Now Reading
Isizukulwane esisha sesingazithatha izintambo zombuso eCuba
Dark Light

Isizukulwane esisha sesingazithatha izintambo zombuso eCuba

URaul Castro (osesithombeni)ukuqinisekisile ukuthi usedlulisela ubuholi beqembu elinamandla iCuban Communist Party esizukulwaneni esisha.

Lokhu ukusho engqungqutheleni yaleli qembu eqale ngoLwesihlanu olwedlule. UCastro ubeqeda iminyaka engamashumi ayisithupha yokubusa kwakhe nomfowabo omdala uFidel Castro.

Enkulumweni yakhe evula lo mcimbi wezinsuku ezine, uCastro oneminyaka yobudala engama-89, uthe abaholi abasha bathembekile eqenjini futhi banesipiliyoni seminyaka besebenza kumagatsha eqembu futhi “bagcwele intshisekelo”.

Ingqungquthela yangowezi-2016 kwakungeyokugcina eyayiholwa yisizukulwane esinomlando esalwa eSierra Maestra ukuqumba phansi umholi owayesekwa yi-USA ngowe-1959.

Wayesevele esesidlulisele kuMnu uMiguel Diaz-Canel isikhundla sobuMengameli beqembu ngowezi-2018.

Ingqungquthela yaleli qembu iwumhlangano weqembu omkhulu nobalulekile kunayo yonke obanjwa njalo ngemuva kweminyaka emihlanu okuhloswe ngayo ukubuyekeza inqubomgomo kanye nokulungisa ubuholi beqembu.

“Ngikholelwa ngokuqinile emandleni kanye nasesimweni esiyisibonelo nasekuqondeni ozakwethu, futhi uma nje ngisaphila ngizohlala ngilungele ngonyawo lwami ekuvikeleni izwe lobaba, inguquko kanye nenqubo yokudlela ndawonye,”  kusho uCastro eHavana ekhuluma nabeqembu lakhe.  

Le ngqungquthela ayivulelekile emphakathini kepha amanqampunqampu ayo ayakhonjiswa kumathelevishini.

UCastro, owethula isihlenga senguquko kwezenhlalo kanye nakwezomnotho ukuvula iCuba ngemuva kokuthola ubuholi kuFidel Castro ngowezi-2008, ubone uDiaz-Canel njengomunye wabaholi besizukulwane esisha.

See Also

Iningi lezakhamuzi ezindala kuleli lizwe zithe zizokukhumbula ukuholwa ngumuntu wakwaCastro kepha zamukela ukuthi besekuyisikhathi sokushintsha kwezintambo.

“Sekungesinye isigaba lesi. Kodwa ngaphandle kokungabaza sizomkhumbula,” kusho uMaria del Carmen Jimenez oneminyaka yobudala engama-72 ongumhlengikazi osewathatha umhlalaphansi.

UCastro wasola ubutha obusha base-USA ngaphansi kukaMengameli uTrump. UMengameli ophethe manje uJoe Biden wethembise ukubuyekeza olunye unswinyo olwabekwa nguTrump yize iWhite House ngoLwesihlanu ithe ushintsho kumgomo waseCuba belungezona izinto eziseqhulwini zenqubomgomo yezangaphandle kukaMengameli.  

UCastro uthe iCuba isikulungele ukuba nobudlelwano obehlukile ne-USA ngaphandle kokukhohlwa izimiso zoguquko kanye nendlela okuphilisana.

Scroll To Top