INato ne-EU bathole umbiko ovela eCzech Republic
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
NgeSonto iCzech Republic ithe seyizazisile izinhlangano iNATO kanye ne-European Union (EU) maqondana nokusolwa kokubandakanyeka kweRussia ekuqhumeni kwedepho yezikhali ngonyaka wezi-2014.
Iphinde yathi lolu daba luzoxoxwa emhlanganweni wongqongqoshe bezangaphandle ku-EU. Leli lizwe laxosha izisebenzi ezili-18 zaseRussia ezingamanxusa ngenxa yalolu daba laphinde lathi uphenyo luxhumanise izinhloli zaseRussia nalokhu kuqhuma okwabulala abantu ababili.
Abezindaba baseRussia bacaphune uVladimir Dzhabarov, oyiphini lokuqala lenhloko yekomiti lezangaphandle laseRussia ethi izinkulumo zeCzech Republic zingamanga futhi impendulo yeRussia kufanele ilingane. Ukuxoshwa kanye nezinsolo ebekwa zona yiCzech sekudale ukuphikisana okukhulu phakathi kwala mazwe kusukela ngowe-1898 ngesikhathi iPrauge idolobha lase Czech Republic lalisengaphansi kombuso waseRussia.
NgeSonto ikhomishini enkulu ye-EU, iqinisekise inkulumo kaNgqongqoshe Wezangaphandle waseCzech, uJan Hamacek, enkundleni yokuxhumana uTwitter ethi lokhu kuphikisana phakathi kwala mazwe kwakuzoxoxwa emhlanganweni wongqongqoshe bangaphandle be-EU.
Okuseceleni, kuvele ukuthi amaphoyisa akuleli zwe athungatha amadoda amabili abandakanyeka kubugebengu obunzima, abephethe amaphasiphothi aseRussia ngaphansi kwamagama u-Alexander Petrov kanye noRuslan Boshirov, kuvela ukuthi la madoda amabili ayekhona kuleli zwe ngesikhathi kunalokhu kuqhuma.
Lawa kwakungamagama ayesetshenziswa ngamaphoyisa amabili eRussian Military Intelligence (GRU) abashushisi baseBirtain ababebabeke icala lokuzama ukubulala lowo owayeyinhloli yaseRussia uSergei Skripal kanye nendodakazi yakhe uYulia ngoshevu obizwa ngokuthi yiNovichok edolobheni lase-England iSalisbury ngowezi-2018. IRussia yakuphika ukubandakanyeka kwayo kuleso sehlakalo.
IMelika kanye neBritain babemi ngokuphelele neCzech Republic engxabanweni yayo neRussa. Isitatimende esikhishwe indlu yamanxusa esePrague sithe: “IWashington ime ngokuqina nozakwabo, iCzech Republic. Siyasithokozela isenzo sabo esibalulekile sokufaka izindleko eRussia ngezenzo zayo eziyingozi enhlabathini yaseCzech.”
UNobhala Wezangaphandle waseBritain uDominic Raab, enkundleni yokuxhumana uTwitter uthe: “I-United Kingdom ibeseka ngokugcwele abalingani bayo iCzech, ubude bendlela iGRU ezimisele ukuyihamba emizamweni yabo yokwenza imisebenzi eyingozi, futhi lokhu kugqamisa iphethini eliphazamisayo lokuziphatha kulandela ukuhlasela eSalisbury.”
Ubudlelwane phakathi kweRussia kanye namalungu eNATO iningi lawo eliku-EU kanye neMelika kubukeka bungebuhle kakhulu ukwedlula ngezikhathi zempi ebuthule.
IMelika ibeke unswinyo olubhekiswe eRussia kuleli sonto ngenxa ngokugxambukela okhethweni lwaseMelika lwanyakanye, ukugqekezwa kweCyber, ukuxhashazwa kwe-Ukraine kanye nezinye izenzo esolwa ngazo konke lokhu kwenze iRussia yafuna ukuziphindiselela.
Ngenyanga eyedlule uMengameli waseMelika uthe uMengameli waseRussia uVladimir Putin “ungumbulali” kwathi emuva kwalokho kwabizwa amanxusa aseRussia eWhite House ukuba kuyoboniswana.
Kulo nyaka sesiyanda isithombe seRussia iphenduka umzondwa ezweni ngenxa yezenzo esolwa ngazo kanti nayo ayizibekile phansi njengoba iziphendula ngokuziphika noma iphindisele unswinyo ebekwa lona.