Uzoqinisa amatomu uMengameli waseTanzania ukulwa nenkohlakalo
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UMengameli omusha waseTanzania uSamia Suluhu Hassan ngeSonto uyalele ukumiswa emsebenzini kwenhloko yeziphathimandla zamachweba ngezinsolo zenkohlakalo okube wukuqhubeka kwakhe nomkhankaso kaMengameli obengaphambi kwakhe wokulwa nenkohlakalo.
Abathameli bebelokhu befuna ukubona izimpawu zokuqondiswa kwengqubomgomo ebizovela kuMengameli uHassan ofungiswe kwesobuMengameli kwephezulu ngemuva kokushona kwalowo obenguMengameli uJohn Magufuli
Ekhuluma eDodoma ngemuva kokuthola umbiko wokucwaningwa kwamabhuku kaHulumeni, uMengameli uHassan uveze ukuthi maqondana nenkohlakalo okungenani uzolandela ezinyathelweni zikaMagufuli eziqinile ukubhekana nayo.
“Ngithanda ukukuqinisekisa ukuthi ngizoqinisa kakhulu ekuqoqweni nasekusetshenzisweni kwezimali zomphakathi. Futhi ngizoma ngiqine kuyo yonke imikhuba yenkohlakalo ekhona,” kusho uMengameli uHassan.
Umbiko woMcwaningimabhuku uthe akube khona uphenyo mayelana nokunyamalala kwemali engangezigidigidi ezi-3.6 zamaShilling ($1.56 million) ehhovisi leTanzania Ports Authority (TPA), eholwa nguDeusdedit Kakoko.
“Ngifisa ukuyalela ukumiswa emsebenzini kukaMqondisi jikelele wePort Authority ukuze kuvuleke indlela yophenyo,” usho kanje.
Uphinde wacela uMcwaningimabhuku jikelele kanye nohlaka lukaHulumeni lokulwa nenkohlakalo ukuthi bacwaninge amabhuku ngezimali ezikhishiwe kuleli zwe kumaphrojekthi entuthuko kulo nyaka.
UMengameli uHassan ubeyiSekela likaMagufuli ngaphambi kokuthi ashone. UnguMengameli wokuqala wesifazane wakuleli zwe futhi kulindeleke ukuthi aqedele ihlandla leminyaka emihlanu likaMagufuli kulesi sikhundla.