Now Reading
Ababhikishi bavulelwe ngenhlamvu kwafa nezingane eMyanmar
Dark Light

Ababhikishi bavulelwe ngenhlamvu kwafa nezingane eMyanmar

Ofakazi abazibonele bathi abezokuphepha eMyanmar bavulele ngenhlamvu emngcwabeni ngeSonto ngesikhathi abantu ezweni lonke behlangene ukuyokhalisana ngemuva kokushona kwabantu abali-144 ababulawe ngosuku olwandulela lolu ngesikhathi kunombhikisho owathola ukucindezelwa okukhulu kunakho konke kusukela kwavukelwa umbuso ngoNhlolanja.

Abalilayo babalekile ngesikhathi kuqhuma inhlamvu enkonzweni yomfundi oneminyaka yobudala engama-20, uThae Maung Maung eBago, eduze nenhlokodolobha yezentengiselwano iYangon futhi akusheshanga kwacaca ngabashonile, kusho ofakazi abathathu abakhulume nabezindaba.  

“Ngesikhathi sicula ingoma yomzabalazo, ezokuphepha zifike zasidubula,” kusho owesifazane ogama lakhe ngu-Aye obekhona enkonzweni. “Abantu okufaka nathi babalekile ngesikhathi beqala bevulela ngenhlamvu.”

Kubikwe ukuthi abanye abantu abali-12 bashonile kwesinye isigameko kuleli lizwe okubeke izibalo zezakhamuzi esezibulewe kuma-459 kusukela kwavukelwa umbuso.

Abezindaba nofakazi bathi izinkulungwane zabantu basemakhaya abaseduze nomngcele babalekele eThailand ngemuva kokuhlaselwa ngezomoya okwenziwe ngezombutho.

Akubanga khona mibiko ngemibhikisho emikhulu emadolobheni iYangon neMandalay ayethwele kanzima ngezibalo zabalimele ngoMgqibelo. Kepha abantu baseMandalay bazungeze isiteshi samaphoyisa ntambama, besola ezokuphepha ngokuthungela umlilo empahleni ngemuva kokushiswa kwemizi emhlanu. Amaphoyisa awatholakalanga ukuba aphawule ngalolu daba.

Izindaba esezisabalele zithi cishe izingane eziyisithupha eziphakathi kweminyaka eyi-10 neyi-16 zibalwa kwababulewe ngoMgqibelo. Ababhikishi babiza laba bagilwa “ngezinkanyezi eziwile”.

Kuphakanyiswa ukuthi alikhishwe inyumbazane leli lizwe                                Lokhu kugobhoza nokuchitheka kwegazi kudonse ukugxekwa okusha nokuningi okuqhamuka emazweni asentshonalanga. Inxusa lenhlangano i-UN Special kuleli zwe lathi ezombutho ziqhuba uhlelo “lokubulala abantu abaningi” futhi linxuse ukuthi umhlaba ukhiphe lo mbuso wamasosha inyumbazane, umise ukufinyelela kwezikhali. Ukugxekwa okuqhamuka ngaphandle kanye nonswinyo olubekwe ngamazwe asentshonalanga okwamanje kusahlulekile ukukhubaza noma ukudambisa abaholi bezombutho njengoba kwamibhikisho yansuku zonke ezweni lonke kusukela ezombutho zathatha umbuso wezwe zaphinde zabopha umholi okhethwe intando yeningi wakule lizwe u-Aung San Suu Kyi, nakho kwahluleka.

See Also

“Siyawahalalisela wonke amaqhawe ethu adela impilo yawo kulo mzabalazo futhi kufanele siwunqobe lo mzabalazo,”  lokhu kufakwe yiqembu elikhulu lababhikishi iGeneral Strike Committee of Nationalities (GSCN) enkundleni yokuxhumana uFacebook.

Ukulwa okukhulu kwaqubuka phakathi kwezombutho kanye namaqembu amabili ezinhlanga ahlomile alawula izingxenye ezithize zezwe.

Cishe abantu abayizi-3 000  babalekela ezweni eliwumakhelwane iThailand ngemuva kokuthi izindiza zempi zihlasele izindawo ezilawulwa yiKaren National Union (KNU) ngamabhomu eduze komngcele.  

Scroll To Top