Now Reading
Izinkantolo zibhekelela ingane uma umzali efudukela emazweni
Dark Light

Izinkantolo zibhekelela ingane uma umzali efudukela emazweni

Kuliqiniso ukuthi abaningi ikakhulukazi aboHlanga abanalo ulwazi lokuthi ukuhamba nengane encane uye ezweni elingaphandle kwelakho akumane kwenziwe nje kepha kunemigudu yemithetho okufanele ilandelwe okungathi uma ingalandelwanga owenze lokho azithole esesotakwini.

Ecaleni lakamuva eNkantolo Enkulu iSouth Gauteng, eliyisibonelo salokhu, uyise wezingane ezingamantombazanyana waseGoli ugcine ehlele ngenzansi emizamweni yakhe yokuvimbela unina wazo ukuba ahambe nazo bayohlala e-Australia.

Abazali nabantwana abaneminyaka yobudala eyisi-7 neyisi-9 ngeke badalulwa kwazise leli cala lithinta izingane.

Uyise wezingane asebahlukanisa nonina wazo, ubemnqabela ukuthi ahambe nazo okuze kwaphoqa ukuthi owesifazane agcine eye eNkantolo eyokhulekela ukuba ikhiphe umyalelo ozomphoqa ukuba avume ukuba izingane ziyozinza kwelinye izwe nonina.

Bese kuphele izinyanga unina walezi zingane ezama ukuncenga uyise ukuba akwamukele lokhu kodwa kungenzeki. UMehluleli uMpostoli Twala unqume ukuthi ukukhathazeka kukababa wezingane ngokuhamba kwazo kufanele kubhekwe ngaphambi kokuba avume ukuba zihambe.

Emveni kokuba ephekwe ngemibuzo nguMehluleli uTwala, ubaba ugcine ekuvumile ukuthi ukuhamba kwezingane kungaba kuhle ngoba ukwesekeleka kukanina wazo kuse-Australia kuphela. Utshele iNkantolo ukuthi obekwenza kube nzima ukuthi akuvume lokhu ukuthi bebenokuxhumana okukhulu namadodakazi akhe futhi ekhathazekile ngezindleko zohambo lwase-Australia uma kufanele ayobona amadodakazi akhe.

ENkantolo uveze ukuthi nakuba izingane bezihlala nonina kodwa isivumelwano sokugcina izingane besimuvumela ukuthi azibone zonke izinsuku. Uthe uye azilande esikoleni futhi zivumelekile ukuhlala naye kuze kube yihora lesihlanu zonke izinsuku ngakho-ke bachitha isikhathi esiningi ndawonye.

Ebuzwa nguMehluleli uTwala ukuthi uzibukile yini izimo ezenze unina wezingane ukuba afudukele kwelinye izwe, uthe uyakuqonda ngokuphelele futhi naye uyazithanda izingane zakhe.

Nakuba ubaba walezi zingane ekwamukelile ukuthi zihambe kodwa usenakho ukukhathazeka. Kulokhu uMehluleli uthe akanakwazi ukwehlukanisa izingane ezineminyaka yobudala eyisi-7 neyisi-9 nonina nokulapho ubaba ebuze ukuthi kodwa uzimisele ukuzehlukanisa noyise?

Obemele umama wezingane uKarabo Motsamai utshele iNkantolo ukuthi uqale ukudingida lolu daba nobaba wezingane kusukela ngoNhlaba wezi-2020. Uthe lolu daba bese luphuthuma ngoba unina ubefuna ukusebenzisa uhlelo lukaHulumeni wase-Australia lokukhokhela izakhamuzi zawo ukubuyela kuleliya lizwe. Uthe lolu hlelo luvalwa ngomhla zingama-30 kuNdasa kanti sebemiswe yimvume kababa wezingane. Utshele iNkantolo ukuthi uma lolu hlelo lungaphelelwa yisikhathi ummangali uzongena enkingeni yezezimali ngoba ngeke akwazi ukukhokhela indiza azohamba ngayo nezingane zakhe.  

Uveze ukuthi unina wezingane uyakuqonda ukuthi izingane kumele ziqhubeke zibe nobudlelwano noyise, yingakho ezimisele ukukhokhela uhambo lwazo uma zivakashela eNingizimu Afrika kabili ngonyaka.

Futhi uzimisele ukunika uyise wezingane indawo yokuhlala yamahhala uma evakashela e-Australia. Ummeli kammangali uphinde wathi uyise wezingane angakwazi nokuxhumana nazo nge-inthanethi.

Kodwa uMehluleli uTwala ukhumbuze uMotsamai ukuthi ubunzima bukayise wezingane bufaka izindleko zokuhamba futhi kuyabiza ukuya e-Australia ngakho-ke angahlangatshezwa kanjani kulokhu?

See Also

Ekugcineni uMehluleli uyalele ukuthi ubaba wezingane nommeli kammangali kumele bayidingide eyezindleko zokuhamba okuyilapho uMotsamai ezobe esedweba  umyalelo. UMehluleli uthe uma begculisekile ngawo bayobuyela eNkantolo bese iwenza umyalelo owujuqu.

Imigudu yokufuduka nengane

Kuhle ukuba umuntu azilungiselele uma efuna ukuthatha ingane esencane ngeminyaka yobudala ahambe nayo ayozinza kwelinye izwe. Esimweni lapho ubaba wengane enamalungelo obuzali nothwalo wokubheka ingane, imvume yakhe iyadingeka ukuze unina wayo akwazi ukuhamba nayo. Kuningi okufanele kubhekwe kodwa okukhulu kakhulu ukuthi bobabili abazali kumele babe nokuvumelana. Uma kwedlula lapho udaba lungadluliselwa enkantolo.

Uma kwenzeka ubaba wengane enqaba unina wayo angafaka abezomthetho azame ukunxenxa inkantolo ukuba imphoqe. Isinqumo lapha siyokhishwa ngokubhekelela ingane.

Kubalulekile ukuthi uma umzali esehambile nengane ibe khona indlela yokuxhumana phakathi kwayo nomzali osele emuva. Ziningi nokho izindlela zokuxhumana ezingasetshenziswa okubalwa izinkundla zokuxhumana nokunye. Nangaphandle kwalezi zindlela, zikhona ezinye okungathunyelwana ngazo imiyalezo.

Ngezikhathi zamaholide noma zokuvakasha, kuwumqondo ophusile ukuthi omunye umzali ingane engahlali naye asithole isikhathi esiyizinsukwana azosichitha nengane yakhe. 

Scroll To Top