Liyahloma iZulu: Ngabe lizondindizela phezu kwekhanda loMvikeli WoMphakathi?



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Emuva kwemizuliswano eminingi nezinkulumo ngaphakathi nangaphandle kwePhalamende kuleli sonto abashayimthetho ePhalamende bavumelene ngamagama abazohlala ekomitini elizophenya ukusebenza kwalowo onguMvikeli WoMphakathi, u-Adv uBusisiwe Mkhwebane. Leli komiti yilo elimqoka ngoba lizokwenza izincomo ekuthenini aqhubeke nomsebenzi noma qha uMvikeli WoMphakathi kulandela izinsolo zokuthi kawulungele umsebenzi. Lesi siphakamiso sokuma kube neKomiti lePhalamende saphakanyiswa yiDemocratic Alliance (DA) kusuka ngonyaka wezi-2017 nokho izwi layo libe seliphakama ngonyaka owedlule ngoSotswebhu wayo oMkhulu, uMhlonishwa uNatasha Mazzone.
Ekuqaleni kuke kwanzima ukuba sixoxwe lesi siphakamiso ngoba amanye amaqembu kakhulukazi elibusayo begwema ukweseka okushiwo yiDA. Nokho zibe seziguquka izimo banda nakulo iqembu elibusayo abathi u-Adv uMkhwebane kafakwe esikalini. Naye ubengazimisele ukulala engandlalelwe njengoba udaba eze walwedlulisela ezinkantolo esho khona ukuthi unyundelwa ngabantu (iDA) abangakaze mamfune vele nabake bambiza ngengede kaHulumeni. Nokho inkantolo yaba nomunye umbono.
NePhalamende belidedela odalimede ngezwi leHhovisi likaSomlomo uMhlonishwa uThandi Modise obemile ekutheni kabazozwa ngo-Adv Mkhwebana ngoba banamandla akuMthethosisekelo othi kabeluse ukusebenza kwemithetho nezinhlaka namahhovisi athile amqoka. Kuyiwa esitikini nje uMkhwebana usedale ukwehlukana kwemibono eqenjini elibusayo njengoba kukhona abathi uhlinzelwa ezibini nje yingoba wagagazisa onguMengameli wezwe nokaKhongolose, uRamaphosa. Kanti kukhona abathi vele akawazi umsebenzi ngakho yize babemthwele ngeqoma kepha akehle. Lokhu kwehlukana kubonakale nangesikhathi kuvotwa ngenyanga eyedlule. Abe Economic Freedom Fighters (EFF) kabafihlanga ukuthi bayameseka uMkhwebana phezu kwamaphutha asobala. Ukuqinisekisa ukuthi izwi layo liyezwakala, i-EFF ijube uMengameli wayo uMhlonishwa uMalema ukuthi kube nguye ozohlala kuleli Komiti. I-Inkatha Freedom Party (IFP) ijube uMhlonishwa uZandile Majozi, abeFreedom Front Plus bathumela uSotswebhu wabo Omkhulu, uMhlonishwa uCorné Mulder. NabeDA bajube uMhlonishwa uLeon Schreiber. Bonke laba ngabanelungelo lokuvotela isiphakamiso. Emalungwini angeke avote namele amaqembu ali-11 kukhona abaHlonishwa uJenene uHolomisa, uThandiswa Marawu we-African Transformation Movement. Abe-Al Jama-ah bamelwe nguMhlonishwa uGanief Hendricks. Abe-Al Jama-ah bami ne-EFF ekutheni u-Adv Mkhwebane angayi ndawo.