Now Reading
Bafuna uMengameli wesikhashana oqokwe ngabantu eChad
Dark Light

Bafuna uMengameli wesikhashana oqokwe ngabantu eChad

Ezombutho ezisahola leli lizwe zimemezele uHulumeni omusha ngeSonto ngemuva kokushona enkundleni yezempi kukaMengameli u-Idriss Deby.

Kodwa abahamba phambili bamaqembu aphikisayo bakwenqaba lokhu kuqokwa kwalo Hulumeni bathi kunjengokuqhubeka komyalelo wakudala ababenethemba lokuthi uzophela.  

Ukushona kukaDeby ngenyanga edlule esempini namavukelambuso asenyakatho kuqede ukubusa kwakhe kweminyaka engama-30 futhi kwaqubula inkinga ezweni elisenkabeni yezwekazi i-Afrika osekuyisikhathi eside liwumlingani empini yaseNtshonalanga yokulwa namaJihadist esifundeni.

Umkhandlu wamasosha ophethwe yindodana kaDeby, uMahamat Idriss Deby, uthathe amandla ngemuva kokushona kwakhe wathembisa ukuthi uzobamba ukhetho zingakapheli izinyanga ezili-18. 

Izwe elalilawula leli lizwe phambilini ngohlelo lobukoloni iFrance lawusekela lo mkhandlu, kepha amaqembu aphikisayo namavukelambuso akuchitha lokho njengokuvukela umbuso bathi ezombutho kumele zinikeze amandla uhulumeni oholwa ngumphakathi. 

Izinkulungwane zingene emigwaqweni ngesonto eledlule zikhalaza ngombuso wamasotsha. Okungenani abayisithupha bafile ngesikhathi belwa namaphoyisa. Iqembu eliphikisayo selifuna uHulumeni wesikhashana oholwa nguMengameli wezwe okhethwe ngabantu onephini likaMengameli wezombutho.

Iningi longqongqoshe kuHulumeni omusha babephethe izikhundla ngaphansi kukaDeby. Indodana yakhe nguMengameli, umngani wakhe u-Albert Pahimi Padacke uqokwe njengoNdunankulu ngesonto eledlule. 

“Kunikeza isithombe sendlu eyakhiwe kuqala ngophahla,” kusho umholi weqembu eliphikisayo uSuccès Masra ngesikhathi ekhuluma nabezindaba.

See Also

“Lokhu ngeke kuze kuphumelele inqobo nje uma singabuyeli ezisekelweni ezifunwa ngabantu: uMengameli wezwe oqokwe yibo, iPhini likaMengameli oyisotsha. 

UDeby wakha ubambiswano lwamazwe ngokuthumela amasotsha akhe aqeqeshwe kahle ukuba angene ezindaweni ezinezinkinga kuso sonke isifunda ukulwa neBoko Haram namanye amaqembu axhunyaniswa ne-al Qaeda kanye nemibuso yenkolo yobuSulumani.

Umlingani wakhe omkhulu, iFrance, inamabutho abalelwa kuzi-5 100 azinze esifundeni sonke njengengxenye yemizamo yamazwe omhlaba yokulwa nabashokobezi, kuhlanganisa nesizinda saso esikhulu enhlokodolobha yaseChadian iN’Djamena.

Scroll To Top