Uphenyo lwemibango oseluthathe iminyaka



UZulu uyintatheli ephenyayo esimkatshubovu.
Selokhu yaqala iKhomishini ayikaze ihlangane neSILO okuyiso iNhloko yoBukhosi ngoba umthetho uthi akubikwe kuNdunankulu
ICommission on Traditional Leadership Disputes and Claims KwaZulu-Natal ebhekelele imibango yoBukhosi bezizwe yethulwa njengesixazululo. ElaboHlanga selibike kaningana ngodaba lwale Khomishini eyaqala ukuholwa nguMnu uBasil Skhakhane. Embikweni owashicilelwa yileli phephandaba ngoNcwaba nyakenye sabika ngesikhalo esabe sivela emindenini yaMakhosi nezizwe ngokugugushelwa kombiko wuHulumeni. Eziphungela uHulumeni ngomlomo kaMnu uNdabezinhle Sibiya wathi: “Ngenxa yokuthi le Khomishini ayifani namanye amaKhomishni aseke abakhona sinqume ukuba singawukhipheli umphakathi lo mbiko kodwa sazise kuphela labo abasuke befake izicelo. Sekungaba ukuzithandela kwabo ukuthi bayabazisa abezindaba noma cha. Kuphela engikugcizelelayo lo mbiko uphakathi kweHhovisi lethu nalabo ababafake izicelo akusiwo owomphakathi,” kusho uSibiya.
Waqhuba wathi ngaleso sikhathi bonke ababefake izicelo sebazisiwe ngomphumela wophenyo. “Yize uphenyo lwethu lungakapheli kodwa engingakuqinisekisa ukuthi iningi selinawo lo mbiko womphumela wophenyo. Engifisa ukukugcizelela ukuthi njengoba izicelo ziziningi sinqume ukwelula isikhathi sophenyo saselula ngeminyaka esukela kwemibili kuya kwemine ukuba iphothule uphenyo lwayo. Ngaleyo ndlela iKhomishini kaSikhakhane isaqhubeka nomsebenzi wayo,” kuqhuba uSibiya.
Lokhu kukhuluma kukaSibiya kwakhahlelwa ngabathintekayo kusuka kuSihlalo WeNdlu Yobuholi BoMdabu KwaZulu-Natal, iNkosi uPhathisizwe Chiliza, uSolwazi uSimon Jabulani Maphalala owayeyingxenye yocwaningo kanye nababefake izicelo kuKhomishini. Iphawula ngalesi simo iNkosi uChiliza yathi: “Ngithanda ukuzwakalisa ubuhlungu ngokubanjezelwa kokukhishwa kwalo mbiko ngeKhomishini kaSikhakhane. Baningi abantu okubalwa naMakhosi abangakawutholi lo mbiko. Ngakho kuyiphutha ukuthi sebanikezwa ababefake izicelo. Ngangishilo nasekuqaleni ukuthi asikho isidingo sokuwugodla ngoba lolu daba lombango woBukhosi selungaze luphazamise inhlalakahle yesizwe. Sithi lo mbiko awukhishwe ukuze kuphele amaphupho ngalo mbango,’’ kusho iNkosi uChiliza.
USolwazi uMaphalala yena wathi: “Inqwaba kabi abantu abababefake izicelo abangakawutholi lo mbiko. Kodwa sizwa kuthiwa ubambeke ngaseMnyangweni wakwaCogta okuyiwo okumele uwudlulisele eHhovisi likaNdunankulu nozothatha isinqumo esingujuqu ngawo,” kusho uSolwazi Maphalala.
Okhulumela uMnyango wakwaCogta oholwa uMhlonishwa uNomusa uMaDube Ncube, uMnu uLennox Mabaso ukuqinisekisile ukuthi umbiko usabambezeleke ngaseHhovisi labo. “Akulona iqiniso ukuthi siwubambezele ngamabomu umbiko. Isizathu esenze sangawukhipha wonke ukuthi kukhona esisakucubungulisisa kuwo ngenxa yokuthi kunezikhalo. Asifuni ukuxhamazela ngawo ngoba ungumbiko obucayi nongaphazamisa inhlalakahle esizweni. Futhi okunye kumele kukhunjulwe ukuthi izindaba zoBukhosi azothiwa ngesifuba ngoba ziyashisa ngakho kumele siziphathe ngesinono,” kusho uMabaso.
Waphinde wanxusa aMakhosi nababefake izicelo ukuba babekezelele uMnyango bangawujahi ukuba ukhiphe umbiko ongakacubungulisiswa. “Empeleni sifuna ukuvala zonke izimbobo ukuze kuthi uma kukhona owuphonsela inselelo enkantolo uHulumeni angazitholi esenkingeni. Futhi asifuni kudungeke ukuthula esizweni samaZulu. Noma besebancane abasawutholile lo mbiko kodwa iqiniso lithi sebekhona abawutholile okukhombisa nabanye bazowuthola kuphela abalinde kukhona okusacubungulwayo,” kuqhuba uMabaso. Kuleli sonto elaboHlanga likhulume noDkt uNokuzola Mndende onguSihlalo weKhomishini kuzwelonke, utshele elaboHlanga ukuthi ngesikhathi yena ejutshwa KwaZulu-Natal ukuzosebenza kule Khomishini ngowezi-2016, uthole ivele ingasasebenzi, sekunamalungu aseyishiyile.
