Ukuvalwa kwesahluko: IGwalagwala elahlanganisa uZulu namaSwati



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Umlando kaZulu njengalowo wezinye izizwe uhlobe ngobuqhawe namashwa. Kuba khona isikhathi lapho kunenala, kubuswa. Lapho izintombi nezinsizwa zizigqaja, lapho imizi eyakhile inokuthula nokuzwana. Lapha izwi lakoMkhulu lelapha, libumba futhi livikela lokho okungamafagugu. Kepha khona lapho kukhona izikhathi zendlala, unya nezimpi. Lapho imilando iphendukezelwa, ulimi lwabaphethe lubhidliza kunokwakha. Isikhathi lapho umndeni nesizwe kwehlukana phakathi nayilapho abayizinsika zesizwe beguqa.
UZulu kulezi zinsuku ugubuzelwe yifu elimnyama. Esikhathini nje esingangenyanga kwebuze iSILO nebesiyiNkosana kaZulu kuzwakale ngomlomo kaNdunankulu kaZulu, uMntwana waKwaPhindangene ukuthi seliphinde lasehlula icala, laphinde lasilahla futhi ngokwebuza koMtanenkosi.
“Ngimemezela ngokukhulu ukudabuka ngokukhothama kweBambabukhosi bukaZulu, uMntanenkosi iNdlunkulu uShiyiwe Mantfombi LaDlamini Zulu ngesikhathi sika-08:15 namuhla ngoLwesine. Cishe bonke aBantwana bakhe bebekhona edlula emhlabeni uMkaNkosi. UMntanenkosi ubesegule isikhathi esicishe sibe yiminyaka emibili.”
La magama oMntwana adale ukwethuka kwabanye, phakathi nangaphandle kweNdlunkulu kanjalo nomunyu omangalisayo. Lokhu ayekubikela izwe akukaze kuzwakale emlandweni owaziwayo, ukuthi lingathi kade lishona, lithi liyaphuma liphinde lishone futhi. Kwabanye nanamuhla basazibuza ukuthi ngabe konke lokhu kusho ukuthini esimisweni sikaZulu? Nokuthi ngabe ngubani ozohlala eSihlalweni?
Ukwedlula kweSILO noMntanenkosi kuvale isahluko esimqoka emlandweni kaZulu kanye nabakwaNgwane. Bobabili bazalwa eBukhosini obuhlonishwayo bukaZulu nobamaSwati. Kanti ukuhlangana kwabo kwabhala umlando futhi kwavuselela nemidala imilandu. Bekulisiko loBukhosi e-Afrika ukuthi uma kuthungwa imindeni nezizwe bese kuganiselwana. Lesi senzo situswa kakhulu ekubhuleni imililo kwezinye izizwe kanye nasekuqiniseni amaxhama ezizweni ezahlukene. Ukugcagcela koMntanenkosi uSobhuza (uMahlokohla) kwaZulu kwavusa emidala imilandu futhi kwaqinisa nobuhlobo phakathi kwezizwe ezimbili. Yize abanye babekuhlaba lokhu ukuba iSILO siwele uPhongolo siyogawula eSwatini, yaphikelela ekaBhusha ibukela kude. Namuhla ngenxa yelesi senzo, umlando kaZulu namaSwati usulifindo elingunaphakade.
Echaza ngokuzaleka kwakhe nangamagama akhe okaMahlokohla walanda wathi: “Umake wami nguMntanenkosi uManoni owayeyindvodzakati kaMntanenkosi uKlebe weNgwenyama uMbandzeni. INgwenyama yangicamba ibito lokutsi nginguMantfombi ngoba iNdlunkulu uManoni yayisitele abafana abaningi kunamantfombatana. Leli lokutsi nginguShiyiwe lona kwatsi ngitotalwa, yiNgwenyama uSobhuza II yahamba, yaya eNgilandi iyokhuluma ludzaba lokukhululeka kwelive lemaSwati embusweni wamaNgisi. Ngasale ngatalwa mina, base bengicamba betsi nginguShiyiwe,” kuxoxa iNdlovukazi.
