INQOLOBANE
UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Kwake kwakhona inkolelo yokuthi konke okuhle nokuhlelekile lapha emhlabeni kwafika nomlungu. Lokhu kwabe kungamanga kanti nobufakazi balokho buvela nsukuzaphuma. Isibonelo nje indlela aboHlanga lapha kweleNdlovukazi uMthaniya abebesebenzisa ngayo inqolobane emizini yabo nasezigodlweni.
Kunezinhlobo ezimbili zenqolobane ezakhiwe ngezigxobo zisuka phansi. Izinqolobane ezinezigxobo ezinde zazisetshenziswa ukuqapha nokugcina amahawu nemikhonto. Izihambeli ezazize eSigodlweni zazishiya imikhonto kwenye yalezi zinqolobane, uma zizongena eSigodlweni.
Izinqolobane ezakhiwe ngezigxobo ezimfushane zazigcina ummbila, amagula kanye nezinkamba ezazigcinwa ngaphansi kwenqolobane. Endulo, iNdlunkulu neNdlunkulu yayiba nenqolobane eduzane nexhiba layo, lapho eyayiphekela khona.
Kwakunenkolelo yokuthi uma umuntu engena ngasenqolobaneni wayesuke ezogila imikhuba.

