Now Reading
Kume umsebenzi wegesi ngenxa yezimpi eMozambique
Dark Light

Kume umsebenzi wegesi ngenxa yezimpi eMozambique

Inkampani yezamandla yaseFrance iTotal ngoMsombuluko ithe iphoqeleke ukuthi imise umsebenzi wayo weLiquefied Natural Gas (LNG) wamarandi ayizigidigidi ezingama-20 eMozambique futhi yahoxisa zonke izisebenzi zayo kule ndawo ngemuva kokuhlaselwa ngamavukelambuso ngenyanga edlule. 

Lokhu kusho ukumiswa okukhulu futhi kuvumela iTotal ukuthi ishenxise osonkontileka. Izakhamuzi eziningi zabulawa ngoNdasa edolobheni elisogwini yeMozambique ePalma, eduze namaphrojekthi egesi abiza izigidigidi ezingama-$ 60 okuhloswe ngawo ukuguqula umnotho waleli zwe. 

Lokhu kuhlasela kube nomphumela omubi ezinhlelweni zeTotal nembangi yayo i-Exxon Mobil, nayo enephrojekthi yeLNG eMozambique yokuguqula leli zwe libe wumkhiqizi omkhulu weLNG e-Australia, eQatar, eRussia nase-United States. 

Lokhu  futhi kwenzeka njengoba amafemu amakhulu egesi ehlolisisa indlela asebenzisa ngayo iLNG, eke yabonwa njengophethroli wesikhathi esizayo ngoba inomoya ongcolile ongaphansi kunamalahle noma uwoyela kepha manje sekungabuye kuhlolwe kabusha emkhankasweni wokunciphisa ukukhishwa kwekhabhoni ngokujule nangaphezulu. “Uma kubhekwa ukuvela kwesimo sokuphepha… iTotal iqinisekisa ukukhishwa kwazo zonke izisebenzi zephrojekthi yaseMozambique yeLNG esizeni se-Afungi. Lesi simo siholela ekutheni abakwaTotal, njengomsebenzi wohlelo lweMozambique LNG, bamemezele ukuthi bamise ukusebenza, ” kusho le nkampani.

ITotal, eyayihlose ukukhiqiza umthwalo (umsebenzi) wayo wokuqala kulo msebenzi ngowezi-2024, yamisa umsebenzi ngoNdasa zingama-27 ngemuva kokuhlasela kwamasotsha. “Ukumisa umsebenzi bekuyiyona kuphela indlela yokuvikela kahle intshisekelo yephrojekthi kuze kube umsebenzi uqala kabusha,” kusho okhulumela iTotal. 

UMengameli waseMozambique uFilipe Nyusi, kule nyanga uthe uHulumeni uzosebenza ukubuyisa ukuthula ezweni ngemuva kwesigameko sangenyanga edlule sokuhlasela kwamasotsha eduze kwamaphrojekthi egesi ezigidi zamadola asekelwa izinkampani zikawoyela zomhlaba wonke.

See Also

Iphrojekthi yeLNG ifaka phakathi ukwakhiwa kwezinkundla zegesi yemvelo iGolfinho ne-Atum e-Offshore Area 1 yemvume kanye nokwakhiwa kwezitimela ezimbili ezinamandla angamathani ayizigidi eziyi-13.12 ngonyaka. 

ITotal  ithole uxhaso lwesikweletu lwezigidigidi ezili-$ 14.9 ngoNtulikazi ukuxhasa ukuqalwa komsebenzi. 

Scroll To Top