Now Reading
Iyazwela ingcindezi yokhetho kuMengameli wase-Albania
Dark Light

Iyazwela ingcindezi yokhetho kuMengameli wase-Albania

UMengameli wase-Albania u-Ilir Meta (osesithombeni) usesole uNdunankulu u-Edi Rama ngokusebenzisa izwe ukuzicebisa nokwehluleka ukuqhamuka neqhinga lokunqanda ukubhebhetheka kokhuvethe. Kuqala lokhu kukhombana nje leli lizwe lizoba nokhetho lukazwelonke ngeSonto. 

UMeta uthe uzosula kwesobuMengameli uma iqembu likaRama linqoba ukhetho. NgokoMthethosisekelo wase-Albania, isikhundla sobuMengameli siwumhlobiso ngoba wonke amandla okuthatha izinqumo akuNdunankulu. 

Nakuba uMthethosisekelo ungamuniki mandla uMeta kodwa sekukaningi edonsisana noRama. Ekhuluma ngokhetho uthe: “Lolu ukhetho oluzocacisa ngekusasa le-Albania e-Europe.” Uqhubeke wathi uRama esebenzisa izwe ukuzicebisa yena nadlelana nabo kanti lokhu kufana ncamashi ne-Albania yaphambilini yamakhomanisi. 

Izinsolo zenkohlakalo kade zaqala kuleli lizwe njengoba sekuphele iminyaka emibili amaqembu aphikisayo engalubhadi ePhalamende. Amalungu ePhalamande kanye noMeta basola uRama ngokuqoqa wonke amandla okuthatha izinqumo ePhalamende, kuKhabhinethi nakwezobulungiswa. 

Ngaphambilini leli lizwe belilawulwa ngenqubo yobukhomanisi engakuqhakambisi ukwehlukana kwalawa magatsha kaHulumeni kanti nakuba izinguquko sezaba khona kuMthethosisekelo ukuvimbela lokhu kodwa zisekhona. URama nakuba izinkomba zithi uzodla umhlanganiso kulolu khetho futhi ne-European Union (EU) ikhombisa ukumeseka kodwa asolwa ngakho ukungahloniphi izinguquko ezenziwa eminyakeni eyedlule yokuzikhuculula kwaleli lizwe insila yenqubo yobukhomanisi. 

Kulolu hlelo lokuzikhuculula leli lizwe lalisebenzisana ne-United States of America (USA) ne-EU. Lolu hlelo lwaxoshisa lwaphinde lwabophisa inqwaba yabehluleli. UMeta uphinde wasola uRama ngokwehluleka ukulawula ukuhlasela kokhuvethe oselubulale  abantu abangama-2 350 kuleli zwe. 

See Also

UMeta waqala impilo yakhe kwezombusazwe eqenini iSocialist Party eliholwa uRama namuhla kodwa walishiya ukuqala iSocialist Movement for Integration. Ngowezi-2017 waqokwa njengoMengameli okwabe sekumuphoqa ukuthi ashiye ubuholi beqembu lakhe abe eselishiyela umkakhe uMonika Kryemadhi. 

Nakuba efungile ukuthi uma iqembu likaRama linqoba ukhetho uzosula esikhundleni sakhe okusele unyaka ukuthi kuphele isikhathi sakhe kodwa kukhona ukukhuluma okuthi lokhu ukwenza ngoba efuna ukuzuzela iqembu lakhe izihlalo ePhalamende elinezihlalo ezili-141.

Kuyasolakala ukuthi uMeta usenazo izinjongo zokubuyela kwesobuNdunankulu njengoba ake aba nguye phakathi kowe-1998 kuya kowezi-2002. Wangena kulesi sikhundla eneminyaka obudala engama-30 okwamenza waba nguNdunankulu wesibili ngobuncane emlandweni wakuleli lizwe. Njengoba manje eneminyaka engama-52, kuyasolakala ukuthi ubona kusamulungele ukuthi usengabuyela kwesobuNdunankulu okanye kungene umkakhe kwazise nguye onguMengameli weqembu iSocialist Movement for Integration njengamanje. 

Scroll To Top