Amaciko akhala ngokungayitholi imali ahlinzekelwe yona
UMhlongo yintatheli ebheke izindaba zohulumeni bendawo
Iqeqebana lamaciko abeqhinqe emahhovisi eNational Arts Council eGoli asethathe isinqumo sokumisa lo mnyakazo wawo. La maciko abekhala kakhulu ngokungahlomuli emalini elinganiselwa ezigidini ezingama-R300 eyayikhishwe ngaphansi kohlelo lukaMengameli wezwe lokusiza labo abakhahlamezwe imvalelwakhaya ngenxa yokhuvethe.
UMnu uBrian Ntombela ongomunye wamaciko ukuqinisekisile ukuphuma kwamaciko emahhovisi eNational Arts Council.
“Besesihlale izinsuku ezingama-60 lapha sifuna kwenzeke ubulungiswa wonke umuntu ahlomule kulolu hlelo. Noma singakakuzuzi ebesikufuna kepha siya khona impela ngoba okuningi sesikwenzile. Udaba njengoba sikhuluma nje lusezandleni zoKlebe, kanjalo noMvikeli WoMphakathi usazophenya bese kuba ummeli esinaye. Okusho ukuthi akukho okufihliwe okungeke kuvele, kuzocaca ukuthi lezi zigidi ezingama-R300 zishonephi. Kahlehle zingama-R350 izigidi okusho ukuthi izigidi ezingama-R50 sezadliwa,” kusho uNtombela.
Ephawula ngokuthi banesiqiniseko yini ukuthi imali inyamalele, uthe: “Sinesiqiniseko ngoba ngeke uthi imali ikhona bese ungakwazi ukukhokha. Safika sabuza ukuthi obani abakhokhelwe nokuthi bakhokhelwe miphi imsebenzi nokuthi imalini. Leyo mali asikholwa ukuthi isifikile ngisho ezigidini ezili-R150 kulabo okumele bahlomule.”
Uthe bebengakawutholi umbiko woKlebe maqondana nophenyo lwabo kodwa njengoba bebeqhinqe kula mahhovisi bebenzela ukuthi uma oKlebe bebadinga bakwazi ukubathola futhi uma beboshwa baboshwe besemsebenzini.
“Akekho umuntu ongazi ukuthi uma uganga kumele kwenzeke njani. Inkohlakalo kuloya Mnyango inkulu, bantshontsha bephindelela ngakho njengamanje ngeke sihlale kepha sibheke ehhovisi likaNgqongqoshe uNathi Mthethwa lapho esiyolala khona manje, futhi asihlehli. Sifuna amaciko aphucuzeke akwazi ukuphila impilo engcono, ahlonishwe eNingizimu Afrika. Sesikhathele ukuthi uma kushona iciko kuthiwe belingenamali. Kufanele vele ngoba abantu okuyibona abasemandleni bantshontsha imali yamaciko,” usho kanje.
Ebuzwa ngosekwake kwenzeka ngaphambilini okuthinta imali yamaciko, uthe: “Uma ungabheka iSikhulu Esiphezulu kunamacala amaningi angaphezu kwali-10 okuhlezi kutholakala ukuthi umsulwa kuwona, kodwa kufanele ngoba phela uMnyango ukhipha abantu bawo ukuthi benze uphenyo.”
Emavikini ambalwa edlulwe kumiswe izikhulu okubalwa ngisho umphathi wezimali weNational Arts Council eveza ukuthi bathini kulokhu, uNtombela uthe: “Siyakuthokozela lokho kepha sifuna ukuqinisekisa ukuthi bagqoka imfaniswano ephuzi bahlale ngaphakathi ejele ngoba akekho umuntu okumele aphikisane nemithetho yaseNingizimu Afrika okusho ukuthi abantu abaqashwe uMnyango bayazenzela bantshontshe imali ngoba befuna ukuceba. Okubuhlungu ukuthi laba abantshontshayo abantu abangahlobene ngisho nemboni, okungabantu abafundele ezinye izinto. Isibonelo, uSihlalo webhodi ungowaseSwatini. Lokhu kukhombisa ukuthi uNgqongqoshe uthanda ukukhanda ubuhlobo ngamaciko akuleli.”
UMqondisi woMnyango Wezamaciko Namasiko kuzwelonke uMnu uVusimuzi Mkhize, uthe: “Into ebambezela ukukhokhelwa kwamaciko ukuthi awafaki amagama awo njengoba ebhalwe komazisi afaka lawa adume ngawo. Okunye kukhona ukuthi nathi sithatha isikhathi sisabheka izicelo zawo.”
Uthe abakubonile ukuthi amaciko ayacasuka uma eshayelwa izingcingo ecelwa ukuthi abalethe izinto ezithize, kodwa bona ngeke bakwazi ukukhokha ngoba uma umcwaningimabhuku ewahlola kumele kuhambisane nabo kumele baqinisekise ukuthi umuntu abamunika imali nguye ngempela.
UMkhize uthe ohlelweni lokuqala kwakufanele kuhlomule amaciko abalelwa ezi-7 000, kodwa kwathola ayizi-5 000, kwakhokhwa imali eyizigidi ezingama-R50. Uthe kwaphinda kwalandela esinye isigaba esasiqondene namaciko ayesebenzisa ezobuchwepheshe lapho okwahlomula angama-341, kwakhokhwa izigidi ezingama-R23.4.
Uqhube wathi ngoMandulo sebehlangene noMnyango Wezamabhizini Amancane kodwa bona bebodwa basiza amaciko angama-583 ngemali eyizigidi ezi-R4.3 kusigaba sesibili babebeke eceleni imali engangezigidi ezingama-R80.2 nathe babehlose ukubhekana ngqo nalabo ababazayo kanye nabasebenza ngobuhlalu. Uthe bathola amaciko angama-807, bakhipha izigidi ezingama-R20.3.
“Kunabantu othola ukuthi abahambisani nemininingwane, sihambile sahlangana neSolidarity Fund sasiza abantu abayizi-8 474, bebethola izijumbane zokudla, abayizi-6 771 sebezitholile abanye abakayi ukuyolanda imali, sithe uma sisebenzisana noSARS bathi abanazo izinto zabo ngoba bathola imali namhlanje kusasa abasenayo,” kusho uMkhize.