I-USA, iNATO, i-UK, iCanada ne-EU nombimbi lokunqinda iChina esimisa umsila



UShozi yisifundiswa nombhali wezindaba zesimomazwe, wenza iqhuzu lePHD.
I-United States of America (USA) namazwe ase-Europe sebevumelene ukuthi kumele baqondane ngqo neChina eziphatha umathanda. Lokhu kulandela isinqumo se-USA sokufaka unswinyo kuzikhulu zikaHulumeni zaseChina ezisolwa ngokuhlukumeza amalungelo abantu entshonalanga yesifunda iXinjiang.
NgoLwesithathu, uNobhala Jikelele kaHulumeni e-USA u-Antony Blinken uthe ufuna ukusebenzisana namazwe adlelana nezwe lakhe ekuqiniseni amaxhama kwezomnotho kanye nakunqanda iChina esidelela umthetho obusa wonke amazwe omhlaba. UBlinken ukhiphe le nkulumo emuva kwezingxoxo ebezikomkhulu le-European Union (EU) eBrussels noNgqongqoshe bezangaphandle emazweni angamalungu enhlangano i-North Atlantic Treaty Organization (NATO).
Emabhilidini afanayo, ngoLwesithathu ube nomhlangano noMengameli we-European Commission u-Ursula von der Leyen kanye nomholi woMnyango Wezangaphandle ku-EU uJosep Borrell ngenhloso yokudingida elokufaka iChina amatomu.
Ngalo mhlangano uBlinken uthe: “Uma sisebenzisana akekho ongasilokotha kanti angeke sanquma lutho uma wonke umuntu esebenza ngokwakhe”.
Akugqamise kakhulu uBlinken ukuthi iyodwa i-USA ineGross Domestic Product (GDP) engama-25% emhlabeni wonke kanti uma iqhathaniswa nabahlobo bayo abase-Asia nase-Europe ingama-60%. Uthi lokhu kuyinto enzima kuChina ukuthi iyithathe kalula.
NgoMsombuluko i-USA, i-EU i-United Kingdom neCanada bamemezela unswinyo ezikhulwini zikaHulumeni waseChina ezithinteka ekuhlukumezeni amalungelo abantu esifundeni iXinjiang. IChina yaziphindiselela kulokhu ngokunswinya abantu abayishumi e-Europe okubalwa kubo abashushisi, osolwazi kanye nakuzikhungo ezine zemfundo ephakeme.
UHulumeni waseChina uthe lawa mazwe asethikameze kakhulu izinhloso zawo emazweni angaphandle kanti aphinde ahambe esakaza amanga ngawo ngenhloso yokucindezela iChina nokuyihlambalaza.
Ngaphambilini, lo Hulumeni ubukuphika ukuthi kukhona izindawo lapho kuboshwa khona kugqilazwe ngomsebenzi labo abakholelwa enkolweni yamaSulumane eXinjiang kodwa lokhu kukhuluma sekushintshile njengoba lo Hulumeni usuthi awekho amajele kodwa kunezikhungo zokuqeqesha ngokwamakhono omsebenzi kanye nokusiza labo abanomcabango wokuhlale besusa udweshu kanye nokuvukela umbuso ukuthi babuyekeze izimpilo zabo. Izikhulu zikaHulumeni eChina zizichitha zonke izinsolo zokuhlukunyezwa kamalungelo abantu.
Enkulumweni phambi kwamalungu eNATO, uBlinken uthe ukuziphindiselela kweChina ngonswinyo kwenza kubaluleke ukuthi basebenzisane futhi basekane okungenjalo bazozithola sebebanjwe yiChina ngamakhwahla. I-EU neChina banobudlelwano obuyindida njengoba nakuba zithibelene kodwa akekho owedlula bona ngokuhwebelana.
