Omakhelwane beJapan baphikisa uhlelo lokuchitha amanzi aseFukushima olwandle
UZanele yintatheli esimkatshubovu nezinze eChina.
Amazwe akhelene neJapan – okubalwa kuwo neChina – asezibandakanye nezishoshovu ezilwela ukuvikeleka kwemvelo kanye nabadobi bezinhlanzi ukugxeka isinqumo saleli zwe sokuchithela olwandle amanzi angcolile avela esikhungweni esiphehla amandla kagesi seNuzi, iFukushima Nuclear Power Plant.
IJapan idalule izinhlelo zayo zokuchitha amanzi anamakhemikhali eNuzi aphuma embonini yokuphehla amandla kagesi ngeNuzi iwachithele olwandle.
Leli lizwe eliyisiqhingi lithe umsebenzi wokukhipha la manzi angcolile uzoqala eminyakeni emibili ezayo kanti futhi uzodonsa isikhathi esingaphezulu kweminyaka eyishumi.
“Ngokwesethembiso sokulandela imigomo efanele elawula lo mkhakha nebekiwe, sikhethe ukuwachithela olwandle amanzi,” kusho isitatimende sikaHulumeni waseJapan.
Amanzi, asehlanziwe, azochithwa alinganiselwa kumathani ayisigidi, okuyindawo engangamadamu okubhukuda alinganiselwa emakhulwini amahlanu.
Inhlangano elawula amandla kagesi, iTokyo Electric Power kanye noHulumeni kulindeleke ukuthi baqale baphinde bakhiphe amakhemikhali ayingozi asasele kula manzi ngaphambi kokuthi uqale umsebenzi wokuwachitha.
IChina neSouth Korea banxuse iJapan ukuthi iluphathe ngendlela enomqondo ophusile udaba lwaseFukushima iphinde futhi ibambisane nezinhlangano zamazwe omhlaba kanye nomakhelwane.
“Uma amanzi aneTritium avela eFukushima Power Plant ekhishelwa olwandle, kuzothinta kabi impilo yasolwandle kanye nesimo sempilo kubantu,” kusho okhulumela uMnyango Wezangaphandle eChina uZhao Lijian.
ISouth Korea isithathe isinyathelo sokufaka ngokusemthethweni ukukhala kwayo ngesinqumo seJapan enkantolo yamazwe ngamazwe.
Inhlangano ebhekelele amandla kagesi aphehlwe ngeNuzi, i-International Atomic Energy Agency (IAEA), isamukele isimemezelo seJapan ngezinhlelo zayo zokuchitha amanzi asemiphongolweni avela esikhungweni saseFukushima kulandela inhlekelele yangowezi-2011.
UMqondisi we-IAEA uRafael Mariano Grossi uthe leli igxathu elikhulu nelisiza ukuphemba indlela yokuthola inqubekela phambili ohlelweni lokuvala isikhungo saseFukushima.
Uthe indlela ehlelekile yokukhipha amanzi iyona ejwayelekile nesetshenziswa izimboni eziphehla ugesi weNuzi emhlabeni kanye nakulesi sifunda.
“I-IAEA ikulungele ukulekelela iJapan ukuhlola ukuphepha kwale mboni. Sizosebenzisana kakhulu neJapan ngaphambi kokukhishwa kwamanzi, ngesikhathi esekhishwa kanye nangemumva kokuthi esekhishiwe,” kusho uGrossi.
Uthe bazothumela ithimba elizoya eJapan liyobhekelela ukuphepha, baphinde basekele umsebenzi futhi nabo babe khona ngokwabo ukuqapha imvelo.
“Ukuba khona kwethu kuzosiza ukunikeza ithemba abantu eJapan kanye nangaphandle ukuthi ukuchithwa kwamanzi kuqhutshwa ngendlela engeke ibe nomthelela omubi empilweni yabantu ngokunjalo nakuyo imvelo,” kuchaza uGrossi.