Yaqhuba yathi: “UMntanenkosi uKlebe wayeyiwele ngakho ngokosiko lemaSwati ingane enjalo kayibutsatsi Bukhosi. Unina kaMntanenkosi uKlebe akabange esayitala enye ingane yomfana, ngakho-ke kwaba ukuphuma koBukhosi endlini yakwabo. Okunye okwaba yinkinga kuMntanenkosi uKlebe ukutsi wayelincele, kanti kuyaye kuthiwe linxele kaliwuphatsi umuti. Uma kubonakala umtana eNdlunkulu yoBukhosi bakaNgwane esebenzisa isandla sakuncele, uyamukwa Bukhosi. Lokhu kwaba ngesinye setizatfu esenza walahlekelwa Sihlalo soBukhosi. Bukhosi babe sebutsatfwa ngumfowabo uMntanenkosi uMahlokohla, owayetalwa komunye uNdlunkulu weNgwenyama uMbandzeni.”
Zaliwela uPhongolo ezakwaZulu
Ukungena kwakhe kwaZulu kwalandela isiko kanti nesizwe sonke sabe siyingxenye yalokho. Indaba kuthiwa yaqala eMkhosini WoMhlanga kwaNgwane lapho yakhiwa khona intombi kaMahlokohla.
“Kwatsi ngalolo lusuku loMkhosi WoMhlanga kwaLobamba, seva sekutsiwa aMakhosi asekhona avela letindvaweni letehlukene. Kwakuvamile-ke ukutsi kufike bantfu labaningi, ngobe bantfu bomhlaba basuke befisa ukubona ukutsi lolu siko lunjani futhi ngolwani? Ngingatsi lingelinye lamasiko lamakhulu akwaNgwane latsandvwa ngabavakashi bomhlaba.
“Yilapho-ke seva ukutsi naBukhosi bukaZulu bukhona. Natsi sesiyati ukutsi nangu lo dzadzewetfu (omdala) ukhona, ifanele yena yoBukhosi bakaZulu. Kutakutsi uma iNkosi yakaZulu ifuna kweshela itakuniketwa yena. Kwabe sekwenteka imphicabadzala
sekugijimiswa mine. ‘Hhayi, bo! Musani ukuganga ngami! Futsi mine ngisemncane, kukhona odzadzewetfu ababukekayo kunami’. Mina ngangingeyena imtfwana
obukeka kangako. Ngicabanga nokuthi ngangimubi vele, kangisiyena nomtfwana okungatsiwa usengeshelwa ngaMakhosi. Ngamangala kakhulu uma sekugijima tigijimi. Sengivinjezelwa ngake ngatiphika nelibito ngatsi kangisiyena Mantfombi mine. Yena ngowakwetfu ngiyamati. Ngingahamba ngiyonibitela nje uma nifuna yena. Kwasho ukutsi balitfolile libito lami laba bafana. Bangikhomba, batsi bafuna mine,” kuchaza oweNkosi.
Odabeni lokulotsholwa kwakhe angene ngokusemthweni kwaZulu wathi: “Mina ngagana ngemuva kokuba sengitele uNomkhosi. Kuthe uma abakaZulu bebuta ukuthi sitsebe seNgwenyama yakaNgwane singaki, kwaba ngumzukuzuku eSigodlweni kaLobamba. Sitsike iSilwesikhulu uSobhuza kanye nabaNtabenkosi, uMtanenkosi akanasibalo. Kwala noma abakhongi begcitelela, becela ukuba uBukhosi bakaNgwane buphume nalivi, kepha uLobamba wema nje evini lelilodwa lokutsi uMntanenkosi akanasibalo. UBukhosi bakaZulu kabubone bona ukuthi lo mntfwana bamulobola ngazingaki? Siva kutsiwa tinkomo takhishwa yisive sonke samaZulu. Kodwa-ke etafika eSigodlweni eSwatini taba ngamakhulu ematsatfu neshumi. Kanti umgomo waBukhosi bakaZulu kwakuyikumikisa amakhulu amabili kuphela. Etinye-ke tabe setitala lapha endleleni tangena eSigodlweni setingamakhulu ematsatfu neshumi,” kusho okaMahlokohla.
Bekungunomasiko
Enye yezinto atuswa ngayo uMntanenkosi wukuba yigagu nokusondelana kakhulu namasiko. Naso iSILO emisebenzini yesizwe besingakufihli ukuthi sabe sisebenzisana naye kakhulu nxa kufikwa ekuvuseleleni nasekuqhubeni amasiko athize. Osemqoka yiwo owoMhlanga nowungundabamlonyeni lapha kweleNdlovukazi uMthaniya. Yikho nje ukwebuza kwakhe kukhalise omama (okungonomehlo nabanye) kanjalo nezintombi bonke abebemthatha njengobhaqa.
