Inkantolo yezomndeni yethulwe ngokusemthethweni eThekwini



UMbatha ngumhleli nomhluzi wezindaba kwelaboHlanga.
Njengoba zanda izigameko zokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane kuleli, baningi abakuthola kunzima ukuthi amacala abawafake ezinkantolo aqulwe kuze kufike esiphethweni ngenxa yobuningi bamacala alolu hlobo.
Ukungasingathwa kahle kwamacala odlame lwasekhaya nawesondlo kuholela ekutheni umphakathi ugcine usuphelelwe yithemba ezinkantolo nakwezobulungiswa jikelele.
Ukuvulwa kweNkantolo Yezomndeni ePhoyinti, eThekwini, ngoLwesihlanu womhla zingama-26 kuNdasa wezi-2021 kubuyise ithemba emalungwini omphakathi akhahlamezwe yilolu hlobo lokuhlukumezeka.
Le Nkantolo ivulwe uNgqongqoshe Wezobulungiswa Nokuthuthukiswa KoMthethosisekelo uRonald Lamola ehambisana neMeya yoMkhandlu iTheku uMxolisi Kaunda.
UNgqongqoshe uLamola uveze ukuthi le Nkantolo izokwethulwa ekaMantshi eThekwini umthwalo njengoba izobhekana namacala amaningi ebiwasingatha. Izophinde inciphise isibalo sabantu abanezinkinga zodlame lwasekhaya nesondlo. EkaMantshi eThekwini ibisiza iningi labantu abaphuma ezindaweni ezifana noMlaza, iKwaMashu, iChatsworth nePhoenix.
Le Nkantolo izoba ngeyokuqala eNingizimu Afrika lapho abagilwa bodlame lwasekhaya bezokwazi ukufaka izicelo zomyalelo wokuvikelwa nge-inthanethi kanti kwethenjwa ukuthi izosatshalaliswa nakwezinye izindawo.
ENingizimu Afrika izinkantolo zezimantshi zasungulwa okokuqala eKoloni yaseKapa ngowe-1830 okwalandelwa ukuthi zivulwe naseNatali ngowe-1846. Ngonyaka we-1910 lezi zinkantolo zase ziqala ukubonakala ukusebenza kwazo hhayi kuphela njengezihlinzeka izidingo emphakathini kepha njengohlelo lozobulungiswa.
Ngowe-1917 kwaphasiswa uMthetho Wezinkantolo Zezimantshi okwakuhloswe ngawo ukuba kusungulwe uhlobo olulodwa lwezinkantolo zezimantshi ezweni lonke. Lo Mthetho waphinde waqinisa kakhulu amandla alezi zinkantolo.
Ngokwalo Mthetho, uMbusi Jikelele wayenomsebenzi wokuqoka izimantshi nakuba iPublic Service Commission (PSC) yayinawo amandla okwenza izincomo njengoba yenza kuzona zonke izisebenzi zikaHulumeni.
Kodwa njengoba leli zwe selibuswa ngokwentando yeningi lokhu sekushintshile izimantshi azisathathwa ngengabalawuli kodwa njengezikhulu zezobulungiswa.
Ekhuluma emcimbini wokuvulwa kwale Nkantolo uNgqongqoshe uLamola uthe: “Njengoba sivula le Nkantolo namuhla okuyinyanga Yamalungelo Esintu, siphinda sigcizelela inkolelo yethu eqinile yokuthi yizindawo ezifana nalezi lapho okungagcinwa ngokuthi kusetshenziswe uMthethosisekelo wezwe kepha uphinde ugxiliswe empilweni yethu.”
Uthe kwandile ukuthi kube ngabesifazane abagcina sebenakekela izingane zabo ngabodwana okuyinto engagcini ngokudala izinkinga emphakathini kodwa ifaka uhlobo lodlame lobulili kwazise abesilisa ababalekela ukukhulisa izingane zabo ngokwenza kwabo lokho benza lolu hlobo lodlame.
