Now Reading
Uzimisele ngokuphelela emajukujukwini ezobuciko uSphelele
Dark Light

Uzimisele ngokuphelela emajukujukwini ezobuciko uSphelele

Emdlalweni wethelevishini owaziwa ngele-Isibaya udume ngelikaKentucky oyisithandwa sikaBongani oyinkabi yomndeni wosomatekisi bakwaNdlovu. Uthando lwabo lwaphazanyiswa wukufika eBhubesini kwesihlabani somculo uSjava kwazula ikhanda kuKentucky. Lowo nguSphelele Mzimela okumanje ulingisa indawo kaMazaza komunye umdlalo wethelevishini Uzalo okhonjiswa kuSABC 1 phakathi nezinsuku ligamenxe elesi-8 kusihlwa kanti udidiyelwa yiStained Glass Productions. Nakhona futhi lapho usathandana noNkunzi omunye wabalingiswa abaphambili ku-Uzalo, kanti ngendlela indaba eshube ngayo uMazaza usevele wephukela indodana kaNkunzi emdlalweni. Iphephandaba iBAYEDE libe nengxoxo ekhethekile nale ntokazi edabuka eMlazi eNingizimu yeTheku. Okucace kwathi bha kule ngxoxo wukuthi uSphelele akaphelele kulokhu akwenzayo kodwa usazimisele ngokuqhubekela phambili.

“Inhloso yami kwakungukuba ngumethuli wezinhlelo kuthelevishini. Abantu engangikhuthazeka ngendlela ababeqhuba kahle ngayo umsebenzi wuRobert Marawa benoZandi Nhlapho. Yize ngikhombisa izimpawu zokukhula kwengikwenzayo kodwa ukwethula izinhlelo kuthelevishini kusesendaweni yokuqala enhliziyweni yami,” kuchaza uSphelele. Okunye okuhlale obala ngale ntokazi othi noma uyibona kuthelevishini ibe nesizotha wukuthi njengamaningi amaciko akhona kulezi zinsuku, ayiyena uvukayibambe endimeni yokulingisa kodwa lokhu ekwenzayo ifunde yagogoda kukho. “Ngaphothula izifundo zeDrama eDurban University of Technology (DUT) ngowezi-2015. Angigcinanga lapho kepha ngaqhubeka ngenza futhi ngaphothula iziqu zethelevishini khona eDUT, ngakho ngihlome ngiphelele. Nginenhloso yokudidiyela izinhlelo engiziqambele zona ngokuhamba kwesikhathi,” kuchaza uSphelele. Intatheli imbuza ngendawo kaMazaza ayilingisayo ku-Uzalo, uSphelele uphendule wathi, “Indawo kaMazaza isenhliziyweni yami ngoba uMazaza unguSphelele ngezindlela eziningi. Nokho angizimisele ngokugeqa amagula ngokuthi lokho kwenzeka kanjani.

Engingakusho kafishane nje wukuthi uMazaza uyakulwela akufunayo kungakhathaleki ukuthi kumele enzeni ukuze agudlule izithiyo endleleni yakhe. Umehluko okhona phakathi kukaMazaza noKentucky wukuthi uMazaza ungumlingiswa onguqunguqu ongesona isicaba njengoKentucky.” USphelele ungomunye wamaciko ambalwa angakhali ngezinselelo abhekana nazo endleleni ebheke empumelelweni kulo mkhakha wokulingisa. “Ngiqhamuka emndenini ongesekela ngendlela eyisimanga. Abazali nginabo kanti nezingane zakithi zikhona. Ngeke wakholwa uma ngikutshela ukuthi ngathi ngiqeda esikoleni ngowe-2015 ngabe ngibizelwa ukuzolingisa ku-Isibaya. Selokhu ngayibamba lapho kuze kube yimanje.” Intatheli imbuzile ukuthi ngabe indawo kaMazaza ayilingisayo ku-Uzalo isisho isehlukaniso sokuphela yini ne- Isibaya. “Isibaya siyolokhu saba yikhaya kimi. Sangenza ngaba yilokhu engiyikho. Nokho ngizimisele ngokukhula ngihambe amazwe nemidlalo yeshashalazi. Ngizimisele nokungena kwezamafilimu. Uthando lokubhala olwaphazanyiswa wukuthola kwami umsebenzi ku- Isibaya nalo lusalokhu luyinto evutha ngaphakathi kimi,” kuphetha uSphelele Nzimande intokazi ekubeka kucace ukuthi izimisele ngokuphelela kude endimeni yezobuciko kwazise ukungena kwayo kulo mkhakha akubanga yinto eyingxaphephe kodwa kwakuyinto ehleliwe neyayidudulwa wuthando.

Scroll To Top