Ukuhlukaniswa phakathi kwenkolo nombuso kwamukeliwe eSudan



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UHulumeni kanye neqembu elikhulu lamavukelambuso elivela ezintabeni zaleli lizwe eliseningizimu yeNuba ngeSonto basayine umqulu ovula indlela yesivumelwano sokugcina ukuthula ngokuqinisekisa inkululeko yokukhonza kubo bonke ngenkathi kuhlukaniswa inkolo kanye nombuso.
Lokhu kusayinwa kwalo mqulo kubukwa njengesinyathelo esibalulekile emizamweni kaHulumeni owabelana amandla oholwa nguJenene u-Abdel Fattah al-Burhan ukufinyelela esivumelwaneni nabahlubuki ezweni lonke nokuqeda izingxabano zeminyaka ezashiya izigidi zishiye amakhaya futhi amakhulu ezinkulungwane eshonile.
Ngonyaka odlule leli lizwe lasayina isivumelwano sokuthula namaqembu amaningi okwakubalwa kuwo awasentshonalanga yezwe esifundeni iDarfur.
Kepha iqembu elibalulekile iSudan People’s Liberation Movement-North (SPLM-N) eliholwa ngu-Abdelaziz al-Hilu, alizange libe yingxenye yesivumelwano ngonyaka odlule ngoba lagcizelela iphuzu lalo lokuthi iSudan ayilahle umthetho weSharia futhi ibe wumbuso wentando yeningi.
Umthetho weSharia wabekwa phezu kwaleli lizwe ngowe-1983 futhi wagcinwa nguMengameli osewakhishwa esikhundleni u-Omar al-Bashir, esikhathini sakhe sokubusa kweminyaka engama-30 ngobunkolo yobuSulumane.
Okubizwa nge“Declaration of Principles” okusayinwe ngeSonto enhlokodolobha yaleli lizwe iJuba phakathi kombuso wezwe kanye namaqembu ahlukene amavukelambuso kusho ukuthi izingxoxo ngesivumelwano sokugcina ukuthula sezingaqala manje.
Isivumelwano sithi zombili izinhlangothi zivumelene “nokusungulwa kombuso wobumbano, wentando yeningi kuleli zwe lapho inkululeko yenkolo kanye nemikhuba yenkolo nokukhuleka kuzoqinisekiswa kubo bonke abantu bakuleli lizwe ngokuhlukanisa amasiko, inkolo, ubuhlanga kusuka kuHulumeni”.
“Ayikho inkolo ezophoqelelwa kunoma ngubani futhi umbuso awuyikuthatha inkolo esemthethweni,” kusho isivumelwano ngaphandle kokucacisa ukuthi iSudan izoba umbuso wezwe okuwudaba oluyimpikiswano njengoba lelizwe lingaphansi koguquko.
U-Aman Amum, onguNobhala jikelele weSPLM-N utshele abezindaba ngeSonto ukuthi ukufinyelela esivumelwaneni ngendima yenkolo kwezepolitiki yaseSudan kube yintuthuko ebizokwandisa izingxoxo noma iziqhubekisele phambili maqondana nokuthola ukuthula.
ISudan manje isikwamukele ukuhlukaniswa phakathi “kombuso kanye nenkolo”, kusho u-Amum.
Bekungacacile ukuthi ezombutho zakuleli zwe ezihlangene negatsha eliphethe lezomphakathi zingaseka noma yiziphi izinyathelo ezinjengalezi ngemuva kweminyaka ezombutho zixhasa ubuSulumane noma inkolo yobuSulumane.
UNdunankulu womphakathi u-Abdalla Hamdok wasayina isivumelwano esifana nalesi no-al-Hilu ngonyaka odlule.
ISudan ibikhungethwe yizingxabano eziningi kule minyaka edlule. Ngemuva kokuthi iSouth Sudan enothe ngowoyela iphume kuleli zwe ngonyaka wezi-2011 kwaqubuka izinkinga eziningi zomnotho ezabhebhethekisa imibhikisho eyaholela ekukhishweni esikhundleni kukaBashir ngonyaka wezi-2019.
ISPLM-N ibilokhu isebenza esifundeni esihlala amaKhrestu amancane nabalandeli bezinkolo zase-Afrika ababekhala ngokubandlululwa isikhathi eside ngaphansi kombuso kaBashir.
U-Amum utshele abezindaba ukuthi izinhlangothi zombili zizoqala izingxoxo mayelana nokwabelwana kwamandla kanye nesiphetho samabutho.
Ngemuva kokusayinwa kwesivumelwano ngeSonto, sekusele iqembu elilodwa lamavukelambuso okuyiSudan Liberation Army (SLA) eliqhubekayo nokuba yisithiyo sokuphepha kuHulumeni eKhartoum.
Iholwa u-Abdel Wahed el-Nur, i-SLA izinze eJebel Marra esifundeni saseDarfur.