Umdwebi uyasiza kwezokushicilela



UZodwa Zondi ungumshicileli omkhulu wezilimi zendabuko kwaShuter and Shooter
Phambilini sabalula ukuthi baningi ababamba iqhaza ekushicilelweni komsebenzi obhaliwe. IsiZulu sithi ‘injobo enhle ithungelwa ebandla’.
Lesi saga sikhumbuzisa ukuthi kubalulekile ukubonisana nabanye abantu ukuze uphumelele kokwenzayo futhi kuhambe kahle. Ngokunjalo-ke yize umbhali engumsunguli womsebenzi, naye uyaye afune izeluleko nosizo kubantu abehlukene. Phela usuke naye efuna ukucotshelelwa ngokuthi angawenza kanjani umsebenzi wakhe uhehe. Yingakho umdwebi naye eklama indima ebalulekile. Ukudweba phela kuwumsebenzi odinga ubuciko. Miningi-ke imisebenzi yobuciko lapho usebenzisa izandla zakho. Kubalwa ukubaza, ukupenda nokunye. Kodwa thina sizogxila kuwo lo wokudweba.
Sibuka ukuthi wenzani umdwebi; iziqu ongazifundela ukuze ube ngumdwebi. Siqhubeke sibheke ukuthi umdwebi angasebenza kuphi, kanye negalelo lomdwebi uma kushicilelwa incwadi. Kwazise phela ukudweba sekudle umhlanganiso emikhakheni eminingi okubalwa owezempilo lapho umdwebi edweba izinto okungelula ukuzibona ngamehlo njengamagciwane. Isemkhakheni wezemfundo lapho esiza ngokwenza imidwebo ezincwadini ukucacisa kabanzi okufundwayo. Kanye nasezimbonini zokukhiqiza lapho edweba imishini, nokunye.
Umdwebi
Umdwebi ngumuntu odweba umcabango othile uphenduke isithombe. Angadweba ngenhloso yokuchitha isizungu, noma ngenhloso yokuziphilisa. Umdwebi uyaye afaniswe nombhali lapho umbhali esebenzisa amagama ukuxoxa indaba kanti umdwebi usebenzisa izithombe ukuxoxa eyakhe.
Iziqu zokuba ngumdwebi
Ziningi-ke izinhlobo zokudweba, kodwa-ke zizochazwa kabanzi ngokulandelayo. Njengoba ziningi nje, nezindlela zokufundela ukudweba ziningi futhi zehlukene. Umdwebi angathola iziqu kuCreative Arts, kuGraphic Design, kuFine Arts, ezoBuciko, njalonjalo. Kodwa lokhu akusho ukuthi ngeke ube ngumdwebi ngaphandle kwazo. Bakhona abadwebi abangakufundelanga ukudweba kodwa babe nethalente lokudweba abangaziphilisa ngalo. Kodwa imfundo ibalulekile ngoba yize unalo ithalente, uyadinga ukuthuthukisa ulwazi lwakho nokuthola imibono yabanye abantu.
Angasebenza kuphi umdwebi?
Umdwebi ungomunye wabantu abasenhlanhleni yokungaphoqeleki ukuba asebenzele ehhovisi. Kunalokho, bavame ukusebenzela emakhaya lapho bezokwazi ukuneka khona zonke izinsiza zabo, noma babonise imidwebo yabo. Abadweba ngokupenda, baba namagumbi abayibeka khona ukuze imidwebo yabo yome. Kanti, abanye nje ubathola bezidwebela emakhaya bese bewuthumela umsebezni usuphelile.
Ngenxa yentuthuko, seziningi izindlela zokuthumela umdwebo; ungawuthumela ngalo iphepha odwebe kulo, ungawuthumela ngecwecwe, lapho umdwebi uyawuthwebula bese ewugcina ecwecweni bese ethumela ngalo. Lokhu kusiza ngoba loyo ozowusebenzisa uyakwazi ukuwunweba noma awunciphise ngendlela afisa ngayo. Ngakho-ke, umdwebi angasebenza ngokuzimela.
Sesiphetha nje, umdwebi ulekelela umbhali ukuze okubhaliwe kufundeke, kuqondakale, ukuze umuntu akubone ngamehlo engqondo. Ingakho sithe, umbhali ukhuluma ngamagama, bese umdwebi akhulume ngezithombe belekelelana ukuze umsebenzi obhaliwe ube yimpumelelo. Kwazise phela amasongo akhala emabili. Ngiyema lapha, kodwa ngokuzayo sizothi qaphuqaphu ngegalelo lomdwebi nezinhlobo zemidwebo.