Now Reading
Ingumculo obanzi nowemizwa ejulile iJazz nomsuka wayo use-Afrika
Dark Light

Ingumculo obanzi nowemizwa ejulile iJazz nomsuka wayo use-Afrika

Kithina ma-Afrika isigqi esihambisana nokuduma kwesigubhu nokunye okufuthwayo kusemthanjeni yegazi. Kusukela kudala ngezikhathi zobugqila besifuna indawo yokuziphumulela emveni komsebenzi onzima. 

Izigubhu nemitshingo bekuyizakhamculo ezivame kwabaningi yize beqhamuka ezingxenyeni ezahlukile zomhlaba. Bazonyakazela noma yiluphi uhlobo lomsindo ukuveza imizwa yabo. 

Izindawo ezifana noCongo Square eNew Orleans, iSofia Town, Umkhumbane, iDistrict 6 kuzo wawuthola isigqi nemvunge yase-Afrika.

Umthelela emculweni ubuqhamuka ezindaweni eziningi kubandakanya ngisho nemisindo yemvelo. Sasinabaculi beJazz abafana noMntwana uMagogo lapha eNingizimu Afrika, uBillie Holiday e-USA omvunge yabo ethi ayibe yinye futhi bekhondloza.

IJazz iqutshulwe yintshisekelo yokwabelana ngemizwa evukuzwa imisindo nesigqi esivezwa ngezakhamculo ukwakha ulimi jikelele. IJazz umculo ovulelekile njengoba ivumela abantu ukuba baveze imizwa yabo kusukela koweZayoni uye kowesicathamiya futhi unganongwa ukuze ukhiphe inkimbi yemizwa. 

See Also

Bambalwa abangacabanga ukuthi uMntwana wayengumculi weJazz, kodwa lawo ngamandla omculo odalwe izinhlupheko ezingaxoxwa zaboHlanga base-Afrika, ongxabo zawo zikuyo i-Afrika uNondlini Wezwekazi uye ufinyelele zonke izindawo emhlabeni ikakhulukazi e-USA..

IJazz ikunika inkululeko ukuze ubheke okugciniwe ngaphakathi kuwena emicabangweni nasolwazini lomunye umuntu. Yize lokhu kuliqiniso endikimbeni yezinhloso zokuqamba ngokobizo nangokulandela izindlela.

Scroll To Top