Umthetho omusha waseBritain usufake unswinyo kwabathile
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
NgoMsombuluko iBritain ifake unswinyo kwabali-14 baseRussia, umndeni wakwaGupta kanye nezikhulu ezisolwa ngokusiza abathengisi bezidakamizwa baseCentral America, ekusetshenzisweni kokuqala kwamandla amasha ukulwa nokuhlukunyezwa kwamalungelo abantu nenkohlakalo.
Umthetho omusha waseBritain obizwa ngokuthi yiMagnitsky Act, unjengomthetho owashaywa e-United States of America oqanjwe ngoSergei Magnitsky, ummeli owaboshwa futhi washonela ejele eRussia ngemuva kokumangalela izikhulu zaseRussia ngenkohliso enkulu yentela.
Lo mthetho omusha unikeza uHulumeni amandla okujezisa labo othi babandakanyeka ngokuthembeka ekuphulweni kwamalungelo abantu nenkohlakalo.
Izinyathelo zalo mthetho zithi kubanjwa izimpahla zabo futhi zibavimbele ukuthi bavakashele iBritain.
“Inkohlakalo inomphumela omubi njengoba ibambezela intuthuko, iqeda ingcebo yamazwe ampofu futhi igcina abantu bayo bevaleleke ebuphofini. Ingcolisa umthombo wentando yeningi,” kusho uNobhala Wezangaphandle uDominic Raab (osesithombeni).
Abantu baseRussia abali-14 ababehlosiwe bayathinteka kulokho uHulumeni waseBritain akuchaza njengobuqola bemali engangezigidi ezingama-$230 okwakuyicala elavezwa nguMagnitsky.
Laba abaseRussia kubandakanya uDmitry Klyuev, owaziwa njengomnikazi ngaleso sikhathi we-Universal Savings Bank yaseRussia. IBritain iphinde yadedela isijeziso kuzelamani zakwaGupta u-Ajay, u-Atul noRajesh, ezidabuka e-India ezazisekhaleni lenkohlakalo yaseNingizimu Afrika eyaba nomthelela ekuqunjweni phansi kukaMengameli wangaphambilini uJacob Zuma. Basolwa ngokusebenzisa ubudlelwano babo noZuma ukuzizuzisa ngokwezimali nokuthinta ukuqashwa kwabantu abaphezulu.
AbakwaGupta noZuma bayakuphika ukwenza okungafanele. Kuphinde kwafakwa unswinyo kubantu abathathu abasolwa ngenkohlakalo eHonduras, eNicaragua naseGuatemala, kubandakanya nokwenza lula ukufumbathiswa ukuze basekele inkampani enkulu yokushushumbisa izidakamizwa. UNobhala Wezangaphandle e-USA u-Antony Blinken uthe uyazamukela izijeziso zaseBritain, wathi ziqinisa imizamo yokulwa nenkohlakalo emhlabeni jikelele.