Umculo wombhaqanga uya ngokumfimfa kungafanele



UMusa KMB Mpanza ungumfundi weziqu zobuDokotela kumkhakha wezokuXhumana e-University of…
Emasontweni amabili kuya kwamathathu edlule kuke kwaba khona imvunge nokukhononda kwamaciko ngodaba lomculo wombhaqanga. Amanye ala maciko afana noMzwakhe Mbuli, uBlack Moses Ngwenya kanye nabanye bakholwa ukuthi lo mculo kungenzeka ufadalale unomphela uma uqhubeka nokungezwakali emsakazweni Ukhozi FM. Asikuvume ukuthi umsakazo, ithelevishini kanye namaphephandaba zonke lezi zinhlaka zineqhaza elibaluleke kakhulu emculweni ngoba iyona ndlela abathandi nabathengi bomculo abezwa ngayo ukuthi sekukhona inoni elisha umculi thizeni aselikhiphile.
Umbhaqanga uhlobo lomculo oludala kakhulu, izifundiswa ezifana noLara Allen zithi umbhaqanga umculo owaqala ukuchuma ngeminyaka ye-1940 nokwasekuthi ngeminyaka ye-1960 wabe usuqala wenabela emalokishini ngisho naphesheya kwezilwandle imbala. Izingwazi ezifana noMahlathini, aMahhotela Queens, Izintombi Zesimanje Manje, uGeneral MD Shirinda, AmaSwazi Emvelo, iSoul Brothers, Indod’Engaziwa, Ofeleba, Imitshotshovu nabanye zachuma kakhulu ngawo njalo umbhaqanga. Umbhaqanga ngalezi zikhathi ubungakhethi iziteshi ezithile zomsakazo, ubudlalwa yinoma yisiphi. Nanamhlanje umculo kaMahlathini neSoul Brothers usawuzwa ngisho eziteshini ezikhuluma isilungu njengeMetro FM. Umculo wombhaqanga ngaleziya zinkathi wawuculwa ngisho aboHlanga kodwa abangasikhulumi nhlobo IsiZulu njengoGeneral MD Shirinda.
Umculo kaBusi Mhlongo nakuba wawuthe ukuxuba isigqi sombhaqanga neJazz kodwa nanamuhla izingoma zakhe ubona intsha efana noVusi Nova izenza kabusha. UDJ Tira kunengoma kaMahlathini iKazet asanda kuyenza kabusha, uLucky Dube waqala ecula wona umbhaqanga. Kuyacaca ukuthi umbhaqanga umculo ohlabahlosile, kodwa manje uyazibuza ukuthi pho konakala kuphi?
Uma ubhekisisa kahle manje kukhalwa kakhulu ngomsakazo Ukhozi FM ukuthi awuwudlali umculo wombhaqanga ngendlela efanele. Kuthiwani ngeziteshi zethelevishini? Yini enye abaculi asebeke bayizama ukuze thina njengabathandi bomculo siwazi bese siwuthenga? Abaculi abaningi abacula umculo wesintu kungaba umbhaqanga, umaskandi noma isicathamiya abasiyo inala ezinkundleni zokuxhumana. Angisho ukuthi Ukhozi FM alungawudlali umculo njengoba kushiwo futhi kufanele luhambisane nemigomo yokusakaza elusebenza ngaphansi kwayo.