Ukusondelana kwakhe nezintombi nomama kubonakele ngesikhathi bonke begcwala izitaladi zaseGoli nakwaNongoma ngoLwesithathu. Ukwehla kwakhe eza eHlalankosi kudonse amehlo abaningi.
Umhlaba ubuke ngokulangazelela lapho uZulu ebhala incwadi isibili. Lokhu kwenzeke ngesikhathi izintombi, izinsizwa kanye nebutho bebetheleke eGoli ukuyohlangabeza nokulanda iNdlovukazi uMantfombi. Lokhu bese kungokwesibili lapho uZulu uzidela njengoba wenza njalo ngenyanga eyedlule eThekwini ngesikhathi ulanda Ongangezwe Lakhe. Okwamangaza iziphathimandla wukuthi ngesikhathi kubamnyama ukhalo eThekwini zilunjenge izimoto nomkhumbi wempi uhlobe ngezihlangu, yikuthi kwathatha nje amahora angaphansi kwama-24 ukuthi zonke izifunda zinyakaze zaphikelela eThekwini. Okwenzeka sekuwumlando oveza ubuhle bukaZulu nangaphansi kwefu elimnayama.
OkweNdlovukazi nobekubonakala ukuthi kuhleliwe bekwehlukile. Kuqale nje ngesikhathi kuvela izindaba ebezibika isifo nayilapho omama okubalwa onomehlo (abelusa izintombi) kanye nabazali nje beqale basondela eNdlunkulu ukuthola ngamalungiselelo nalokho okulindeleke kubo. Akuthathanga mahora mangaki labe seliphuma igama lokuthi; “Akwenziwe kuMtanenkosi lokho okwenziwa kuMdlokombana.”
Leli gama lenza zaqala izinhlelo ezithinta omama kanye nezintombi. Ngakolunye uhlangothi izinduna ngaphansi kweNduna uMhlongo nazo beseziqalile ukwenza amalungiselelo kwazise amehlo omhlaba abezobe ethe njo kubo. Ngempelasonto kwathintwa nezintombi ezinye zishayelwa izincingo kanti nazo bezingazibekile phansi kwezokuxhumana zifunga khona ukuthi akukho okuyozivimba ukuyolanda unina.
Ngenxa yebanga ukusuka eGoli ukuya kwaNongoma kugcine sekuthatha izinsuku ezimbili. AbakwaZulu bephelezelwa ngabakwaNgwane lapho kuzalwa khona iNdlovukazi batheleke eGoli sekumnyama. Lapha bamukelwe nguNdunankulu uMakhura nethimba lakhe. Kwenzeka konke nje lokhu zihlangene izinduna kwaMai Mai zihlanganisa igama.
Nembala kuthe kusa nje kwabe sekubonakala izinsizwa nezintombi sekuthe shaye emakhazeni kanye nasesibhedlela lapho oweNkosi athulele khona, eMilpark. Lithe lingaphakama ilanga iGoli leli labe selimibalala njengoba amakhulu abantu abasethelekile sekuqalwa wona umsebenzi obuhanjelwe. Okwenzekile akwejwayelekile njengoba wonke umsebenzi lona ugcine sewenganyelwe ohulumeni bezifundazwe ezintathu, okuyiGauteng, yiMpumalanga kanye neKwaZulu-Natal.
IGauteng liyikhiphe ngoN17 odlula eSprings, kwadlulwa eBethal, e-Ermelo, kwathi uma sekusePiet Retief eMpumalanga, zathatha ezaKwaZulu-Natal kude kude amabombo ebheke eHlalankosi. Kwenzeka konke lokhu abantu bakuyo yonke imikhakha kabayekile ukutheleka kwaKhangela ukuzobabaza umuga ovelile.
Yize kubuhlungu uZulu usemanzini kepha abayoxoxa indaba ethinta iSILO noMntanenkosi ngeke bangalangazeleli ukuthola amandla othando olwawela imingcele, lwaphikisana nakho konke okwakuyizexwayiso kunalokho kwakha ubunye ezizweni zabeNguni. Namuhla esililweni uZulu kayedwa ngoba nakwaNgwane kukhalwa esifanayo.
Umlando ngeke kube ngoweNkosi neNdlovukazi kepha kuyoba ngowezithandani ezathunga ubunye noMntanenkosi uyokwaziwa njengeGwalagwala elithunge uZulu namaSwati.
- Amanye amanoni athathwe engxoxweni yoMntanenkosi noMntwana uNqama Zulu