Ziya ngokwanda izinkinga ePemba eMozambique ngenxa yodlame



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UMnu uPeter N’Guila ngaphambilini wayengenankinga yokondla umndeni wakhe wabathathu ngomholo wakhe kepha njengoba amavukelambuso ehlasele idolobha elisenyakatho yaleli lizwe ngoNdasa, useneminye imilomo eyisikhombisa okufanele ayondle.
Amakhulu abantu ababalekela ubudlova ePalma bebelokhu betheleka ePemba, okuyidolobha eliyichweba elingamakhilomitha angama-250 eningizimu, esivele inenani eliphezulu labantu abashiye amakhaya ngenxa yodlame olwedlule kanye nesiphepho sangowezi-2019.
Cishe amaphesenti angama-90 alabo abangena ePemba bamukelwa yizihlobo, kuthi abanye bampintshane ezikoleni, emahhotela, emakamu ematendeni esikhashane kanye nasezinkundleni zemidlalo zesikhashana, kusho uFrancesca Fontanini okhulumela i-United Nations ngaphansi kophiko lwayo lwababaleki i-UNHCR.
Udadewabo kaN’Guila, umshana kanye nabashade nabo nezingane zabo, bathole ikhaya endlini enamagumbi amabili okulala, kepha akanaso isiqiniseko sokuthi uzobanakekela kuze kube nini.
“Bengijwayele ukuthenga isaka elilodwa lerayisi, kepha manje sekufanele ngithenge amasaka amabili. Ikhilogremu lenhlanzi manje alisaneli sekufanele ngithenge amabili,” kusho uN’Guila.
Izihlobo zakhe zifike nezimpahla ebezizigqokile kuphela, ngakho zisadinga izingubo zokugqoka kanye nokwembatha.
IPalma yake yathathwa njengesiphephelo salabo ababalekela udlame kwenye indawo esifundazweni saseDelgado ngenxa yokuthi yayiseduze nemiklamo yegesi ebiza izigidi ezingama-$60. Amavukelambuso avukele ngokukhulu ukuphuthuma esifundazweni ngonyaka odlule, lapho ebenqoba aphinde athathe amadolobha esikhathini mhlawumbe esingangesonto.
Lolu dlame seluphoqe ukuthi cishe abantu abayizi-690 000 bashiye amakhaya abo kusukela ngowezi-2017 lapho kwaqala khona lokhu kuvukela, kusho uFontanini.
Idolobha iPemba, elinezakhamuzi eziyizi-200 000 ngowezi-2017, kwase kubonakala isibalo sezakhamuzi siqala sikhula cishe ngamakota amathathu ngoNhlolanja, kusho inhlangano engaphansi kwe-United Nations i-OCHA, okubalwa phakathi nabantu abayizi-7 400 abafika ngoMfumfu ngesonto elilodwa.
Leli dolobha namanje lisakhoselise amakhulu abantu abaphoqeka ukuthi babaleke ngenxa yesiphepho uKenneth ngowezi-2019, kusho i-International Organisation of Migration (IOM). Isiphepho uKenneth sabhidlisa imizi engaphezulu kwezi-34 000 kanye namahektha ayizi-31 000 ezitshalo.
Ngowezi-2020 , iziphathimandla zendawo zavula amakamu okuhlala ngaphandle kwasePemba kubahlali abasha bedolobha, kepha izinkulungwane ezimbalwa kuphela ezagcina zikhethe ukuthutha.
Izisebenzi zosizo ezavakashela lezi zindawo zithe isimo sokuphila kula makamu asikho sihle kakhulu. Kulandela ukuvakasha ngoNdasa. Izikhulu ze-UNHCR zathi la makamu antula ugesi, ukudla amanzi kanye nezempilo. Kube nzima ngisho ukusondela endaweni eyixhaphozi okushiye izakhamuzi zisaba inyoka.
NgoMgqibelo ababantu abacishe babe yizi-2 000 bangenile ePemba. Ngokusho kwe-International Organisation of Migration (IOM) ukuhlaselwa ePalma, okuqale mhla zingama-24 ngenyanga edlule, sekuphoqe amashumi ezinkulungwane zabantu ukuthi babalekele emahlathini nasemabhishi bezama ukuthola imikhumbi.
Cishe abasindile abayi-1 200 bafika ePemba ngoLwesine ngesikebhe esasihlelwe isikhondlakhondla saseFrance iTotal, abanye balaba abasindile baqhamuke bekhala ngemuva kokuhlala izinsuku becashe emahlathini.
Lokhu kukhula kwenani lezakhamuzi kubeka ingcindezi enkulu ekutholweni kokudla namanzi kanye nezempilo kuleli dolobha.