“Ukondliwa kwengane nokuyeseka udaba lobulili. Abaningi bethu sinabo ubufakazi bokuthi ngomama abakhulisa izingane ngabodwana nezingane abakhahlanyezwa kakhulu ububha. Ngakho-ke ukukhokha isondlo akusikho ukwenzela umama wengane umusa kodwa kuyimpilo yomphakathi ikakhulukazi izingane zethu,” kubeka uNgqongqoshe uLamola.
Uthe kungalesi sizathu uMnyango wakhe usuqhamuke nendlela yokulandelela abangasikhokhi isondlo kusetshenziswa ubuchwepheshe. Uveze ukuthi ngalobu buchwepheshe abaphenyi abaqondene nesondlo bayakwazi ukuqinisekisa ukuthi ubulungiswa buyenziwa enganeni. UNgqongqoshe uthe ngalokhu basiza ikakhulukazi omama ababheke izingane.
UNgqongqoshe uqhube wathi iSigaba 28 soMthethosisekelo sibiza ukuthi wonke umuntu enze okuthile ukuze kusizakale ingane. “Ngale Nkantolo namhlanje sigxilisa lelo lungelo. Kule Nkantolo siqhamuke nezinto ezithile emizamweni yethu yokwenza ezobulungiswa ukuba zibe yimpendulo esebenzayo odlameni lubulili,” usho kanje.
Uthe ngalesi sakhiwo nezinto ezitholakala kuso njengamagumbi abagilwa, abakhombisi kuphela ukusukumela olwezinkantolo ezibheka izindaba ezibucayi ezithinta ubulili kepha nokubhekelela izidingo zabesifazane.
UNgqongqoshe uqhube wathi ngale Nkantolo bazokwethula uhlelo iNational Strategic Plan on Gender Based Violence and Femicide. Uthe babhekana nezinkinga ezikhona ngokusebenzisa imithetho efana neDomestic Violence Act, iMaintenance Act, iChildren’s Act, iPromotion of Equality and Prevention of Unfair Discrimination Act, i-Employment Equity Act neProtection from Harassment Act.
“Lokhu kuseyisiqalo sohlelo lwezobulungiswa olubheka umgilwa nabaphunyuke odlameni. Ngifisa ukuncoma iNkantolo Yezomndeni noMnyango Wezemisebenzi KaHulumeni neNgqalasizinda ngokunqoba inselelo bakwazi ukwethula lesi sakhiwo nakuba siphila ezikhathini ezinzima.
Ubhubhane ukhuvethe lusiphoqile ukuba sihlele kabusha izinhlelo zethu, senze izinto ngesinye isikhathi esisha esibekiwe,” kusho uNgqongqoshe uLamola.
Ubalule nokuthi nonyaka kuhlangana iminyaka engama-25 kwasayinwa uMthethosisekelo wezwe wathi ibekhona impumelelo eningi ebihambisana nezinselelo nezifundo ezithile.
Uthe ezindaweni eziningi zezwe, udlame olubhekiswe kwabesifazane lusadla lubi, abesifazane nezingane basabhekene nobuhlungu obunzima obenziwa yilabo okufanele ngabe bayabavikela.
“Kaningi sibhekana nokukhala kwabagilwa bodlame lobulili, kungale Nkantolo lapho sifuna ukubhekana nalesi sililo ngendlela ezogqugquzela abanye ukuba baphuma bafune ubulungiswa. Ngale Nkantolo sifuna ukuqinisekisa ukuthi abahlukumeza nababulala abesifazane abaphunyuki bengajezanga ngamacala abo,” kubeka uNgqongqoshe uLamola.
Uphethe ngokuthi abantu sebemashile, bateleka futhi bafuna ukuvikelwa kwamalungelo abagilwa bodlame olubhekiswe kwabesifazane, njengoMnyango bakuzwile ukukhala kwabo baphendula ngale Nkantolo.
“Sithi akube khona ubulungiswa, akubuyiswe amalungelo nesithunzi salabo abahlukunyeziwe,” usho kanje.