Now Reading
‘Kwephuke amalungelo abantu ngenxa yemvalelwakhaya’
Dark Light

‘Kwephuke amalungelo abantu ngenxa yemvalelwakhaya’

Inhlangano i-Amnesty International isigxeke kakhulu uHulumeni waseNingizimu Afrika ngokwephula amalungelo ezakhamuzi ngesikhathi semvalelwakhaya ngenxa yokhuvethe. 

Emibikweni yaminyaka yonke yale nhlangano phakathi kokunye okuvelile ukusetshenziswa ngokweqile kwendluzula amaphoyisa ngalesi sikhathi, kanye nokukhishwa inyumbazane kwababhace kuleli ezinhlelweni zokusiza izakhamuzi ngesikhathi izwe libhekene nokhuvethe.

USihlalo we-Amnesty International edolobheni eThekwini uNkk uNonhlanhla Mkhize, ephawula ngokuthi kungani le nhlangano isola uHulumeni ngokwephula amalungelo ezakhamuzi ngesikhathi semvalelwakhaya, uthe: “Asiqale ngokusho ukuthi singabantu abaphila ezweni abawaziyo amalungelo abo avikeleke kuMthethosisekelo. Kuphinde kube namalungelo abantu bokufika kuleli abadabuka kwamanye amazwe, okubalwa labo abazobhaca kuleli, bese kube khona abakuleli ngenxa yokuzosebenza. Indaba yokhuvethe akusiyona eyeNingizimu Afrika kuphela kepha eyomhlaba wonke nokuyisimo esisifice singakulungele.”

Uthe ngesikhathi iNingizimu Afrika ingena kumvalelwakhaya kwathiwa ukuze uHulumeni ulungise izindaba zenhlalakahle okubalwa izibhedlela kanye nemitholampilo ukuze lezi zindawo zingathwali umthwalo ongaphezu kokwenza izwe lifakwa kumvalelwakhaya ukunqanda ukuhamba kwabantu kakhulu ukuze ingabi ingcindezi. 

“Uma emphakathini osezweni elinenkululeko uthi kuzofingqwa kancane amalungelo ezakhamuzi ngokokunyakaza nokuhlangana kwabantu, baphinde babe ngamaqoqo njengoba benawo enkululekweni bese ubanika izinsuku ezingama-21 uthi uma uwuHulumeni uzobona ukuthi uhlanganisa kanjani futhi uqhubeke nokusicindezela kuthina kuyasihlukumeza,” usho kanje. 

UNkk uMkhize uthe okumukhathazayo ukuthi ngesikhathi uHulumeni uthi imvalelwakhaya ngeyesikhashana bese kuphinda kuba nezigameko lapho kutholakala abantu kuthiwa bahlukunyeziwe ikakhulukazi behlukunyezwa abantu abaqashwe uHulumeni okumele baqinisekise ukuthi umthetho uyalandelwa njengamasotsha, kuphinde kuhlukunyezwe abangenamakhaya ababebhacisiwe ezindaweni ezihlonzwe uHulumeni uthi lezo zindawo seziyakhucululwa amagciwane ngakho labo abahleli kuzona sebeyasuswa ukuze baphephe. 

Uthe bona njengabantu abanamalungelo bayaxoxisana futhi bayafundiseka kepha indlela abaphathwa ngayo inendluzula futhi ayinabo ubulungiswa. 

Ecacisa ukuthi ngabe ngokwe-Amnesty International kwakungesisona yini isinqumo esiphusile ukuthi uHulumeni ufake izwe ngaphansi kwemvalelwakhaya, uthe: “Ukuba nemvalelwakhaya siyizikhungo ze-Amnesty umhlaba wonke siyakuvuma ukuthi kudalwe isimo esizithole singaphansi kwaso akusiyona into esingathi bekungafanele yenzeke, into eyinkinga ukuthi kwenzeke kanjani, nokuthi kwenzeka kanjani ukuthi kungacindezeleki amalungelo abantu.” 

Njengoba zisaqhubeka izigameko zokuhlukunyezwa kwamalungu omphakathi ilabo abagcina umthetho isibonelo salokho okuyisigameko sakamuva sokubulawa kukaMnu uMthokozisi Ntumba ngenkathi kunombhikisho eNyuvesi iWits eGoli, uthe: “Sike sakhala ngokubulawa kukaCollen Khoza njengoba abulawa ngoNhlangulana nyakenye esikhala ngakho kakhulu ukuthi njalo uma kuke kwatholakala ukuthi basebenzise indluzula, kwaphulwa amalungelo abantu ukuthi bakwazi ukubhikisha nokuhlangana uma beke bakwenza lokho abantu baba nesihluku. Okusiqhatha noHulumeni ukuthi noma sekwenzekile kepha ucwaningo alwenziwa ngendlela efanele ukuqinisekisa izakhamuzi ukuthi uHulumeni uyabona ukuthi iphutha libe ngakubona futhi kuzokwenziwa ubulungisa.” 

See Also

Uqhube wathi bayavuma ukuthi ubuholi ngeke buhlale bukhona ezigamekweni kepha labo abasuke benze isihluku bayizithunywa zabo futhi bayazi ukuthi kunezindlela okumele zisetshenziswe ukuzama ukuqondisa isimo ngakho-ke umbuzo omqoka ukuthi kungani lezo zindlela zingasetshenziswa? 

“Uphelile unyaka kungenzeke lutho ecaleni likaMnu uKhoza, kuphinde kube isigameko sakamuva sezikhungo zemfundo ephakeme nakhona kuthiwa ucwaningo luyaqhubeka kepha akukaze kwafikwa kusisombululo,” kusho uNkk uMkhize. 

Ephendula ukuthi njengoba lezi ziwombe zenzeka emhlabeni wonke, omunye umuntu angabuka ngokuthi ziyathathwa izinyathelo ezibonakalayo kwamanye amazwe njengoba kwenzeka ngokubulawa kukaGeorge Floyd e-USA ngabe babona ukuthi iNingizimu Afrika isalele yini ukuqondisa izigwegwe kulabo okumele engabe bagcina umthetho? 

Uthe: “Lapha eNingizimu Afrika okwenziwa kangcono ukubekwa kwemigomo ukuze sibonakale sibahle, okwenza kubonakale ukuthi isithunzi somuntu siyahlonipheka, njengoba kukhona ne-IPID. Inkinga ifike ibe sekutheni sekukhona konke akube kusenzeka njengoba kubhalwe phansi, njengoba umthetho uthi ofake isikhalo unelungelo lokwaziswa ilabo abaphenya ngecala ukuthi sekwenzakalani kepha lokho akwenzeki. Abanye abebehlukunyezwa emakhaya bezobika bebethethiselwa ukuthi baphumeleni ezindlini kanti okusihlukumeze kakhulu ukubona lezi zibalo zikhula kakhulu lapho bekumele engabe umthetho siwubone ulima indima yawo.”

Scroll To Top