Now Reading
UPapa uhlobanise ukhuvethe noSathane kwelamasundu
Dark Light

UPapa uhlobanise ukhuvethe noSathane kwelamasundu

UPapa uFrancis (osesithombeni) uhole inkonzo yamasundu eSt. Peter’s Basilica enkonzweni ebinabantu abambalwa ngenxa yokhuvethe.

Kulokhu uPapa uthe: “USathane usesebenzisa lolu bhubhane.”

Ngezikhathi ezingaphambi kokuthi umhlaba uhlaselwe wukhuvethe inkonzo yamasundu ekhomba ukuqala kwesonto elingcwele eliholela ePhasikeni, amashumi ezinkulungwane abantu abebuthana eSt. Peter’s Square ephethe amagatsha omnqumo kanye namahlumela esundu emcimbini obanjelwa ngaphandle.

Kepha kulokhu abantu abali-120 ababambe iqhaza kule nkonzo bahlanganyela noPapa kanye namaKhadinali angama-30.

“Ngonyaka odlule sasithukile. Kulo nyaka singaphansi kwengcindezi futhi inkinga yezomnotho isiqala ukusinda kakhulu,” kusho uPapa enkulumweni yakhe ngemuva kwenkonzo.

I-Italy isibhekene nokuvalwa kwezwe okusha okulindeleke ukuthi kuphele uma kudlula iPhasika. NgoLwesithathu uPapa uyale amaKhadinali kanye nabanye abafundisi ukuthi bamukele ukwehliselwa amaholo ukugcina imisebenzi yezinye izisebenzi.

“USathane usesebenzisa lolu bhubhane ukufaka ukungathembani, ukulahla ithemba kanye nokungezwani,” egcizela nokuthi ukhuvethe lolu seluhlukumeze umhlaba ngokwenyama kanye nangokomoya.

Kusukela aqokwa ngonyaka wezi-2013, uPapa  uFrancis wakubeka kwacaca ukuthi ukholwa wukuthi usathane uyinto ekhona, lapho athi ngowezi-2018 kuyiphutha ukucabanga ukuthi uSathane uyinganekwane.  

See Also

Usuku lwamasundu luyisikhumbuzo salokhu okubhalwe eBhayibhelini sokuthi uJesu wadlula eJerusalem wadunyiswa ngabantu, kanti ngemuva kwezinsuku ezinhlanu uzobethelwa.

Ngesikhathi kuqhubeka inkonzo noPapa ubonakale esexhuga kanti kuke kwavela ukuthi uhlushwa yi-sciatica, eyenza kube buhlungu imilenze yakhe uma isiqala.

Okucacile wukuthi yonke inqubo kaPapa yesonto eliNgcwele izoba nesibalo esincane sabantu ngenxa yokhuvethe.

Scroll To Top