Kunabaculi engike ngabathi janti lapha ngenhla, Indod’Engaziwa (Simon Ngwenya) wayenamava ekwakheni amaqembu ombhaqanga afana noFeleba, Abakhwenyana nabanye kodwa manje sekwasala oFeleba nabo abadonsa kanzima. Umculo weNdod’Engaziwa awusabonwa nangalukhalo futhi usungathi ayikaze ibe khona leya ndoda emhlabeni. Amaqembu ayenohlonze esingabala kuwo Abafana Besishingishane, Abayeni, Oflende, Abangani, iMadlala Brothers bonke abaziwa noma basaphila noma abasekho. Umculo wabo usungafunga ukuthi awukaze ubekhona. Lokhu kuyindida kimi ngoba uJon Bon Jovi wathi umculo iyonanto eseduze kakhulu nokuphila ingunaphakade. Kubuhlungu kakhulu ukuthi lezi zingwazi azisaziwa ngokushesha okungaka ekubeni kade “Zidl’ubhedu” zolo lokhu ngeye-1990 noBhodloza Nzimande. Mhlawumbe into abangayenza abaphathi bomsakazo Ukhozi FM ukuthi bathole umuntu ongakwazi ukuvuselela loluya hlelo olwalubizwa ngokuthi Ezidl’ubhedu nakhona koya ngokuthi bakhona yini abaculi abazokhiqiza umculo ukuze kungadlali izingoma ezizodwa. UMnu uSaba Mbixane (ongasekho) owabe engumsakazi kuMhlobo Wenene FM wayekwazi ukuxuba izingoma zikamaskandi nombhaqanga ohlelweni olulodwa olwaluthi Siwela uThukela lungena njalo ngoLwesine ebusuku.
Sekunezindlela eziningi manje zokwazisa abathengi ngomculo omusha futhi nezindlela zokuthengisa umculo sezishintshe kakhulu. Ziningi kakhulu izingoma nami esengazithenga ngenxa nje yokuthi ngizibone ezinkundleni zokuxhumana zasezingihlaba umxhwele. Muva nje izingoma ezindala azisatholakali ezitolo ezidayisa umuculo njengoDakotas kodwa uze ucishe usizakale ezitolo zesimanje ezingenwa ngomakhalakhukhwini. Mningi kakhulu umculo esengiwuthenge esitolo esibizwa nge-iTunes Store. Zikhona-ke nezinye izitolo ezitshelekisa ngomculo ezifana noSpotify, iJoox, i-Apple Music, iYou Tube Music, iDeezer nezinye. Nakuba isitolo i-iTunes sinabo ubugebengu bokuthi uthenge ingoma baphinde bayisuse kumakhalekhukhwini wakho wena ungazi. Ngake ngathenga izingoma zeqembu Izingane Zoma, uSbo Da Poet kodwa kwanyamalala konke kumakhalekhukhwini kumanje ezinye azisekho ngisho esitolo ikhakhulukazi amacwecwe athi Umlomo, Amazwi kaShaka, Bavinjwe Ithaythi namanye.
Noma kukhona lawo mathize thize ngalezi zitolo zomculo ezihlala emaphaketheni ethu, kodwa abaculi bomculo wesintu abasukume basazise ngomculo wabo. Angisasiphathi-ke isicathamiya asibonwa nhlobo ezitolo ezithengisa umculo ngomakhalekhukhwini. Kunamaqembu okuthiwa oZulu Messengers, oRoyal Messengers namanye angeke ubathole ezitolo zomculo (iTunes). Kwezinye izinto uyabona nje ukuthi kungakhalwa ngeSABC kodwa nabo abaculi abenzi okwanele ukuthi umculo wabo usabalale uphinde uphile ingunaphakade kunalokho bathembela kakhulu emisakazweni ukwenza lokho.
Izinkampani ezimandla ekufakeni umculo omdala ezitolo zesimanje ibona oGallo, i-Universal Music, iCCP njalo njalo. Izolo lokhu bekukhona oZuz’muzi Music ebiphethwe uMnu uTshepo Nzimande kodwa manje umculo wabo awubonwa ezitolo zesimanje ekubeni amaciko abhala lowo mculo ebulawa indlala. USphithiphithi (ongasekho) bekuyindoda enekhono lomculo wesintu nokuyiyona eyavundulula ikhono kuSgwebo Sentambo isebenzisa Izidlamlilo Music kodwa namuhla awubonwa lowo mculo. Ithwasa Lami, Abafana Benkululeko noMnikazi Majola usungathi iphupho ukuthi bake babakhona. Ake ngithathe leli thuba ngibanxenxe ababengabaphathi bezinkampani ezazikhiqiza umculo wala maqhawe namanye ukuthi bawudayise lowo mculo besebenzisa izitolo zanamuhla. Uyabona ukuthi nakuba kukhalwa ngokungadlalwa komculo emsakazweni kodwa nabaphathi balezi zinkampani banakho ukugqilaza abaculi ngokuthi bangawudayisi umculo wabo ezitolo zesimanje. Kulezi zinsuku sekukhona ngisho ukuthi ingoma ilalelwa nge-inthanethi bese umculi elala edlile akusadingi ukuthi ize idlalwe emsakazweni ukuze athole ipuleti elivela kwaSAMRO kanye noma kabili ngonyaka.
