Now Reading
INkantolo Yobugebengu Yomhlaba ikhiphe isigwebo eside kowaseDRC
Dark Light

INkantolo Yobugebengu Yomhlaba ikhiphe isigwebo eside kowaseDRC

ABehluleli bokudluliswa kwamacala eNkantolo Yezobugebengu Yomhlaba (International Criminal Court) bakusekele ngeledlule ukulahlwa yicala kowayengumholi wamasosha aseCongo uBosco Ntaganda ngamacala ezempi nabhekiswe kubantu futhi baqinisekisa isigwebo sakhe seminyaka engama-30, kusho owengamele lolu daba uMehluleli uHoward.

Abameli bakaNtaganda bebefuna ukuguqula isigwebo sakhe bethi icala lokuqala laligcwele amaphutha amaningi ezomthetho.

Kepha aBehluleli bokudlulisa amacala bazichithile zonke izizathu ezicishe zibe ngamashumi amathathu zokuphikisana nokutholakala kwakhe enecala waphinde futhi wagwetshwa isigwebo eside kunazo zonke ezake zakhishwa yile nkantolo.

UNtaganda wagwetshwa ngonyaka wezi-2019 ngamacala okubulala, ukudlwengula, ukusebenzisa izingane njengamabutho kanye nobunye ubulwane akwenza ngesikhathi eseyinduna yamasosha eCongolese Patriots (UPC) empumalanga yaseDemocratic Republic of Congo ngowezi-2002 kuya kowezi-2003.  

Ngesikhathi sezingxabano i-UPC kaNtaganda eyayiphethwe ngabohlanga lwamaHema, yayihlasela kakhulu izimbangi zohlanga lwamaLendu ngokuxoshwa kwabo esifundeni esasinothe kakhulu ngesimbiwa i-Ituri.

Amakhulu ezakhamuzi zabulawa kwathi izinkulungwane zona zaphoqeka ukuthi zibaleke kuleli zwe elisenkabeni yezwekazi elinezakhamuzi eziyizigidi ezingama-90 iningi lazo eziphila ebuphofini obukhulu.  

See Also

I-ICC inkantolo yomhlaba wonke eyahlelwa ngowezi-2002 okwakuhlelwe ukuthi ishushise amacala ezimpi kanye nobugebengu obubhekiswe kubantu lapho amazwe angamalungu ehluleka noma engazimisile ukwenza njalo.

Ngenyanga uNdasa abehluleli kuyo le nkantolo bayalela ukuthi kube nesinxephezelo sezigidi ezingama-$30 esasizonikwa izisulu zikaNtaganda.  

Scroll To Top