Iyaphikwa imibiko ngeziboshwa phakathi kwe-USA ne-Iran
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
I-USA isiwuphikile umbiko wethelevishini yombuso wase-Iran othi lezi zitha ezinkulu sezifinyelele esivumelwaneni sokushintshana ngeziboshwa ngenhloso yokukhipha imali eyizigidigidi eziyisi-R7 yase-Iran ebanjwe ngaphansi kwezijeziso zase-USA kwamanye amazwe.
Ithelevishini yombuso wase-Iran ngeSonto ithe iTehran izokhulula abantu base-USA abane abasolwa ngobunhloli bese i-USA ikhulula abane base-Iran ababanjelwe e-United States kanye nokukhishwa kwale mali.
UHulumeni wase-USA ukuphikile ukuthi ukushintshana yinto ezokwenzeka. Ithelevishini yombuso icaphune isikhulu esingaziwa ngegama sase-Iran sithi uNazanin Zaghari-Ratcliffe ongowokudabuka e-Iran futhi onobuzwe baseBritain uzodedelwa uma iBritain isikhokhe isikweletu semishini yezempi ekweletwa iTehran.
Isikhulu sehhovisi lezangaphandle laseBritain siwuphikile lo mbiko. I-Iran nemibuso yamazwe ibambe izingxoxo zokuvuselela isivumelwano senuzi sangowezi-2015 esashiywa yiWashington eminyakeni emithathu eyedlule eyaphinde yafaka unswinyo eTehran.
Izikhulu zase-Iran zatshela abezindaba ngenyanga eyedlule ukuthi isivumelwano sesikhashana kungaba yindlela yokuthola isikhathi sokuxazululwa okuzoma njalo kubandakanya ukukhipha imali yase-Iran ebanjwe ngaphansi konswinyo lwase-USA.
“Imithombo enolwazi ithi uHulumeni kaBiden uvumile ukudedela iziboshwa ezine zase-Iran eziboshwe ngokudlula unswinyo lwe-USA ukuze zithole ‘izinhloli’ ezine zase-USA,” kusho umbiko wethelevishini yombuso wase-Iran.
“Ukukhululwa kukaNazanin Zaghari okuzoholela ekutheni i-United Kingdom ikhokhe isikweletu sayo esingamaphawundi ayizigidi ezingama-400 e-Iran nakho sekuphothuliwe. Umthombo uphinde wathi uHulumeni kaBiden uvumile ukukhokhela i-Iran izigidi eziyisi-$7,” kubika le thelevishini.
EWashington, okhulumela uMnyango Wezwe uNed Price uthe:“Imibiko yokuthi kufinyelelwe esivumelwaneni sokushintshiswana ngeziboshwa ayilona iqiniso. Njengoba sishilo, sihlala siphakamisa amacala abase-USA ababoshwe noma abalahlekile e-Iran. Ngeke sime kuze kube siyakwazi ukubahlanganisa nemindeni yabo. ”
URon Klain, oyinhloko yezisebenzi eWhite House, naye uwuphikile lo mbiko. “Ngeshwa, lowo mbiko awulona iqiniso. Asikho isivumelwano sokudedela laba bantu base-USA abane,” kusho uKlain.
ITehran kanye namanye amazwe bebehlangana eVienna kusukela ekuqaleni kukaMbasa ukuze basebenze ngezinyathelo okumele zithathwe, ezithinta unswinyo lwase-USA kanye nokwephulwa okusolwayo kwe-Iran kwesivumelwano senuzi sangowezi-2015, izingxoxo ezifaka phakathi ukubuyisa iTehran neWashington ekuthobeleni ngokugcwele isivumelwano senuzi.
I-Iran ithi imali eyizigidi eziyizinkulungwane ezingama- $20 eyitholayo ka-woyela imisiwe emazweni afana neSouth Korea, i-Iraq neChina ngaphansi kwezijeziso zase-USA kusukela ngowezi-2018. Umeluleki wezokuphepha kuzwelonke wase-US uJake Sullivan, ekhuluma ngeSonto, uthe akukho sivumelwano esesitholakele ne-Iran eVienna. “Kusekhona ibanga elifanele lihanjwe ukuvala izikhala ezisele. Futhi lezo zikhala zingaphezu konswinyo i-United States namanye amazwe abazolubuyisela emuva. kungaphezu kwemingcele yenuzi i-Iran ezokwamukela ohlelweni lwayo ukuqinisekisa ukuthi abasoze bathola isikhali senuzi. ”
Odabeni lukaZaghari-Ratcliffe, uNgqongqoshe Wezangaphandle waseBritain uDominic Raab uthe: “Siyabona ukuthi isikweletu se-IMS kumele sibuyiselwe futhi sibheke amalungiselelo okukuthola lokho.”