Now Reading
Afuna isixazululo amavukelambuso aseChad
Dark Light

Afuna isixazululo amavukelambuso aseChad

Amavukelambuso asenyakatho neChad aselungele ukuthi kunqamuke impi futhi abuye axoxe “ngokuxazululwa kwezepolitiki” ngemuva kokufela empini kukaMengameli u-Idriss Deby ngesonto eledlule kanye nempi eyalandela, kusho okhulumela amavukelambuso. 

NgoMgqibelo amavukelambuso abelungiselela ukuqhubekela phambili ahlasele enhlokodolobha iN’Djamena emveni komngcwabo kaDeby. 

Ukushona kukaDeby ngoMsombuluko owedlule, ngemuva nje kokuthi enqobe ukhetho lokwelula isikhathi sokubusa kwakhe seminyaka engama-30, kwethuse abaningi kuleli lizwe elisenkabeni yezwekazi osekuyisikhathi eside liwumlingani weNtshonalanga ngokumelene namavukelambuso. 

Umkhandlu wamasosha oholwa yindodana kaDeby, uMahamat Idriss Deby, othathe amandla ngemuva kokushona kukayise, uthi uhlose ukwengamela isikhathi soguquko lwezinyanga ezili-18. 

Amavukelambuso abalelwa ezinkulungwaneni, aziwa ngeFront for Change and Concord in Chad (FACT), awela umngcele esuka kumakhelwane osenyakatho yaleli zwe iLibya ngoMbasa zili-11. 

IFrance ngoLwesibili ihlehlile esinqumweni sayo sokwesekela uHulumeni woguquko ohlanganiswe izakhamuzi kanye nezombutho eChad yafuna kubekwe uHulumeni wobumbano kuzwelonke wezakhamuzi ozophatha leli lizwe okwakuyikoloni layo phambilini kuze kube nokhetho ezinyangeni eziyi-18 ezizayo. Ngemuva kokushona kukaMengameli uDeby, umkhandlu wamasotsha oholwa yindodana yakhe, uMahamat Idriss Deby, uthe uzobheka inguquko yezinyanga ezili-18 kuyiwa okhethweni. Abezombusazwe abaphikisayo babize lokhu ngokuthi wukuvukelwa kombuso. 

See Also

Umkhandlu wamasotsha ubulokhu unengcindezi yokuthi unikele ngamandla kuhulumeni weguquko wezakhamuzi ngokushesha okukhulu. I-African Union izwakalise ukukhathazeka okukhulu ngokuthatha amandla ombuso kwezombutho, kuyilapho iFrance kuze kube manje ifuna isixazululo sikahulumeni obandakanya ezombutho kanye nezakhamuzi. 

“IFrance neDemocratic Republic of Congo baphakamisa ukuxhasa kwabo inqubo eguqukayo ebandakanya wonke umuntu evuleleke kuwo wonke amabutho ezombusazwe aseChad, eholwa uhulumeni wobumbano lukazwelonke okufanele kuholele okhethweni kungakapheli izinyanga ezili-18, ”kusho iHhovisi likaMengameli waseFrance esitatimendeni esihlanganyelwe ngemuva kokuthi u-Emmanuel Macron ebambe izingxoxo nozakwabo weDemocratic Republic of Congo uFelix Tshisekedi. 

Phambilini uMacron wayigxeka indlela yokuphathwa kwababhikishi eChad, lapho kwabulawa khona abantu ababili kwathi abangama-27 balimala ngesikhathi ababhikishi bengena ezitaladini befuna kubuyelwe embusweni wabantu.

Scroll To Top