Now Reading
Umbutho uhlukene phakathi ududulana ngenganono eSomalia
Dark Light

Umbutho uhlukene phakathi ududulana ngenganono eSomalia

OwayenguMengameli waseSomalia uHassan Sheikh Mohamud, uthe amasotsha ahlasele lapho ehlala khona nokuthi uMengameli uMohamed Abdullahi Mohamed nguye obe nesandla kulokho.

Lokhu kwenzeke ngesikhathi amasotsha aseSomalia edubulana ngezibhamu emigwaqweni yenhlokodolobha iMogadishu, okuwuphawu lokwanda kokwehlukana kwamabutho ezokuphepha phakathi kwalabo abeseka ukwengezwa kwesikhathi sobumengameli sikaMohamed nalabo abaphikisayo.  Abahlaziyi bathi lokhu kwehlukana kungaphazamisa abezokuphepha baseSomalia ekulweni nabahlubuki be-al Shabaab abaxhumene ne-al Qaeda esizweni sesifundazwe se-Afrika.

UMengameli usayinde umthetho maphakathi noMbasa owelula igunya lakhe ngeminyaka emibili, wafaka ukuphikisana ngaphakathi eSomalia futhi kwaphinde kwamfaka enkingeni yokushayisana nabaseNtshonalanga nabanye abaxhasi ababephikisana nalesi sinyathelo. “Kuyadabukisa kakhulu ukuthi umbutho ophethwe ngumengameli wangaphambilini uhlasele lapho ngihlala khona,” kusho uMohamud ku-akhawunti yakhe yeTwitter, ebhekise kuMohamed njengo”wayenguMengameli” ngoba akakuboni ukwandiswa kwesikhathi sakhe futhi engamuboni njengoMengameli wakhe. “Sengivele ngixwayisile futhi ngabuphinda ubungozi bokufaka ezokuphepha kwezombusazwe engcupheni. UFarmajo nguye obhekele imiphumela, ” kusho yena ebhekise kuMohamed ngesidlaliso sakhe.

Okhulumela uHulumeni akazange aphendule ngokushesha esicelweni sokuphawula ngezinsolo zikaMohamud, owafakwa esikhundleni sokuba yinhloko yezwe nguMohamed ngowezi-2017.

Ukhuqhuma kwezibhamu 

Phambilini, imithombo yabezindaba kuleli lizwe yathi yezwa ukuqhuma kwezibhamu enhlokodolobha ngesikhathi izakhamuzi zibika ukungqubuzana phakathi kwamaqembu aphikisayo embuthweni wezokuphepha.

“Kuqhuma isibhamu phakathi kwamasosha aphikisana neqembu likaHulumeni namabutho kaHulumeni eFagah Junction,” kusho uHalima Osman oyisakhamuzi. Ukuqhuma kwesibhamu kwehlile ngokuhamba kwesikhathi futhi nabezokuphepha abebephikisana nokuthi uMohamed andise isikhathi sakhe base befika eFagah, kanti abanye abebemeseka bebekomunye umgwaqo, eSaaa, okuyikhilomitha ukusuka lapho, kusho u-Osman. Umthombo ongathandanga ukudalulwa uthe ubone izimoto ezine zamasosha zibekwe endaweni eyodwa eFagah. Amabutho ezimoto aqhamuka emndenini wakwa-Abgal futhi athembekile kuSaney Abdule, umkhuzi wamasosha endaweni yaseHirshabelle maphakathi neSomalia.

See Also

Izingcingo nemiyalezo ethunyelwa kokhulumela uHulumeni ayiphendulwanga. U-Abdule ubememezele ekuqaleni kwesonto ukuthi uyawahoxisa amabutho akhe kwezinye izikhundla futhi uya enhlokodolobha ukuyokhuza ukwengezwa kwesikhathi sikaMengameli. 

Ngesonto eledlule, umphathi wamaphoyisa aseMogadishu umemezele ukuthi uzomisa ukusebenza kwePhalamende ukuze kumiswe ukwelulwa kwesikhathi kodwa wabuye waxoshwa ngemuva kwemizuzu. Omunye ujenene waseSomalia usabise ngokuthatha isikhumulo sezindiza iMogadishu ukubhikishela lokhu kunwetshwa.

ISomalia, eyangena empini yezakhamuzi ngowe-1991, ibilokhu ilwela ukusungulwa kabusha kwegunya likaHulumeni omkhulu nokwakha kabusha izwe ngosizo lwamazwe omhlaba. Ukwehluleka ukubamba ukhetho obekumele lube ngoNhlolanja kuqubule inkinga entsha.

Scroll To Top