Now Reading
Umnotho ungathuthuka ngokuwulumbanisa nezenkolo nepolitiki
Dark Light

Umnotho ungathuthuka ngokuwulumbanisa nezenkolo nepolitiki

USihlalo Wozihlalo eSishayamthetho saKwaZulu-Natal uMhlonishwa uSiboniso Duma, uqale uhlelo uMvelinqangi, Ipolitiki Nomnotho nathi inhloso yalo enkulu ukwenza amakholwa ukuba abambe iqhaza elikhulu ekuthuthukisweni komnotho wesifundazwe. 

Engxoxweni nelaboHlanga uthe unqume ukuba ingxenye yalolu hlelo ngoba naye ungumtwana kaNkulunkulu futhi ukupolitiki kanti uneqhaza alibambile emnothweni.

“Ngibone ukuthi into eyenza umuntu wase-Afrika ahlupheke kakhulu indlela esithengiselwa ngayo imfundo, okuyiyonanto esenza sibe ngabantu abangenamandla. Le mfundo esithengiselwa yona isenza silahle okungokwethu,” usho kanje. 

Uthe okumqoka afisa kwaziwe ngabantu nasazoqhubeka akwazise amakholwa ukuthi emnothweni imali ihlukaniswe kane, okokuqala ukuyisebenzisa, nokuyilapho ama-Afrika agcwele khona kakhulu. “Umuntu uthola umholo wakhe awusebenzise, ayofaka uphethroli emagaraji okungewona awabo noma owomAfrika kanye nezingubo zokugqoka,” kusho uDuma. 

Uthe indlela yesibili eyalabo abangabakhandi bomnotho lapho behlangana babheke ukuthi yini into abangayenza. 

“Isibonelo abantu abaqokayo ukuthi ikhilo lenyama yenkomo lingaba malini ngoba bebheka ukuthi bashayeke kanjani. Uma befuna ukuyiguqula bayakwenza lokho,” usho kanje. 

UDuma uthe eyesithathu eyalabo abangabaphathi bamabhange nabanamandla okukhiqiza izikhali, ngokuthi uma izwe elithile lingaba semsindweni njenge-Iraq bayozuza imali eningi. 

“Yilapho betshala mhlawumbe izigidi ezi-R2, ukuthi uma kwenzeka kulwa abantu abathile bayobe sebebathatha bebenza ubuholi, sebeyazuza. Uma bebona ukuthi kuthatha isikhathi eside ukuthi impi iqale bazofaka imali eningi. Njengamanje isikhathi sokhuvethe sebengaqhamuka namabhanoyi kanye nokuhweba ngamasheya,” usho kanje. 

Okwesine inzuzo. “Abazalwane ababambi iqhaza ngenxa yokuthi iBhayibheli libatshela ukuthi imali impande yesono futhi asikho isidingo sokuthi kubuswe, siyobusa eZulwini sigqoke izimpahla ezimhlophe okusho ukuthi kumele sihlupheke lapha emhlabeni, lokho ukubuka kuTestamente Elidala. Uma uya kuGenesisi ithi; ‘Nina ningababusi phezu kwezinyoni zezulu. Niwugcwalise umhlaba’ lokhu kusho ukuthi kuzomele singene ezinhlakeni ezithile ilokhu okumele engabe siyakuqonda manje sazi ukuthi sinikezwe lokho kepha ngenxa yohlobo oluthile lwemfundo ama-Afrika azi ukuthi ayoze abuse ngale, ingakho-ke abanye bethatha izwe lethu,” kusho uMthombeni. 

Uqhube wathi into yokubusa nomhlaba kuhlezi kuhambisana wathi imali ihambisana nomnotho. Uthe uma ungakayiboni ingcebo ngokomoya ungumuntu ongeke abambe iqhaza emnothweni. 

“Yingakho kuhlala amadoda athile anqume ukuthi azomisa kanjani ngoba abakhiqizi bayazana. Ngaleyo ndlela amakholwa ayolokhu elandela. IBhayibheli lithi sizinhloko asisiwona umsila.” 

See Also

Uqhube wathi uNkulunkulu uyazi ukuthi singama-Afrika wasidala wasibeka e-Afrika wafika nezindlela zokuvikela okungokwathu. 

“Isibonelo kubantu baKwaZulu-Natal abayizigidi ezili-11, uma ungahlanganisa amabandla, abasebenzayo nabanamakhono abayizigidi eziyisi-6 bese bakha ibhange labo, baphoqe uHulumeni ukuthi usebenzise leli bhange elizoqeda ububha ngoba elama-Afrika, basho ukuthi bazokwakha izikole nemitholampilo. Uma umuntu ngamunye efaka i-R100 ngenyanga kusho ukuthi ngenyanga kungaba izigidigidi ezingama-R600,” kusho yena.

Uthi amaSulumane akha ibhange i-Al Baraka ngendlela yokuthi abanemali eningi bafaka kakhulu, imali uyithola ingenanzuzo, kuthathwe imali kuyohwetshwa kwamanye amazwe, kuthuthukiswe izwe. 

“Sisebenzisa amabhange angenandaba nathi. Othola ebuka abantu njengabantu ababucayi nabangathola imali efanayo. Isibonelo, uHulumeni ubeke izigidigidi ezingama-R60 kungqalasizinda. Abantu abazothola ilabo abakhulu vele kwezokwakha. Ibandla alikakwazi ukuthi liveze abantu abanamakhono anele. Alinayo indlela yokwelekelela uHulumeni, kwayilona uthola ukuthi linezinkinga kanti ngokomlando ilapho othola khona izinjulalwazi kodwa manje ebandleni ilapho sithola khona indlala nalo liyacela kanti uNkulunkulu wethu usinikeze amandla okuthi sihlakaniphe njengoDaniel okwakubuzwa kubona eBhabhiloni ukuthi into ethile yenzeka kanjani,” kusho uMthombeni. 

Uthe isihloko uMvelinqangi Ipolitiki Nomnotho usikhethe ngoba uhlezi ekhuluma ngakho ngokwepolitiki kodwa akuqaphelile ukuthi eNingizimu Afrika inkohlakalo iyona echaza ibhizinisi lowoHlanga kodwa ipolitiki iyahambisana nobungxiwankulu, ukusebenza kwayo kungcolile kunenkohlakalo kodwa bayakwazi ukubuka engathi umlungu ungcono. “Amakholwa iwona amaningi  KwaZulu-Natal. Kulaba bantu abazigidi ezili-11, abazigidi ezi-7,5 bangamakholwa kodwa abahlangene abanazo izinto abazenza ndawonye ngoba bazibona bengamaWeseli, amaSheshi, amaRoma, Izayoni abaziboni bengumzimba owodwa kaThixo,” kusonga uMthombeni.  

Scroll To Top