Enye into amaciko acula umculo wombhaqanga okumele ayiqonde ukuthi umculo uhamba uhambe webuze kodwa ungaliguquli igama lawo. Ngamanye amazwi umculo uyakwazi ukuthi ubuye uguqule isigqi kodwa uligcine lelo gama obizwa ngalo, uma kwenzeka lokhu kwenzeka kancane kancane njengonyawo lonwabu. Uma uwucwaningisisa kahle umbhaqanga oculwa amaSoul Brothers awufani nalona awawuculwa oMahlathini kodwa konke kuthiwa umbhaqanga. Zonke izinhlobo zomculo zihamba zihambe zebuze, umaskandi oculwa uKhuzani awusafani nalona owawuculwa oKiss Mantombazane, uMxosheni noMashelela, uMzikayifani Buthelezi, uMoses Mchunu, uNganeziyamfisa noKhambalomvaleliso. Kweliphesheya kwake kwachuma uhlobo lomculo weRap kodwa kuthe ngokuhamba kwesikhathi kwazaleka iHip Hop kodwa akekho namanje omuzwa ekhalaza ngokuthi irap ayidlalwa emisakazweni. Ukuguquguquka komculo kwenziwa ngenxa yokuzama ukuthi lolo hlobo lomculo lungaphelelwa isasasa. Ngiyacabanga ukuthi abaculi bombhaqanga kumele bathole izindlela zokuthi umculo wabo uthi ukwebuza ukuze ube nesasasa. Inkinga ngesasasa ukuthi alizenzakaleli liyakhiwa. Amabhinca asekwazile ukuzakhela isasasa ngomculo kamaskandi ngakho-ke nabombhaqanga ake bacabange izindlela ezintsha zokwakha isasasa hleze izingqalabutho ezingoSandile Khwela, uMahlathini Nkabinde, uSimon Ngwenya (Indod’Engaziwa), uDavid Masondo (uMdavu) lapho bekhona bayothokoza.
Umculo ufana nesibani ebumnyameni, bonke abathanda ukukhanya bayazizela kuleso sibani. Uma inyamazane ibona ukukhanya ebusuku iyazizela kulokho kukhanya, ngalawo mazwi ngithi abaculi abasinike umculo ozokwazi ukuzidobela wona abathengi ngombunandi bawo. Lapho-ke ngisho iziteshi zomsakazo ziyozizela zona. Uma sebefuna abaculi bombhaqanga ukuvela nakuthelevishini bayokwenza amavidiyo ohlobo oluphambili (HD) baphinde bakhethe izindawo ezinhle abazowathwebulela kuzo. Nangu uNkomose, uMfiliseni Magubane nanamuhla akaze ayenze ividiyo yengoma ethi ‘Thenjiwe’ nakuba le ngoma isemnandi namanje. UMroza Fakude angikhumbuli ngibona ividiyo yengoma ethi ‘Van Damme’ nakuba uBhodloza wameluleka kulalele izwe ohlelweni iSigiya Ngegoma ukuthi enze njalo emva kokuhlukanisa unyaka kodwa akamlalelanga. Nginethemba lokuthi mina bazongilalela uma ngithi wonke umculi oseke waqopha umculo noma ngabe umbhaqanga noma isiathamiya okanye owokholo akawuvundulule namuhla awufake ko-iTunes nakwezinye izinkundla ezitshelekisa ngomculo nakulezi eziwulalelise abantu nge-inthanethi. Impangele enhle ekhala igijima bakwethu, amaciko awathi ekhononda ngesiteshi esithile somsakazo kodwa nawo angabinalo ibatha lokungawusabalalisi umculo. Uma bengakwenzi lokho kofanele baqale bamukele ukuthi umculo wombhaqanga sewasishiya emhlabeni ngenxa yokuthi nabo abawunakanga.