“U-Advocate uLinda Zama noMnu uBasil Sikhakhane ngafika sebesulile, sekusele uSolwazi uJabulani Maphalala kuphela. Lokhu kwabanzima kakhulu kimi ukuba ngiqale umsebenzi njengoba kwakungasekho muntu ekomitini. USolwazi uMaphalala owayeyesele wayengagazethiwe kodwa kwakuyimi owayegazethiwe ngokukazwelonke. Ngigcine sengicela usizo lomeluleki wezomthetho eMnyangweni Wezokubusa Nokubambisana Nezindaba ZoMdabu. Kuthe ngemuva kwalokho ngathola imvume yokuba ngiqhubeke nale mibiko eyabe seyenziwe ithimba elidala. Ngabe sengiyithatha ngiyidlulisela kuNdunankulu. Ngemuva kwalokho ekuqaleni kukaNdasa ngibe sengiqala umsebenzi wami ngokugcwele kanti umyalelo esawuthola kwaba owokuthi uma senza ucwaningo, kumele sigxile eBukhosini obalahleka kusuka ngowe-1927. Inkinga ebe khona ukuthi abantu abeza kithi bafuna uBukhosi obalahleka ngeminyaka yowe-1918 noma yowe-1870. Sibesesithatha isinqumo sokuba siqoqe lezo zicelo saziyisa kundunankulu wesifundazwe. Okunye kube ukuthi bekufanele sichazele abantu ukuthi thina asidali uBukhosi kodwa senza ucwaningo ngoBukhosi obahlakazwa umbuso wamaKoloni ngoba kukhona abesebezofuna sibenze aMakhosi. Ngemuva kwalokho kuthe ngoNdasa sakwazi ukuqhubeka nomsebenzi ngoba uMaphalala nomhlonishwa uShembe basebegazethiwe uHulumeni,” kusho uDkt uMndende.
Uqhube wathi abakaze bahlangane neSILO samabandla kulo msebenzi wabo ngoba umthetho abasebenza ngaphansi kwawo ubayalela ukuba babike kuNdunankulu. Uveze nokuthi ezinye zezinto abaziphenyayo ukucwaninga ngalawo Makhosi agixabezwa ngoBukhosi amaKoloni kungafanele, kwahlakazwa labo ababenomlando obambekayo wokuhola isizwe. Uthe yena uyifice iKhomishini isiphakathi ngakho akazi noma labo abayiqala okungoSikhakhane baya yini ukuyokhuleka eSilweni samabandla ngoba yena ngesikhathi beqala e-Eastern Cape babeya emakhosini ezizwe bayowabikela.
“Empeleni umsebenzi wale Khomishini uqale ngowezi-2011 usukela kuKhomishini kaNhlapho eyayibheka indaba yobuNgonyama kanti lena ibisibheka izindaba zobuduna nobukhosi bezizwe. Kuthe uma kubonakala ukuthi eLimpopo kunezicelo eziningi zoBukhosi ezazingaphezulu kwama-500, uHulumeni wanweba isikhathi ngeminyaka emibili sokuba kuqhutshekwe nezicelo zakhona. Lokhu kuholele ekutheni nalapha KwaZulu-Natal kucelwe ukuba kuqhutshekwe yize isikhathi seKhomishini bese siphelile ngowezi-2015. Yilapho mina ngithathe khona izintambo ngathola kunezicelo ebezibalelwa e-170. Inkinga ukuthi lapha KwaZulu-Natal sithole kunezinkinga eziningana ngoba abanye bebengazi ukuthi izicelo ezifakwayo ezani. Ubuthola abantu befaka izicelo zobuNgonyama noma zomhlaba ekubeni thina sibhekene noBukhosi neziNduna,” kusho uDkt uMndende. Uthe uma beqhubeka nalo msebenzi bayaya kubantu bezwe uvo lwabo kodwa bakubeka kucace ukuthi basuke bezokhuluma nabantu hhayi izimeya yingakho bengazimemi ezigcawini zabo abazihambelayo.
Uqhube wathi ngoZibandlela bazobe sebewuphothulile umsebenzi wabo njengoba besele nezicelo ezingama-21 kuphela manje okumele bazifunde. UDkt uMndende uveze nokuthi bona abakhiphi isinqumo ngoBukhosi kodwa umsebenzi wabo ukuthola iqiniso ngokwenzeka nokubuyisa isithunzi sobuholi bomdabu. Uthe yingakho uma bephothula izicelo baziyisa kuNdunankulu athathe isinqumo noma uma okunye bengakuboni kahle bakudlulisela eNdlini Yobuholi BoMdabu ukuze bathole incazelo. Okuqaphelekayo lapha wukuthi awukho umthetho noma okuphoqa ukuthi iKhomishini lena ithathise koNgangezwe Lakhe okushiya imibuzo ukuthi ngubani inhloko yoBukhosi.