URamaphosa uyavuma amaphutha kepha yena uyazihlangula
Bagxeka uRamaphosa
Lo muntu ubekuTop 6 futhi esePhalamende. Bekuba nemihlangano yeTop 6 ebimayelana nendlela uZuma abephethe ngayo kanye nanezinto obekuthiwa ziyinkohlakalo abethinteka kuzona. Bebefika bameseke uZuma kuleyo mihlangano. NasePhalamende bekuthi uma kuphakanyiswe ivoti lokungamethembi uZuma yena kanye avotele ukweseka uZuma. Kuyaxaka-ke uma manje esezothululela zonke izinkinga zeqembu kanye nezikaHulumeni kuZuma. Ukhombisa ngokusobala ukuthi akanamgogodla. Waze wasiyala uKhongolose ngokusifakela lo muntu emandleni okuphatha izwe. – nguNgolela NM
URamaphosa wenze ngakho konke okusemandleni ukubeka onke amaphutha egameni leqembu, hhayi egameni lakhe. Isizathu salokhu yingoba evikela isithunzi sakhe njengoMengameli wezwe nanjengelungu leqembu. Okwesibili ngokuziqhelelanisa yena siqu nezinkinga zikaHulumeni yingoba usabheke ihlandla lesibili lobuMengameli, ngakho ubengeke azose emlilweni ngoba mhlawumbe lokho bekungamnciphisela amathuba okuqokwa futhi. Ngiyavumelana futhi nabathi imibuzo ebibhekiswa kuye yiKhomishini ibingajulukisi ibunzi, kepha bekuyimibuzo engathi shu uma uyiqhathanisa neyayibuzwa uMsholozi. Ngicabanga ukuthi uMehluleli uRaymond Zondo ubekwenza lokhu ngenhloso ukuze uRamaphosa angamexwayi uma sekufika osikhathi sokuqokwa kwaloyo ozothatha isikhundla sokuba iNhloko yabehluleli uma esethi khumu uMehluleli Omkhulu uMogoeng Mogoeng. Empeleni kunemibuzo ejulile abekufanele ibuzwe uRamaphosa kule Khomishini. Imibuzo efana nalena: Wena Ramaphosa wathula wathini njengeSekela Mengameli ngesikhathi elawulwa ngabakwaGupta ekuqokeni ongqongqoshe? Omunye umbuzo: Ngabe kwenzeka kanjani ukuthi ungazi mayelana noxhaso lwemali eyalekelela umkhankaso wakho wesikhundla sobuMengameli ekubeni umkhankaso wawuqondene nawe ngqo? Ngamafuphi, ngizama ukuveza ukuthi uRamaphosa imibuzo abebhekene nayo ibifana neyobungani nje. – nguSipho Mbatha
Kuleli lizwe kuyadlalwa ngathi. Umuntu obeyiSekela Mengameli bethatha izinqumo bonke noMengameli kanye neqembu lakhe, kodwa kube nguye osola iqembu lakhe ngenkohlakalo kanye nomuntu abeyisekela lakhe, kodwa futhi yena ayikho nencane into emhlanganisa nenkohlakalo ebeyenziwa ozakwabo. Okudida kakhulu ukuba ozakwabo abafana noBrain Molefe, uKoko, uSusan Deniels mhla bevele kuKhomishini baveza ukuthi uRamaphosa inkampani yakhe iGlencoe yathola isigidigidi esi-R1.7 kwa-Eskom kodwa ingenzanga msebenzi kepha kuKhomishini abazange bambuze ngalento, bekuhlekwa nje, sitshelwa ngokuthi bazokwenzani ukuqeda inkohlakalo nokuyinto esingazi ingenaphi ngoba kukhulunywa ngezinto ezenzeka phambilini. – nguLihle Sothole
Ngiyafisa ukwazi ukuthi ukhona na ozofaka isicelo sokupheka athulule uMengameli ngoba njengamanje uthola ukutatanyiswa ngoba enconywa ngokuba umfana omuhle ngoba yena ezile kuKhomishini. – nguZanele Buthelezi
Kahle hle lo baba udlala ngathi usesenza iziwula kakhulu akakwazi ukuziqhathulula kuyoyonke lento ngoba ubeyingxenye yayo. Inkinga yakhe uthanda ukuzenza muhle kubelungu bakhe laba abasebenzelayo. Uyiphika kanjani imali axhasa ngayo umkhankaso wakhe iCR17? Wake wakuzwaphi ukuthi unganikezwa imali engaka kodwa ungafuni ukwazi ukuthi iqhamukaphi. Yonakele le ndoda futhi isazosifaka odakeni siyisizwe esimpisholo. – nguNkulleko Sandile
Lwasho kodwa uHlanga Lomhlabathi lwathi ayikho into ecasula njengokuphathwa amasela. Kwakuhleli lona wakithi kwaZulu esihlalweni sokwengamela. Okuningi okonakele ezweni kubhebhetheke kakhulu ngamahlandla kaZuma. – nguSiyabonga Maphanga
Kungani esevumile ngendaba yemali yomnikelo weBosasa iKhomishini ingasambuzi ukuthi izwe walidukiselani wathi imali bebeyinika indodana yakhe ngoba kukhona umsebenzi ebiwenzele iBosasa? Omunye ngothi kwenziwa yini ukuthi le mali iye ku-akhawunti yendodana esikhundleni somkhankaso weCR17? Kodwa dololo leyo mibuzo. – nguTeabeekaey Middle Born Mthia
Akekho owake wavuma futhi kuyohlezi kungekho oyovuma ukuthi umoshile kepha bonke bayothi bangalungisa noma babelungisa kepha aboHlanga basaswele namanje akekho ongcono kubo bonke kuphela nje ukuhlohla ezikhwameni zabo nosomabhizinisi abathile labo abayobe bebelethwe yilowo mholi. – nguSabatha
Banombono owehlukile
Ngiyazwelana nalabo abebe lindele lukhulu kuMengameli ngokuvela kwakhe kulesi sigcawu sikaMehluleli uZondo. Labo abayiqondayo ipolitiki yeqembu elibusayo bebazi kuthi uyoveza nje ubuso akukho magula azowageqa. Nalapho esevela ihlandla lesibili kuNhlaba njengoMengameli wezwe uyobe eyozihlangula, ephika konke futhi engenasandla, engakaze ahlomule ekugwamandweni kombuso. – nguBhekani Memela
Ngibona sengathi abantu abafela i-ANC nenkuluko ibona ababeneqiniso, thina siphethwe izimpipi zamaBhunu ibona abadayisa ngalaba abafa. Manje bazothembeka kanjani kuthina? – nguMxolisi Bruce Ngcobo
Unjaloke umholi wempela hhayi umholi ogolozayo aphinqe amehlo apike athi yena ngeke impela. Uma ubhedile ubhedile vuma nje ungumuntu. – nguTholi G MT Khaya

