukuthi izinto iChiefs aziyihambeli kahle kodwa lokho ngeke bakunake.
IPirates yona izokwamukela iRaja Casablanca ngeSonto e-Orlando Stadium ngele-15:00.