Ukudlondlobala kweChina kwezomnotho nakwezombutho kanye nezikhali zempi yikho okungehli kahle ku-EU njengoba le nhlangano izithola isisemseni waleli lizwe. Okungakho kungethusi ukugqanyiswa nokuqhakambiswa kwaleli chashaza lokuhlukunyezwa kwamalungelo abantu.
NgoZibandlela wanyakenye lezi zinhlaka zasayinde isivumelwano sotshalomali esinikeza kakhulu i-EU amandla ezimakethe zaseChina njengoba kwenzeka nge-USA. Lokhu kwamenyezelwa kusele amavikana ambalwa ukuthi uJoseph Biden Jr athathe ngokugcwele isihlalo sobumengameli e-USA.
Lokhu kwahlaziywa njengokuzama ukumeqa lo Mengameli uwayekhankasa ngelokuqinisa isandla kakhulu kuChina akathi kade yaqala ukubachamela ikhanda kanti lokho sekufike lapho okuphela khona.
UBlinken uthe i-USA angeke idwebele abahlobo bayo umugqa obovu ukuthi bacacise uhlangothi abakulo embangweni wayo neChina. Akaxwayise ngakho ukuthi iChina isiqala ukuziphatha ngendlela evivinya amazwe omhlaba.
Uthe nakuba kukuningi amazwe okumele asebenze neChina kukho ikakhulukazi ezindabeni ezithinta ukuguquguquka kwesimo sezulu okunomthelela omubi kanye nezokuphepha kodwa kuningi abahlobo babo okumele bakuqaphele ngaleli lizwe esiliqala limisa umsila.
INATO ne-EU bakuvezile ukukhathazeka kwabo ngemizamo yeChina yogwamanda nokulawula izingxenye ezithile zolwandle, ukwakha iziqhingi ngokungemthetho ngenhloso yokuzisebenzisa njengezizinda zokuhlolwa kwezikhali nokuphendulwa iziqhingi zemikhumbi yempi. Lezi zinhlangano ziphinde zazwakalisa ukungenami ngokuziphatha kweChina olwandle olusezansi kwayo njengoba lelilizwe lisolwa ngokuhlwitha omakhelwane ilungelo lokudoba nokungcebeleka kulegxenye.
Leli lizwe alifihlile ukuthi linentshisekela yokuba yiqatha elingayibinda iNATO ne-EU kanti likwenza lokhu kunezinsolo zokuthi lintshontsha ubuchule bokwakha izikhali kanye nezindiza ezibeletha izikhali ngokusebenzisa ubuchwepheshe bamanje.
UNobhala Jikelele weNATO uJens Stoltenberg uthe le nhlangano ayiyiboni iChina njengeqatha elingayibinda okwamanje kodwa kukhona ukukhathazeka ngesivinini sokwakhiwa kwezikhali ezihambisana nobuchwephe obungaqondakali kwesinye isikhathi obuntshontshiwe.
UStoltenberg uyavuma ukuthi kukhona iChina ekufihlile. Akuqaphelayo ukuthi minyaka yonke imali leli lizwe eliyifaka ekuthuthukiseni ubuchwepheshe bezikhali iyakhula kanti liphinde ligxile kakhulu ezikhalini ezisebenzisa ubuchwepheshe benuzi. Kube nesivumelwano esitji inatho ayiqhubeke nokuqapha ngolokhozi iChina iphinde izame ukulilekelela lelilizwe ekuletheni idemokhrasi.
Echaza ngale nkulomo uStoltenberg uthe: “Asidleli esitsheni esisodwa neChina. Siyabona futhi siyakhathazeka ngendlela eyicindezela ngayo imibhikisho yedemokhrasi eHong Kong, indlela abacindezela ngayo labo abehlukile eningini njengesizwe ama-Uyghur wona alandela inkolo yobuSulumane nangendlela edelela ngayo imithetho elawula wonke amazwe omhlaba”.
Ne-United Kingdom nayo iphumele obala yeseka isinqumo sokunqinda iChina.