Inkolo yesintu kufanele siyilandele ngokwethembeka, kucacisa umbhali
UBhengu ungumbhali wezincwadi. Kemet: The Genesis of Genesis, AmaZulu: Ancient…
Konje kusho ukuthini ukuthi ‘lungisa umsamo wakho’ kumbe kuthiwe ‘umsamo wakho awulungile’, noma kuthiwe ‘umsamo wakho uxabene’.
Engikuqondile lapha yilokhu ngesiZulu esikubiza ‘ngokulungisa umsamo wakho’. Ngiyakumema mfundi wale ngosi ukuthi sike sicubungule ndawonye ukuthi kusho ukuthini lokhu ngesintu sethu thina boHlanga.
Yini ‘umsamo’? Akulula ukuchaza le nto ngamagama amabili noma amathathu, kodwa kudinga sijule, sisabalale ngengqondo. Nxa ngibuka ngithola ukuthi ‘umsamo’ usho umphakathi wamathongo namadlozi, okuxuba okhokho, ogogo, omkhulu nokhulu, abazali bakho, izingane zakho esezabhubha, odadewenu nabafowenu, obabekazi bakho, njalo njalo.
Kukhona indawo ebasendlini yesiZulu, ewurondaveli, ebizwa ngo ‘msamo’, yilapho kule ndawo, ngokokucabanga kwethu, kuhlala khona imimoya ebheke ikhaya. Le ndawo ibizwa ngo‘msamo’. Iyindawo ehlonishwayo ngoba phela yilapho kuthethwa khona idlozi ngokushisa impepho. Ngakho-ke, uma kuthiwa ‘lungisa umsamo wakho’ kusuke kungashiwo indawo leyo, kodwa kusuke kushiwo umphakathi wamathongo namadlozi akho, kafushane nje, imimoya yabangasekho.
Ukulungisa umsamo, uma silandela le ncazelo, kusho ukusondela eduza namadlozi akho, ukhulume nawo, uma kudingeka, ngemuva kokuba usubonane nabahlolayo, uwahlabele, ugcine nomangabe yiluphi usiko okudingeka ulugcine. Kuyothi ngokuhamba kwesikhathi bese uphinda futhi uyohlola ukuze uzwe ukuthi lokhu obukade ukulungisa, kulungisekile yini, noma abaphansi bayakuvuma yini. Uma unenhlanhla, kuyodlula nje isikhathi esiyizinyanga noma unyaka nje owodwa, ubone izinto zakho seziguquka, zivuleka, kuqhamuke izinhlanhla nxazonke. Kuthi nalokhu obukade ukuphokophelele kulunge. Iyona nkolo yethu-ke le thina ma-Afrika, ngoba sikholelwa ukuthi amadlozi yiwo asikhulekela kuMvelinqangi kukho konke esikudingayo. Ngakho-ke amadlozi anamandla okuvala futhi avule inhlanhla.
Okubalulekile ukwazi ukuthi ‘umsamo’ uyini futhi uphathwa kanjani. Omunye umkhulu wami wathi kimina zintathu izinto eziwumgogodla okudingeka umuntu aziqaphele ngamadlozi: (1) Ukuzila, (2) Ukuhlonipha (3) Inhlanzeko. Sikhule thina siyihlonipha into oyitshelwa umuntu omdala.
Le migogodla yomithathu isho ukuthi uma uyigcina, uyilandela empilweni yakho, usuke usuqala ukwazi ukuthi yini u‘Mthetho weSintu’, yini futhi ‘uMthetho woBuntu’. Uma ugcina le mithetho usuke uhamba ngendlela efunwa amadlozi, kanti uma usuphumile kule ndlela yilapho nedlozi likufulathela, bese uzwa abantu bethi ‘ufulathelwe yidlozi’, besho uma wehlelwe umshophi omubi, wehlelwe yishwa elimbi. Sike sizwe kuthiwa umuntu uphume ngaphansi kwemoto engenamyocu kodwa imoto ife yaphela nya – lapho ingeke isakwazi ukukhandeka. Bese uzwe abantu bethi: ‘Awu, kusho ukuthi idlozi lakhe liyaphila kumbe liyakhanya’. Idlozi eliphilayo nelikhanyayo, yidlozi elikugadayo ngaso sonke isikhathi. Ngakho-ke ukuhamba njalo ngomgudu ofunwa nothandwa yidlozi yikho okubalulekile ngoba uma uzoba umdlwembe, ubulale abantu, untshontshe izinto zabantu, wenze noma ngabe yini embi nenyanyisayo, idlozi liyaqhela kuwe.
Ukulazisa idlozi, ngokwenkolo yethu thina ma-Afrika, kuyinto ejule kakhulu, bheka ngoba uma ekhaya kukhona ingane ezothatha uhambo lokuyofunda kude, ngisho izondiza ngamabhanoyi, umnumzane wekhaya uyaye awise inkomo, acele edlozini ukuthi alihambe nayo le ngane lize liphinde libuye nayo. Uma usinde ekufeni, nakhona lapho kwenziwa into efanayo. Uma wehlelwe yinhlanhla, nakhona lapho uyabonga edlozini ngosiko lwakhona.
Konke lokhu kusho ukuhamba ngendlela yedlozi, okuyindlela enokukhanya. Akekho ongazi ukuthi uma ingane ithi isafune umsebenzi ingawutholi, kuhamba kuhambe bathi abadala basekhaya, cha akesenzeni usiko, mhlawumbe likhona leli dlozi elifuna okuthile esingakwazi. Uyobona sekugaywa utshwala, kanti sekulungiselelwa ukuhlatshwa kwembuzi, okuyiyo thina bantu esiphilayo esikhuluma ngayo emadlozini. Awukhulumi ngempepho kuphela emadlozini, kudingeka ukhulume nangokuchitha igazi. ‘Uyadla wena’.
Ekugcineni, kuyaye kube kuhle ukubheka ukuthi yini ebanga ukuthi izinto zakho zingahambi kahle, ngoba kokunye kuyosho ukuthi usuphambukile endleni yamadlozi. Ubhekwa kanjalo ke ‘umsamo’.
Lapha ngikha phezulu nje, bakhona abantu abayazi ngokujulile le nto, ngoba ukuba sisezweni elikhululekile okwangempela, ngabe inkolo yase-Afrika iyafundiswa ezikolweni, ukuze ingane ithi iqeda esikolweni ibe isifunde yonke into, ukuze yazi ukuthi uma ibiza isibongo okungesona sayo, izinto ngeke ziyihambele kahle, noma ngabe ifunde yagogoda kangakanani. Uma izinto zingahambi kahle, kusho ukuthi ‘umsamo’ wakho usuthanda ukukufulathela. Impilo yonke yomuntu wasemhlabeni ompisholo ukulungisa idlozi ukuze lihlale limbhekile.
Akuyona-ke into encane le, kodwa yinto ejule ngokuyisimanga. Ngakho-ke, musani ukuchitha isikhathi senu nilalele laba bantu ababiza amadlozi ngamadimoni. Inkolo yoNgcindezi esho kanjalo ngoba nje bengafuni ukuthi umuntu ompisholo aphumelele empilweni yakhe, ukuze amcindezele kahle eseyisiyingayinga.