Now Reading
Isicelo sokwedluliswa kwecala singachithwa uma singenamthelela
Dark Light

Isicelo sokwedluliswa kwecala singachithwa uma singenamthelela

INkantolo Yokwedlulisela Amacala kuthe zingama-21 kuNhlolanja nonyaka yalalela icala ebeliphakathi kukaMnu uTimothy Fanfani Mabaso noKhomishana Wamaphoyisa Kuzwelonke uKhehla Sitole. Leli cala belihlalelwe uMehluleli uNavsa, uVan der Merwe, uMakgoka, uMokgohloa no-Eksteen. Isinqumo salo sakhishwa zingama-29 kuNdasa.

Ingxenye yesithathu yeSigaba soMthetho i-Institution of Legal Proceedings Against Certain Organs of State Act 40 yowezi-2002 ithi akukho okungenzeka okuhambisana nomthetho ukufaka icala ukuze ukhokhelwe wuhlaka lukaHulumeni ngaphandle uma lowo ofuna ukukhokhelwa ebhale phansi isaziso sakhe esibhekise kulolo hlaka lukaHulumeni ngezinhloso zakhe zokufaka lolu daba kwezomthetho.

NgokweSigaba 3(2) salo Mthetho, isaziso salolu hlobo kumele senziwe esikhathini esiyizinyanga eziyisithupha emuva kokuba kufakwe isicelo samadameshe. Uhlaka lukaHulumeni okukhulunywa ngalo kuleli cala uMnyango Wamaphoyisa, omelwe uNgqongqoshe Wamaphoyisa ongummangalelwa wesibili, ummangalelwa wokuqala uKhomishana Wamaphoyisa.

Okwakuyingqikithi kulokhu kudluliselwa kwecala kwakungukuthi uma uhlaka lukaHulumeni luthola lesi saziso linaso yini isibopho sokuthatha isinqumo sokuthi lusamukele noma lusichithe noma lukhokhe lawo mademeshe ngaphambi kokuba udaba luze luhambe kakhulu, noma lunike izizathu kulowo ofuna ukukhokhelwa.

INkantolo Enkulu iWestern Cape Division yawuphendula lowo mbuzo ngendlela enokuphikisa yalichitha icala yathi kumele kukhokhwe nezindleko zalo.

Okwenzeka kulolu daba ukuthi zilishumi kuNhlangulana ngowezi-2015 ummangali uMnu uTimothy Mabaso, esebenzisa abameli bakhe wafaka isaziso ngokulandela iSigaba 3 (1) soMthetho kuKhomishana Wamaphoyisa ngezinhloso zakhe zokuvula icala ukuze akhokhelwe amadameshe nguNgqongqoshe.

Lesi saziso senziwa esikhathini esiyizinyanga eziyisithupha njengokugunyaza koMthetho. Kusona kwakwenziwa izinsolo zokuthi emuva kokuboshwa kwakhe wagcinwa ezitokisini zingama-20 kuNhlolanja wezi-2015, uMabaso washaywa ngamaphoyisa ngesikhathi evalelwe.

Wayefuna ukukhokhelwa izi-R400 000 ngokucekelwa phansi kwempilo yakhe nokulahlekelwa umholo, efuna ukukhokhelwa zingakapheli izinsuku ezili-14. Kwacweba iziziba ngesaziso sakhe ngasohlangothini loMnyango Wamaphoyisa nencwadi eyalandela ayibhala zili-12 kuNtulikazi wezi-2015 ayizange ilandelelwe.

Ekuxhumaneni kwabo, esikhundleni sokuba kukhokhelwane, kwaphoqwa uKhomishana ukuba athathe isinqumo zingakapheli izinsuku ezili-14 ukuthi uyavuma yini ukuthi waba nephutha.

Wanikezwa kuze kube ziyisikhombisa kuNcwaba wezi-2015 ukuba athathe isinqumo, uma lokho kungenzeki kuzofakwa isicelo njengoba ummangali enamalungelo efuna ukuba kuthathwe isinqumo. Akubanga khona mpendulo nakuleyo ncwadi nokuxhumana nabo akuzange kuthele zithelo.

See Also

Kwaze kwathi zimbili kuZibandlela wezi-2015 uMabaso wafaka isicelo enkantolo sokuba uKhomishana Wamaphoyisa enze isibophezelo sokuvuma icala, okanye alichithe noma akhokhe amademeshe ngokulandela umthetho iPromotion of Administrative Justice Act3 wezi-2000 (PAJA). ABehluleli bathi ngokobufakazi obabuphambi kwabo babetshelwe ukuthi kwabe sekukhishwe amasamanisi eqondiswe eMnyangweni ngoLwezi wezi- 2017, nokuthi uMnyango uyaphikisana nalokho.

Kwathi ziyisithupha kuNdasa wezi- 2019, ummeli wommangali wafaka isicelo lapho kwaqnisekiswa izinto ezithile: njengoba kwakumele isicelo sicutshungulwe zingama-20 kuNhlolanja wezi-2018, amasamanisi akhishwa zingama-24 kuZibandlela wezi-2017, athunyelwa zingama-24 kuZibandlela wezi-2017.

UMnyango wanconywa ngokukhipha isinqumo zili-18 kuMfumfu usuku lwecala belungakakhishwa. ABehlulelii bathi akukho okuphoqa uMnyango ukuba uthathe isinqumo. ISigaba 16 soMthetho iSuperior Courts Act 10 wezi-2013 sithi: Uma sekufike esikhathini sokulalelwa kwecala umsuka wodaba usekutheni noma isinqumo singathathwa kodwa angeke sibe namthelela otheni, isicelo sokwedluliselwa kwecala singachithwa ngalokho nje.

Ngokujwayelekile, izinkantolo azikwazi ukuthatha izinqumo ngokukhetha iphela emasini noma ngokubheka ukuthi bangobani abathinteka kulelo cala.

Ukwenza isibonelo ecaleni leRadio Pretoria v Chairman, Independent Communications Authority of South Africa & another 2005 eSigabeni 41 kwabalulwa ukuthi izinkantolo zingathatha isinqumo ezintweni eziwukungaboni ngasolinye ezibambekayo, azikwazi ukuqagula noma zenze imizekeliso. Isicelo sokwedlulisela icala sachithwa.

Scroll To Top