Sizulelwa ngamanqe isikhundla sikaMengameli wase-Albania



UShozi yisifundiswa nombhali wezindaba zesimomazwe, wenza iqhuzu lePHD.
Amalungu eSishayamthetho e-Albania aseluqalile uhlelo lokususa uMengameli u-Ilir Meta. Lo Mengameli ubhekene nale nkinga nje usolwa ngokuziphatha ngendlela engahambisani noMthethosisekelo ngesikhathi kuyiwa okhethweni lukazwelonke ngenyanga eyedlule.
Amalungu angama-50 eSishayamthetho asuka eqenjini iSocialist Party afuna kuphenywe iMeta. Lawa malungu athi uMeta uziphathe ngendlela engahambisani noMthethosisekelo ngesikhathi somkhankaso wokhetho. Ngalesi sikhathi uMeta wasola uNdunankulu u-Edi Rama ngokuhola sengathi ikwakhe kanye nokwehluleka ukuqhamuka nesisombululo kuhlasela ukhuvethe.
Okuyinkinga ngale nkulumo ngokusho kwamalungu eSocialist Party, ukuthi uMeta wayezama ukulawula imiphumela yokhetho kanye nokunikeza isikhundla sakhe isigqi. NgokoMthethosisekelo uMengameli uyisichuse ngoba akavotelwa okungakho kungalindelekile ukuthi kube khona aphawula ngakho okuthinta ezombusazwe ezweni.
Bekulindelekile ukuthi uma kwedlula ukhetho iSocialist Party ikhombise amandla ayo njengoba yathola izihlalo ezingama-74 kwezili-140 okuyinikeza amandla okulawula iSishayamthetho nokusungula uhulumeni.
Leli qembu libona uMeta enentshisekela yokuba nezwe njengoba asola uRama ngokugodla wonke amandla okuthatha izinqumo kusukela eSishayamthetho, ukubuswa kwezwe kanye nakwezobulungiswa.
Umholi weSocialist Party eSishayamthetho uTaulant Balla, uthi engakhali uma isiboshwa ngomchilo wayo kuMeta ngoba konke lokhu kuwukwenza kwakhe. Uqhubeke wathi iSishayamthetho sinaso sonke isikhathi nezinsizakusebenza ukuthi siphenye lolu daba luphothulwe ngoMandulo.
Eziphendulela uMeta uthe lolu phenyo kufanele engabe lugxila ekuntshontshweni kokhetho kunokuthi lugxile kuye. Lokhu kulandela inkulumo yakhe yangenyanga eyedlule uMeta ethi uyazi ukuthi uRama engenza nanoma yini ukuhlala emandleni ombuso.
Ukuketula uMengameli iSocialist Party izodinga ukuthi isicelo sayo sesekwe ngamalungu ali-105 okusho ukuthi idinga ukwesekwa ngamanye amalungu angama-29.
Ubudlelwano phakathi kweSocialist Party neDemocratic Party of Albania enezihlalo ezingama-59 abuqondakali ngoba kuyenzeka basebenzisane babuye bangasebenzisani kanti akwazeki ukuthi kulokhu kokuketula uMengameli bazovunana yini.
Uvele uMeta uyaphuma kwesobuMengameli ngonyaka ozayo njengoba iyobe isiphelile iminyaka emihlanu emuva kokuqokwa ngowezi-2017. Mude umlando phakathi kukaMeta noRama kwazise babebonke kuSocialist Party ngaphambi kokuthi uMeta azakhele iqembu lakhe iSocialist Movement for Integration (LSI).
Leli qembu eselasala kumkakhe uMonika Kryemadhi alenzanga kahle kulolu khetho njengoba lithole kuphela izihlalo ezine okusho ukwehla kwalo ngamaphesenti ali-15. Kulindeleke ukuthi uMeta abuyele ekuholeni leli qembu uma esephumile kwesobuMengameli ngonyaka ozayo kanti yingakho amalungu eSocialist Party emsola ngokusebenzisa isikhundla sakhe ukulwa izimpi zepolitiki kanti ngokoMthethosisekelo akufanele.